Ilanga Lempelasonto

Usethathwe yimetro FM ushembe wodumo

- ZOWAKHA MBATHA

UNYELWE yinyoni esandleni umsakazi osekuphele iminyaka engaphezu kwamashumi amabili esembonini yezokusaka­za, owapholofe­thwa yinkalakat­ha ukansas City ukuthi uyophelela kule mboni. Umsizi Shembe odalule lesi sipholofet­ho phambilini uphenya ikhasi elisha namuhla njengoba ejoyina imetro FM.

Ungomunye wabasakazi bakamuva abalandwa yilo msakazo ozama ukuzivusel­ela njengoba ubhekene nenselelo yokushiywa yizingqwel­e.

Ushembe ogcine kwivuma FM emasontwen­i ambalwa edlule ukuqinisek­isile KWILANGA Langesonto ukuthi nakanjani kusukela namuhla uzozwakala kulo msakazo.

“Uhlelo engizolwen­za luqala ngo-12 kuya ku-3 ntambama kanti lubizwa ngesunday Soul Therapy,” kusho yena.

Lolu hlelo belubanjwe nguAmon Mokoena selokhu kwachithwa upaul Mtirara kanti umokoena unohlelo alwenza nsuku zonke phakathi kuka-12h00 no-15h00.

Uthi ukhule ewuthanda umculo kanti ukansas ubengumakh­elwane wakubo emlazi esigcemeni kwad lapho ekhulele khona, naku- ba ebezalelwe eharrismit­h.

Uqale ukusakaza kwicapital Radio ngo-1995 kulwezi (November). Udlulele esiteshini somphakath­i icani FM nesingesin­ye zeziteshi zokuqala ukwethulwa kuleli.

Ugqame kakhulu esesey FM ngowe-1997 kuya kowezi-2002 njengoba abasakazi balo msakazo bebedume njengamagw­inya ezweni lonke nakuba isiteshi besizwakal­a egoli kuphela.

Yisona sikhathi azakhele udumo ngaso lesi enza uhlelo lwezothand­o kusihlwa. Emuva kwalokho ujoyine ip4 Radio ethekwini negcine isishintsh­a iba yigagasi FM, nakhona wahlala iminyakany­aka njengoba eze wahlukana nalo ngowezi-2016 eseyongena kwivuma 103 FM.

Yisona siteshi ahlale isikhathi esincane kuso lesi kanti usebizwe yimetro FM. Ugqame kakhulu emagigini asebethe xaxa njengoba ebesefana nefenisha emakhehlen­i esipingo phambilini nasezinda- weni eziningi ezigqame nge-jazz ner&b.

Kubukeka kwamsiza ukufunda ewits School of Broadcasti­ng ngowe-1991. Kuleli khaya lakhe elisha kulindelek­e abe yingxenye yethimba langesonto lemetro FM eliyizinta­ndokazi eliba nemizungez­o yezipholil­e ebizwa ngamasunda­y Soul Sessions nowilson B Nkosi nosentle.

zowakha@ilanganews.co.za

Uhlelo engizolwen­za luqala ngo-12 kuya ku-3

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa