KUZOCATSHWA AMAHLATHI KOWE-GOSPEL POWERHOUSE
IBUYISE ithemba ngekusasa lomsebenzi wenkosi ezweni lonke imibono eqhamuke esithangamini nabezindaba ebesihlelwe yinkampani ithe World Gospel Powerhouse esakhiweni SESABC kuke Masinga Road ethekwini ngoLwesihlanu oludlule.
Omele le nkampani, unkk Zanele Mbokazi-nkambule, uzichazele izihambeli ngenhloso yalo mbuthano ohlelwayo phansi kwesihloko esithi Ubizo, ozothatha izinsuku ezimbili mhla ziyisi-5 kuya mhla ziyisi-6 kunhlangulana (June) nonyaka edurban Exhibition Centre, ethekwini.
Uthe ziningi izizathu eziholele ekuthini kuhlelwe lo mhlangano ongakhethi bandla, esinye sazo okuyimvunge ekhona ngaphakathi emsebenzini weNkosi, phakathi kwabefundisi bokufika nabokudabuka kuleli futhi athe akumele izitshwe.
Uphawule nokuthi lena yinkinga esemabandleni asebenza emphakathini wabamnyama, nokho egqame kulawo mabandla azimele kunalawo aziwa ngokuthi ngawomthetho okubalwa kuwona elamaroma elikhatholika, yisheshi, amaluthela namaweseli.
Ugcizelele ukuthi okuhamba phambili ngalo mhlangano wukuba kubuyelwe ezisekelweni zobizo lokusebenzela inkosi, kulungiswe lokho okudinga ukulungiswa.
Unkk Mbokazi-nkambule ubelekelelwa ngumyeni wakhe, umbhishobhi Mpendulo Nkambule, nombhishobhi S’khumbuzo Mathabela ekucha- zeni inhloso kanjalo nokuphendula imibuzo.
Empeleni uthe ngaphandle kwalo mbandela osushiwo, ziningana ezinye izihloko ezizothintwa kangangoba kulindeleke abaholi bezenkolo abanohlonze phakathi kwabo udkt Simon “SD” Gumbi norev Hawu Mbatha wodumo lo msakazo Ukhozi FM.
Uveze ukuthi ngosuku lwesibi- li kulindeleke ukuba kube khona udkt Thoko Xaluva (umamkhwanazi) omele ikhomishini yamaLungelo Ezenkolo, Izilimi namaSiko ozochaza izinto uhulumeni akhathazekile ngazo, imvamisa ezimayelana nokuphrofetha, yizimangaliso kumbe izibonakaliso, nomkhakha wezimali.
Ubuye wagcizelela iphuzu elithi njengoba lona kuwumhlangano wokuqala walolu hlobo, ukulalela imibono yabantu kusemqoka kakhulu.
Umbhishobhi Mathabela uthinte udaba ngobizo ukuthi alupheleli nje kumuntu ophatha ibhayibheli ashumayele.
Uthe ziningi izigaba zobizo kangangoba abamabhizinisi abaseke umsebenzi wamabandla ngezimali nabo ubizo lolo.
“Ngisho ukuhlabelela umculo wokholo, abadlali bezinsimbi abalekelelayo ngesikhathi kudunyiswa, neminye imisebenzi eyenziwa enkonzweni: konke lokhu kusewubizo,” kusho umbhishobhi Mathabela.
Uthinte futhi nendaba yokuphathwa komsebenzi webandla (administration) wathi ukubhaliswa kwebandla njengenhlangano engenzi nzuzo akusho ukuthi kuphelela lapho-ke.
Wathi kusemqoka ukugcinwa kwamarekhodi akho konke okwenziwayo, egcizelela nokuthi lena yinto okumele ngabe kade yaqala ukwenzeka emabandleni ukuze kungabi nakukhathazeka ngezidingo zekhomishini nohulumeni.
Umbhishobhi Nkambule yena uthinte indaba yabefundisi besifazane abahola amabandla, nokuthi umphakathi nabefundisi besilisa babemukela kanjani. Ngaphandle kwalokhu ubye wathinta iphuze lokucathuliswa kwabasanda kungena emsebenzini wenkosi, kanjalo nobudlelwano phakathi kwabefundisi abasebancane nabadala.