Ilanga Lempelasonto

Bebengazib­oni becula isicathami­ya

- ZAMA NDUKUDE

KUYENZEKA kwesinye isikhathi ingoma idume idlule umniniyo, abanye bagcine bengamazan­ga oyiculayo.

Akuyona-ke into embi leyo ngoba kuchaza ukuthi wumsebenzi ozikhulume­layo. Ngakolunye uhlangothi kumnandi ukwazi ukuthi leli phimbo ngelikaban­i. Kulokhu sikhethe ukuphola nezinsizwa ezisencane zeqembu ithee Legacy. Siphole nazo ngasolwand­le ukuze sixoxe sibe sishaywa wumoya oheleza kamnandi.

Abantu abebebabon­a bakhombise okukhulu ukubathoko­zela, bencoma umsebenzi wabo bengaphezi. Nazo lezi zinsizwa zikhombisa ukubathand­a abantu futhi aziqhenyi, njengoba zigcine sezibacule­la bukhoma, mahhala abalandeli bazo.

Engikuthol­ile wukuthi ukujatshul­elwa lapho behamba khona bakujwayel­e. “Kuyasijabu­lisa uma abantu bewuthokoz­ela kanjena umsebenzi wethu. Umculo wethu wumculo ohambisana nemizwa, umculo wothando yingakho izintokazi zisijabule­la ngale ndlela.

"Okunye-ke, thina singamadod­a akholwayo, athandazay­o futhi siyawuhlon­ipha umsebenzi wethu. Siyakuqond­a ukuthi osisi basuke beqhutshwa yinjabulo hhayi ngoba behlose okuthile,” kusho ujabulani Mthembu ophinde abe ngumsungul­i waleli qembu.

I-LEGACY YINGUNAPHA­KADE Echaza ngegama laleli qembu umthembu uthe: “Leli gama linomqondo ojule kakhulu. Lichaza into eyophila kuze kube ngunaphaka­de, into engenakush­abalala. Ngisho izizukulwa­ne eziyolande­la thina ziyokwazi ukuthi kwake kwaba neqembu okuthiwa yithee Legacy."

Ujabulani uthi into eyenza ithee Legacy ithandwe kangaka yingoba icula isicathami­ya sesimanje.

“Abantu abebesigqu­gquzela futhi ebesibukel­a kubona yiladysmit­h Black Mambazo kodwa thina sifike safaka isigqi sesimanje ukuze umculo wethu ukwazi ukuhambisa­na nesikhathi futhi ulalelwe yiwona wonke umuntu. Ngamanye amagama isigqi sethu si- contempora­ry and cosmopolit­an,” kushibilik­a ujabulani ngesingisi.

Uthi into eyenza kube lula ukufaka isigqi sesimanje yingoba baqhamuka kwizinhlob­o zomculo ezahlukene njengoba beyisihlan­u. Ujabulani ubengumunt­u wer&b futhi engaziboni enza olunye uhlobo lomculo.

UBENGAZIBO­NI ECULA ISICATHAMI­YA

“Bekungakaz­e kungifikel­e emqonqweni wami ukuthi ngingacula isicathami­ya ngimncane kanjena. Empeleni ngangizits­hela ukuthi umculo wesicatham­iya ngowabantu abadala,” kusho ujabulani.

Uma uzwa amaculo afana nowena Wedwa, Sthandwa Sami, Hlala Nami kusuke kungumsebe­nzi wezandla zakhe-ke lowo. Empeleni nguyena obhale wonke amaculo akwi- album yabo. Ikhono lakhe libuye lagqama kakhulu kule filimu ethi Wonderboy njengoba ebhale cishe zonke izingoma ezikule filimu.

Uma uzwa usigqi sezayoni, u- beatbox, kusuke sekungusim­phiwe Skhakhane-ke lowo.

“Bengigxile emculweni wokholo, kakhulukaz­i umculo wezayoni. "Umsebenzi wami wukulalela ingoma bese ngifaka i- harmony noma isigqi esipholile engomeni. Ngibuye ngenze i- beatbox, timing, i- tempo

nesifutho,” kuchaza usimphiwe.

Uphilani Duma yena ubecula i- kwaito. Nguyena owenza kube nale vibe enokudansa phakathi. “Bengenza i- kwaito kodwa uthando lwesicatha­miya lwanginqob­a. Lolo thando lwe- kwaito lusekhona, yingakho kwezinye izingoma uzothola kunomuzwa we- kwaito.

"Uzomangala uma ngikutshel­a ukuthi obaba bethu sonke la eqenjini babecula isicathami­ya. Kwamane kwaziqonda­nela nje,” kuchaza uphilani.

Uma uzwa leya nhlansi ye- jazz

enokudlala ngephimbo, elishintsh­a kusuka kwi- soprano kuya kwi- bass, libuye lithi alto, kusuke sekungenel­ele ukhanyisan­i Mazibuko-ke lapho.

“Ngikhule ngithanda umama ubusi Mhlongo, ujabu Khanyile, ucaiphus Semenya, ubrenda Fassie nolebo Mathosa. Ukufaka i- jazz kwisicatha­miya kwaba wumqondo ophusile ngoba kuyawuphuc­ula futhi kuyawukhul­isa lo mculo,” kuchaza ukhanyisan­i.

Owokugcina ngu-emille Ngcobo nokunguyen­a onekhono lokubhala aphinde ahaye inkondlo engomeni. “Umsebenzi wami wu

kwenza izinkondlo engibuye ngizihaye phezu kwengoma. Ngiphinde ngenze no- bass. Akuvamile ukuthola ingoma ehambisana nenkondlo kodwa thina siyakwenza. Lokhu kwenza ingoma ihlabahlos­e, ingene nasemizwen­i yabantu,” kusho u-emille.

Amalunga aleli qembu asuka enanda, Ntuzuma nakwamashu, (INK area). Ahlangene ngowezi-2013 kodwa i- album aze ayikipha ngonyaka odlule ngomfumfu (October).

U-emille uthi: “Bekukhona ukwesaba kodwa sazitshela ukuthi sizoqhubek­a ngoba yinto esikholelw­a kuyona le. Asizisoli ngokushiya kwethu imisebenzi ngoba sizinikele kulo mculo futhi siyazazi ukuthi sisuka kuphi nokuthi siyaphi,” kusho u-emille.

Izinyembez­i zimane zagcwala amehlo kubona uma sifika odabeni lokuhlanga­na kwabo.

“Sishiye phansi imisebenzi sagxila emculweni ngoba besinethem­ba lokuthi yonke into izohamba kahle. Sonke besisebenz­a, sineminden­i esiyondlay­o kodwa sashiya phansi sagxila emculweni,” kuchaza uphilani.

Uthi wakhala mi izinyembez­i ngesikhath­i benqoba umncintisw­ano wesing Off South Africa nokuyilaph­o bawina khona isamba sika-r250.000

“Ngangikhal­iswa yinjabulo nokukhumbu­la indlela esiyihambi­le. Siyazi ukuthi mningi umsebenzi osasihlale­le kodwa asinalo uvalo ngoba umphakathi uyasithand­a.”

Kuyimanje, ithee Legacy inethemba lokuthola indondo yebest Remix of the Year kowamaSout­h African Music Awards (Sama).

 ?? IZITHOMBE NGU: ZAMA NDUKUDE ?? AMALUNGA ethee Legacy uphilani Duma, usimphiwe Sikhakhane, u-emille Ngcobo, ukhanyisan­i Mazibuko nojabulani Mthembu, oguqile.
IZITHOMBE NGU: ZAMA NDUKUDE AMALUNGA ethee Legacy uphilani Duma, usimphiwe Sikhakhane, u-emille Ngcobo, ukhanyisan­i Mazibuko nojabulani Mthembu, oguqile.
 ??  ?? NGUMHOLI wethee Legacy, ujabulani Mthembu.
NGUMHOLI wethee Legacy, ujabulani Mthembu.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa