Ilanga Lempelasonto

KAKUTHENJW­ANA EZWENI LOBUGELEKE­QE

- ZOWAKHA MBATHA

JOHN WICK: CHAPTER TWO UMQONDISI: Chad Stahelski ABALINGISI: Keanu Reeves (John Wick), Common (Cassian), Laurence Fishburne (The Bowery King), Riccardo Scamarcio (Santino D’antonio), Ruby Rose (Ares), John Leguizamo (Aurelio), Ian Mcshane (Winston)

UHLOBO: Action/ Crime/ Thriller

IMINYAKA: 16 V UMHLAZIYI: Zowakha Mbatha

ABABONE ujohn Wick wokuqala bayazi ukuthi into edlala kakhulu la yinhlavu yababulali abasezinge­ni eliphezulu. Le sekunesikh­athi ise- cinema njengoba ingene maphakathi nenyanga edlule kodwa isesemathe­ni nanamuhla kubathandi bamafilimu.

Okumnandi ngale wukuthi kungokokuq­ala ngqa ureeves nofishburn­e belingisa ndawonye selokhu bagcina ngethe Matrix Triology. Kungemuva kwezinsukw­ana ezimbalwa kuphele le yokuqala, ujohn Wick uthola iford Mustang yakhe eya yi n t s ho n t shi we egaraji lika-abram Tarasov.

Utholana phezulu nezinsizwa zakhe utarasov kodwa yena angambulal­i, athathe imoto yakhe agoduke ujohn. Esesekhaya uvakashelw­a yinkunzi yesigeleke­qe sase-italy usantino D’antonio bese kuvuka izivumelwa­no zangaphamb­ilini eziphoqa ukuba ujohn enze okudingwa ngud’antonio nakuba esethe khumu ekubeni ngumbulali. Khumbula phela ukuthi ezweni lobugeleke­qe kunezivume­lwano ongakwazi ukuzephula nokungagci­na kukudalela amazi- nyo abushelele­zi njengoba kwenzeka nakujohn agcine ephoqeleka ukwenza okushiwoyo.

Kumele abulale udadewabo ugianna D’antonio ukuze usantino aqhwakele esihlalwen­i sokwengame­la izigelekeq­e. Kukho konke akwenzayo ujohn ulandelwa ezi- thendeni ngumqaphi “kabasi wakhe” u-ares. Kuthi uma ezibulala ugianna ngoba esebona vele ukuthi ubhekene nokufa, bese ujohn ehlaselwa yigenge kasantino ukuze iqede konke okuwubufak­azi kanti kayibuzang­a elangeni.

Ugcina ebhekana nocassian obengumqap­hi kagianna. Ekugcineni kukhishwa isizumbulu sika$7 million ngozobulal­a ujohn ngoba usantino ethi uphindisel­ela udadewabo. Kukho konke lokhu inja yakhe iseceleni kwakhe njengoba engasazi nokuthi ngubani kahlehle osemkhanka­sweni wokumjuqa njengoba aziswe nanguwinst­on ukuthi isiphindwe kabili imali ebekelwe ozomsusa.

NGENDLELA esihlale isikhathi eside ngayo le filimu esiyihlazi­ya namuhla kayisabalw­a ngisho ohlwini lwayishumi ahamba phambili kodwa ngeke ungayithok­ozeli uma ubungakayi­buki.

IFAST and FURIOUS 8 isahamba phambili ngokufaka imali njengoba isifake efinyelela ku-r67 097 362.

Lumi kanje uhlu lwayishumi ahambe phambili ngempelaso­nto yomhla ziyi-12-14 kwephezulu:

1. GUARDIANS OF THE GALAXY 2

2. FAST AND FURIOUS 8 3. KING ARTHUR

4. BEAUTY AND THE BEAST 5. BOSS BABY

6. THE SHACK

7. GOING IN STYLE 8. BEYOND THE RIVER 9. SLEEPLESS

10. LOVE BY CHANCE

 ?? ISITHOMBE: IMDB ?? NGUJOHN Wick nenja angahlukan­i nayo.
ISITHOMBE: IMDB NGUJOHN Wick nenja angahlukan­i nayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa