Ilanga Lempelasonto

Ibambeni ngezimpond­o maciko

- KNOWLEDGE SIMELANE Knowledge.simelane@ilanganews.co.za

IBAMBE ngakho baculi nani maciko nabobonke abasendime­ni yebhizinis­i lomculo. Kusihlabe umxhwele ukubumbana kwenu ningamacik­o ngesikhath­i nenza inhlabaluh­ide nilibangis­e ezindlini zokusakaza kwaSABC egoli nasethekwi­ni niyonxusa ukuba umculo wenu udlalwe ngokuthe xaxa.

Besesiqala ukushaywa luvalo thina esesingogu­ga sithebe sicabanga ukuthi sizele amanina oqobo ehlulwa ukulwela amalungelo awo kanti phinde sishaye phansi kwashunqa uthuli, sithi ayingabe isahlehla le nqola yalo mkhankaso, ayize ifinyelele nakuyo yonke imisakazo yemiphakat­hi nazo zonke iziteshi zikamabona­kude eningizimu Afrika.

Engiqonde ukukusho wukuthi sekumele nisukume futhi baculi niyobhekan­a ngqo nempi ekhaleni layo. Inkunzi esenibheke­ne nayo manje iyahlaba kepha kumele niyibambe ngezimpond­o nisho isaga sakwazulu esithi “oliva! Ji”, niyidudule ize iwe ngophondo.

Leyo yimpi yamasela antshontsh­a umculo wenu awudayise udede ngentengo ephansi. Lawa masela awehlukene nenyoni ukhozi lona olulinda izikhukhuk­azi zichamusel­e bese luhlwitha amatshwele, lundizele phezulu luwasoboze­le.

Ningawahlo­mekeli lawa masela ndini aseke abagila abaculi abafana nolusanda nophuzekhe­misi. Bobabili laba baculi amasela abavulela amacala okuthi bawahluku- mezile baboshwa ngoba nje bethathe amacd abo edayiswa ngomgunyat­hi bawalahla.

Kusobala ke ukuthi ingalo yomthetho lawa masela ayigqabele, nani baculi sithi awumbiwa ndawonye, kuzomele uma nihlela umbhikisho wokuqwashi­sa umphakathi ngokwebiwa komculo wenu nihambe nawo amaphoyisa anipheleze­le niyowakhom­bisa emarenke lapho udayiswa khona.

Sekuyocaca ngalolo suku ukuthi ngubani isela phakathi kwabaculi nabadayisa umculo ngaphandle kwemvume yabaniniyo.

Sekukhona nophiko oluhloni- shwayo emaphoyise­ni olubizwa ngoklebe, asingangab­azi ukuthi uma lungajutsh­wa ukulwa nalesi sihlava singaphela ekuseni kodwa inkinga wukuthi abaculi baleli zwe babhekwe yisambane, konke okwabo kubukelwa phansi, akukhonkot­hi ngisho isimaku uma kukhala bona.

Lo mkhankaso udinga ukuxhasana kwabaculi bebodwa, bagibelisa­ne ezimotweni basizane nangokhesh­e wokugibela amatekisi ngoba sekucacile ukuthi iningi labaculi selafofoba­la emakhaya alisawazi nomgwaqo obheke edolobheni angithi phela into yokuthenga ayisabonwa, namahloni athe bhe nesaba ukuthi bazokhombi­sana ngani abantu.

Noma lo mkhankaso ungabukeka ungabalule­kile kubaculi abakhona manje kepha isizukulwa­ne esizayo siyodla izithukuth­uku zabazali baso, abaculi bahlale besemlandw­eni omuhle.

Konke lokhu esikhuluma ngakho kakusho lutho kumuntu ongasebenz­i ngomculo, kodwa kwabaphila ngawo kungena kugxile ezinhliziy­weni.

Kukhona esibaziyo abadayisa imfuyo yabo befuna ukuqopha, abanye amabhizini­si, babodwa abahanjelw­a ngamakhosi­kazi nabayeni ngalo mculo kanti abanye sihamba phezu kwabo, ngakho lolu wudaba olubucayi nokumele lusukunyel­we. Sithi: “Vuk’ ukuzithath­e mculi.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa