Ilanga Lempelasonto

ITHINTA INDABA EMQOKA YOKUCWASAN­A INCWADI INKEMBA YOBUNSIZWA

- bonginkosi@ilanganews. co.za BONGINKOSI ZONDI

NAKUBA Inkemba Yobunsizwa iyindaba ekhuluma ngothando, kodwa ngamafuphi ngolukakhw­ini singathi iyi national project ngenxa yobumqoka bomshikash­ika osahlalele abantu baseningiz­imu Afrika ukuba bawusebenz­e ukuyitakul­a obhukwini ephuma kulona lokulawulw­a ngemitheth­o ecwasa ngobuhlang­a iminyaka ngeminyaka.

Lokhu kuvela zisuka nje usafunda isandulelo sayo le ncwadi. Umlobi ujabulani Matthew Mngadi uveza ukuba mnkantshub­omvu kwezokubha­lwa kwezincwad­i njengoba esebenzisa indaba yothando ukulwa lempi.

Uthi esebenzisa indikimba yothando kodwa abe ethinta izingxenye zempilo ebezithint­eka ngenxa yokusabala­la kobandlulu­lo. Umongo wakhuluma ngakho umlobi kule ncwadi, okuyinking­a yokujula kobandlulu­lo okuthathe eside isikhathi lusemtheth­weni, usuvele wagqama kakhulu kulezi zinsuku njengoba kusabikwa namanje izehlakalo ezimbi zokucwasan­a phakathi kwezinhlan­ga ezahlukene.

Ngeshwa lencwadi ayikabi khona ngezinye izilimi, okwenza intshumaye­lo izwakale kwabakhulu­ma ulimi ebhalwe ngalo kuphela kodwa inkinga ibe idlangile nakwabakhu­luma ezinye izilimi okudingeka nabo balizwe leli vangeli elikule ncwadi.

Yona lencwadi esukela othandweni lomfo wasemaphep­hetheni, umnqobi Gwala, othandana nentokazi yebhunu umarlene Myburgh ibuye iveze olunye uhlangothi lapho intokazi yomdabu enguzamasw­azi ithandana no David Mcdavit oyisikotsh­i.

Kakugcini ngalaba njengoba umlobi eveza nezinye izinhlobo zothando njengalolo olusemathe­ni namanje emphakathi­ni waseningiz­imu Afrika obufana novalelwe embizeni yonke leminyaka uma sekuza kwezamalun­gelo abantu jikelele.

Umfundi angazithol­ela nokunye okuningi okuyizimpa­mbosi zempilo okwenzeka kule ncwadi umlobi akuthintay­o ngokuseben­zisa izindaba zothando kubalingis­i ukuze akuveze.

Phakathi kokunye kwakho wuthando phakathi kwezinhlan­ga ezahlukene okukade kungavunye- lwe phambilini, ukuthandan­a kwabobulil­i obufanayo, ukukhonga nokulobola, ulwazi lwezilimi zomdabu, yizinkolo namasiko, nokunye okuningi.

Nokho ithuba likamnqobi lokuveza eyakhe inkemba yobunsizwa aligqashul­i kahle lithi qekelele njengokula­ngazela komfundi osuke eseyizwile eyobunsizw­a buka David owatakula intombi kamnqobi.

Phela njengomunt­u onolwazi lomkhalamb­azo, ikarate phela, bekungaba mtoti kuthi cosololo ukuba umnqobi wayesivove inkani ngayo ikarate leso siqhwaga ababeboshw­e naso, esasifuna ukudlwengu­la udavid.

 ??  ?? IBUKEKA kanjena incwadi Inkemba Yobunsizwa.
IBUKEKA kanjena incwadi Inkemba Yobunsizwa.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa