Kudliwa amandla omuntu omnyama
Bagxishwa ngemifanekiso eyibeka kabi i-afrika abasemelika
IQHUBEKA KWEYEDLULE
IQINISO lithi: Ama- pyramid ne- sphinx kwakhiwe kusasele iminyaka eyizinkulungwane izifikanamthwalo zitheleke kuleli zwekazi i-afrika. Iqeqebana labamhlophe liyakwazi lokhu kodwa liyawufihlela umphakathi.
Umhobholo wabo ongapheli wokugweva namandla nokucanasa ngawo ezweni labamnyama, kwenza kube nesidingo njalo sokuba lokhu bangakuvumi obala ukuthi abase-egypt yasendulo kwakungabantu abamnyama, bengeke bakuvuma futhi nokuthi okunye kweminikelo esemqoka emlandweni wesintu, ngokwabantu abamnyama.
Lolu wuhlelo lwempi yobuchopho. Vele iqeqebana labamhlophe soze lakwazi ukufundisa abantu abamnyama umlando oyiqiniso wase-afrika kubantwana abamnyama kodwa liqhubeke nokubacindezela.
Phela uma abantu befundiswa iqiniso ngomlando wobukhulu babo, ngeke baqhubeka nokwamukela ukucindezelwa kwabo.
Kuye kuqubuke ngaphakathi kubona ukuzazi nokuzethemba okubatshela ukuthi “Hheyi Ngeke Sisawumela Lombhedo”.
Leli yiqiniso lendalo yokusebenza komqondo wabantu abahlangene. Ngakho-ke, ukuze abacindezeli baqhubeke nokuqonela labo ababacindezele kumele babenze bakholwe wukuthi vele abanto yalutho.
[Nasi esinye isibonelo esifushane esicacisa ukuthi iqeqebana labamhlophe alisoze labafundisa abamnyama umlando oyiqiniso obalulekile wase-afrika kodwa baqhubeke nokubabusa: Ake ucabange ngabantu behlasela umuzi bese bephanga yonke imi- thombo yengcebo yemvelo kulo. Ngesikhathi sebehamba labo bahlaseli beshiya lowo muzi umahlikihlikana, bathumba izingane zakhona ukuba ziyobasebenzela njengezigqila.
Labo bahlaseli, abesaba ukuthi isiphetho kuyoba wukuziphindisela kwezingane ezigqilaziwe, bayobona kuwenza umqondo ukuba nezinhlelo zokuqinisekisa ukuba labo bantwana bahlala bethembekile kubona.
Ngenxa yokuba abahlaseli, ngamandla ezikhali bekwazile ukuphanga nokubhidliza amakhaya alezi zingane, ngeke bakwazi ukuzenza zethembeke noma bagcine kunokuthula phakathi kwabo nazo ngaphandle kokuba benze izinhlelo zokugcina lezo zingane ezigqilaziwe zithembekile kubona noma kucindezelwe ukukhononda ezingaba nakho.]
Lesi sithombe siyiqiniso elifihliwe ngomlando wabantu abamnyama. Ukuze kuvikelwe umphakathi wabamhlophe ekuziphindiseleni kwabamnyama, iqeqebana labamhlophe langenisa izinhlelo ezimazombe zempi yomqondo ukuze lilawule umphakathi wabamnyama.
Umlando ofundiswa abamnyama basemelika usubuyekezwe kwafakwa nokuningi okungamanga okufihla umlando wempumelelo yempucuko nentuthuko yamaAfrika.
Osomlando abamhlophe ngeke bawufundise umlando oyiqiniso nge-afrika kubantu abamnyama ngoba ngokwenza kanjalo kuyobe kungukuvuma ukuthi bathikameza umlando omkhulu.
Futhi ngeke bakwenza lokho ngoba umlando uyoveza ukuthi abase-europe bebeyizitha ezinonya olwesabekayo kubantu abamnyama.
Ngakho-ke iqeqebana labamhlophe laqalisa ngohlelo lwempi yengqondo olumazombe olwenza izigidi zabamnyama base-america bakholwa wukuthi behlelwa yinhlanhla yokususwa e-afrika eyayisele emuva ngentuthuko.
Lokhu kwenziwa ngokudamane kugxishwa kubantu abamnyama base-america imifanekiso eyibeka kabi i-afrika ngenhloso yokubenza bazenyeze ngefa eliyimvelaphi yabo yase-afria.
Kulolu hlelo baboniswa njalo - yimithombo yezindaba elawulwa ngabamhlophe - imifanekiso ye- Africa ekhungethwe yizimpi, yindlala, wukungafundi nezifo. Kumbalwa, uma kuke kwenzeke, ukuba bakhonjiswe amadolobha acebile namahle ase-afrika.
Ukuveza i-afrika ngale ndlela enengekayo nebonisa kuphela umphakathi odla imbuya ngothi nakuleyo okuyingozi ukuba khona kwenzelwa ukuphoxa nokwehlisa isithunzi kwabamnyama baseAmerica.
Lokhu kubonakala nangenkohliso eqhutshwa ngabamhlophe ethi ngaphambi kokufika kwabamhlophe ababethengisa izigqila, i-afrika lena yabe ingaphucuzekile futhi ingakwazi ukubhala ngakhoke ayinawo umlando obhaliwe. *INCAZELO NGU: Zola Dotwana [Ucashunwe encwadini kafranklin Jones esihloko sithi Black Matrix]