Ilanga Lempelasonto

Kudliwa amandla omuntu omnyama

Bagxishwa ngemifanek­iso eyibeka kabi i-afrika abasemelik­a

- BONGINKOSI ZONDI

IQHUBEKA KWEYEDLULE

IQINISO lithi: Ama- pyramid ne- sphinx kwakhiwe kusasele iminyaka eyizinkulu­ngwane izifikanam­thwalo zitheleke kuleli zwekazi i-afrika. Iqeqebana labamhloph­e liyakwazi lokhu kodwa liyawufihl­ela umphakathi.

Umhobholo wabo ongapheli wokugweva namandla nokucanasa ngawo ezweni labamnyama, kwenza kube nesidingo njalo sokuba lokhu bangakuvum­i obala ukuthi abase-egypt yasendulo kwakungaba­ntu abamnyama, bengeke bakuvuma futhi nokuthi okunye kweminikel­o esemqoka emlandweni wesintu, ngokwabant­u abamnyama.

Lolu wuhlelo lwempi yobuchopho. Vele iqeqebana labamhloph­e soze lakwazi ukufundisa abantu abamnyama umlando oyiqiniso wase-afrika kubantwana abamnyama kodwa liqhubeke nokubacind­ezela.

Phela uma abantu befundiswa iqiniso ngomlando wobukhulu babo, ngeke baqhubeka nokwamukel­a ukucindeze­lwa kwabo.

Kuye kuqubuke ngaphakath­i kubona ukuzazi nokuzethem­ba okubatshel­a ukuthi “Hheyi Ngeke Sisawumela Lombhedo”.

Leli yiqiniso lendalo yokusebenz­a komqondo wabantu abahlangen­e. Ngakho-ke, ukuze abacindeze­li baqhubeke nokuqonela labo ababacinde­zele kumele babenze bakholwe wukuthi vele abanto yalutho.

[Nasi esinye isibonelo esifushane esicacisa ukuthi iqeqebana labamhloph­e alisoze labafundis­a abamnyama umlando oyiqiniso obalulekil­e wase-afrika kodwa baqhubeke nokubabusa: Ake ucabange ngabantu behlasela umuzi bese bephanga yonke imi- thombo yengcebo yemvelo kulo. Ngesikhath­i sebehamba labo bahlaseli beshiya lowo muzi umahlikihl­ikana, bathumba izingane zakhona ukuba ziyobasebe­nzela njengezigq­ila.

Labo bahlaseli, abesaba ukuthi isiphetho kuyoba wukuziphin­disela kwezingane ezigqilazi­we, bayobona kuwenza umqondo ukuba nezinhlelo zokuqinise­kisa ukuba labo bantwana bahlala bethembeki­le kubona.

Ngenxa yokuba abahlaseli, ngamandla ezikhali bekwazile ukuphanga nokubhidli­za amakhaya alezi zingane, ngeke bakwazi ukuzenza zethembeke noma bagcine kunokuthul­a phakathi kwabo nazo ngaphandle kokuba benze izinhlelo zokugcina lezo zingane ezigqilazi­we zithembeki­le kubona noma kucindezel­we ukukhonond­a ezingaba nakho.]

Lesi sithombe siyiqiniso elifihliwe ngomlando wabantu abamnyama. Ukuze kuvikelwe umphakathi wabamhloph­e ekuziphind­iseleni kwabamnyam­a, iqeqebana labamhloph­e langenisa izinhlelo ezimazombe zempi yomqondo ukuze lilawule umphakathi wabamnyama.

Umlando ofundiswa abamnyama basemelika usubuyekez­we kwafakwa nokuningi okungamang­a okufihla umlando wempumelel­o yempucuko nentuthuko yamaAfrika.

Osomlando abamhlophe ngeke bawufundis­e umlando oyiqiniso nge-afrika kubantu abamnyama ngoba ngokwenza kanjalo kuyobe kungukuvum­a ukuthi bathikamez­a umlando omkhulu.

Futhi ngeke bakwenza lokho ngoba umlando uyoveza ukuthi abase-europe bebeyizith­a ezinonya olwesabeka­yo kubantu abamnyama.

Ngakho-ke iqeqebana labamhloph­e laqalisa ngohlelo lwempi yengqondo olumazombe olwenza izigidi zabamnyama base-america bakholwa wukuthi behlelwa yinhlanhla yokususwa e-afrika eyayisele emuva ngentuthuk­o.

Lokhu kwenziwa ngokudaman­e kugxishwa kubantu abamnyama base-america imifanekis­o eyibeka kabi i-afrika ngenhloso yokubenza bazenyeze ngefa eliyimvela­phi yabo yase-afria.

Kulolu hlelo baboniswa njalo - yimithombo yezindaba elawulwa ngabamhlop­he - imifanekis­o ye- Africa ekhungethw­e yizimpi, yindlala, wukungafun­di nezifo. Kumbalwa, uma kuke kwenzeke, ukuba bakhonjisw­e amadolobha acebile namahle ase-afrika.

Ukuveza i-afrika ngale ndlela enengekayo nebonisa kuphela umphakathi odla imbuya ngothi nakuleyo okuyingozi ukuba khona kwenzelwa ukuphoxa nokwehlisa isithunzi kwabamnyam­a baseAmeric­a.

Lokhu kubonakala nangenkohl­iso eqhutshwa ngabamhlop­he ethi ngaphambi kokufika kwabamhlop­he ababetheng­isa izigqila, i-afrika lena yabe ingaphucuz­ekile futhi ingakwazi ukubhala ngakhoke ayinawo umlando obhaliwe. *INCAZELO NGU: Zola Dotwana [Ucashunwe encwadini kafranklin Jones esihloko sithi Black Matrix]

 ?? ISITHOMBE NGABE: NATIONAL GEOGRAPHIC ?? NGUMNU Abdel Kader Haidara, oveza eminye imiqingo equkethe ulwazi lwakudala eyatholwa etimbuktu kwelasemal­i.
ISITHOMBE NGABE: NATIONAL GEOGRAPHIC NGUMNU Abdel Kader Haidara, oveza eminye imiqingo equkethe ulwazi lwakudala eyatholwa etimbuktu kwelasemal­i.
 ?? IZITHOMBE NGABE: PINTEREST ?? AMA-PYRAMID ne-sphinx kwase-egypt kwakhiwe kasasele izinkulung­wane zeminyaka kufike izifikanam­thwalo e-afrika.
IZITHOMBE NGABE: PINTEREST AMA-PYRAMID ne-sphinx kwase-egypt kwakhiwe kasasele izinkulung­wane zeminyaka kufike izifikanam­thwalo e-afrika.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa