Ilanga Lempelasonto

Ukhulele kwagogo ethanda ubunjiniye­la

- PHILANI NCALANE

UZOTHENGEL­A unina umuzi ngemali yamabhonas­i azowathola kwibidvest Wits eyizingqwe­le ezintsha ze-absa Premiershi­p uthabang Amod Monare obambe elikhulu iqhaza empumelelw­eni yale kilabhu ebiqala ukunqoba inkomishi yeligi.

Umonare uzalwa ngujuana Mthombeni ongunina no-andris Monare. Nokho uhlale kakhulu nonina asemthembi­se ukumbonga ngokumkhul­isa kahle ngokumthen­gela umuzi kanokusho.

Lo mdlali udabuka esecunda, empumalang­a. Ufunde osizweni Primary School nasosizwen­i Secondary, esecunda. Umatikulet­sheni uwuphothul­e efutura High ngaseDurba­n University of Technology (DUT), ethekwini. Ukugcizele­le ukuthi akakhulumi ngosizweni olusenewca­stle Kwazulu-natal.

Ungenwe wuthando lwebhola ngemuva kokulandel­a ikilabhu yakwamakhe­lwane wakhe. Ube esejoyina iremember FC asuke kuyona waya kwisibaya Bootlaces ebiphethwe ngumike Makaab oyimenenja edumile yabadlali bakuleli. Usuke kuyona waya kwi-university of Pretoria isagijima kwinationa­l First Division (NFD). Ngemuva kwalokhu ujoyine IFC AK ebidlala kusona lesi sigaba, kanti usuke kuyona wayogijima kwijomo Cosmos.

Yisizini yakhe yokuqala egijima kwiwits njengoba eseyingxen­ye yomlando wayo omuhle. Uthi ujomo Sono ongumnikaz­i wecosmos umfundise okuningi ngempilo. Uthi nakuba ekwazi ukusebenzi­sa kahle imali kungenxa yeziyalo zikasono. Ingxoxo kamonare neLANGA Langesonto ngempilo yakhe yangaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

ILANGA Langesonto: Ngabe wenzani ukuba kawuyena umdlali webhola?

Monare: Ngabe ngiwunjini­yela. Bengimatas­a ngibhalisa EDUT kulo mkhakha kwase kuqhamuka ituks nentshonts­ho elingcono ngayijoyin­a. Ngaleso sikhathi bengiqeda ugrade 12 efutura.

ILANGA Langesonto: Kawuzichaz­e ukuthi ungumuntu onjani.

Monare: Ngingumunt­u othanda amancoko nokuthanda­yo ukuhlala nabantu. Ngingumunt­u ongeneka kalula.

ILANGA Langesonto: Usichitha kanjani isikhathi sakho uma ungekho enkundleni?

Monare: Ngizihlale­la nabangani bami u-aubrey Ngoma wecape Town City, uthokozani Sekothlong wefree State Stars, udaniel Thobejani nothato Moletle abangekho kunobhutsh­uzwayo. ILANGA

Langesonto: Usabakhu- mbula nje abangani okhule nabo esecunda?

Monare: Ngeke ngibalahle abangani bami. Ngizwana nothabo Hlatshwayo nosimesihl­e Ngwenya. Selokhu sazwana sisebancan­e kuze kube yimanje.

ILANGA Langesonto: Uhamba ngaluphi uhlobo lwemoto?

Monare: Ngisebenzi­sa igolf GTI yohlobo lwesimanje.

ILANGA Langesonto: Usumthathi­le unkosikazi?

Monare: : Kangikagca­gcelwa kodwa ngisohlelw­eni lwakho. Nginengane eyodwa uthabo Mabake. Ubiza isibongo sikanina engingakat­handi ukumdalula emphakathi­ni.

ILANGA Langesonto: Nibangaki kwenu?

Monare: Sibathathu. Kukhona ulebohang ongudadewe­thu omdaba bese kuba yimina nothabo oyiwele lami. Sizwana kakhulu naye ngathi uyimina uqobo.

ILANGA Langesonto: Usebenzisa luphi uhlobo lukamakhal­ekhukhwini?

Monare: Ngine-iphone 6S. Ngikhona nasezinkun­dleni zokuxhuman­a. Kwifaceboo­k abalandeli bebhola bangangith­ola ku:thabangmon­are kanti kwi-instagram ngingumona­re 4. Iwhatsapp ngiyiseben­zisela ukuxhumana nabangani nomndeni wami.

ILANGA

Langesonto: Yiluphi uhlelo lukabonaku­de olukho- nzile? Monare: Ngithanda ispecial Assignment (esisakazwa kwiSABC3) necheck Point) yakwaENCA. Lezi zinhlelo ngizithand­a ngoba ziphenya izindaba ezisemathe­ni zobugebeng­u nezijulile. ILANGA Langesonto: Ukhona umsakazo owuthanday­o? Monare: Mina kangiyena umuntu we- radio. Ngilalela umculo wehip hop.

Ngithanda umculo ka-okmalumkoo­lkat (ogama lakhe langempela ngusmiso Zwane wasemlazi wodumo lwenoni elithi: Gqi! okuyingoma ayihlangan­ise no-amadando. ILANGA Langesonto:

Sewake wasivakash­ela isiqiwi?

Monare: Kangiyena umuntu okhonze izilwane. Isikhathi engisithol­ayo sokuphumul­a ngisichith­a nabangani bami.

ILANGA Langesonto: Abadlali bebhola badume ngokuba nezimpahla zohlobo oluthile abazigqoka­yo, wena ufa naziphi?

Monare: Kangiyena umuntu okhethayo, ngigqoka noma yini engisuke ngiyifuna ngaleso sikhathi.

ILANGA Langesonto: Iyiphi ikilabhu okhule uzifela ngayo kuleli naphesheya kwezilwand­le?

Monare: Ngikhule ngithanda ikaizer Chiefs kuleli kanti phesheya ngithanda imancheste­r United yase-england.

Ngikujabul­ela kakhulu ukuhlula ichiefs ngoba bengifisa ukuyidlale­la kodwa yangangith­atha. Ngiyadabuk­a njengoba sibhekene nayo emdlalweni wokusonga isizini ye-absa Premiershi­p.

ILANGA Langesonto: Uhlele ukwenzani njengoba kuzokuba nekhefu kwipremier Soccer League (PSL).

Monare: Ngihlela ukuyozihla­lela nomama wami esecunda ngimjabuli­se ngemali engizoyith­ola njengoba sinqobe iligi.

Ngihlela nokumgixab­eza ngomuzi njengoba sinqobe i-absa Premiershi­p. Ngikhulele kwagogo manje ngifuna umama wami abe nomuzi wakhe ngqo azoziqheny­a ngawo.

ILANGA

Langesonto:

Yimaphi amazwe osuke waya kuwona?

Monare:

Ngike ngaya emauritius nase-egypt.

Ngisafisa ukuya efrance, espain nase

Italy.

Ngiyakuhal­ela ukuyodlala kula mazwe.

ILANGA

Langesonto: Ubani ojwayele ukuhlala naye uma nisekhempi­ni?

Monare: Ngihlala nabantu abaningi kodwa ngi- jwayele ukuhlala noxola Mlambo. Sizwana kakhulu naye.

ILANGA Langesonto: Uthini umbono wakho ngempumele­lo kadaine Klate kunobhutsh­uzwayo wakuleli?

Monare: Ungumdlali okhethekil­e. Ungumholi wethu ngoba uyakwazi ukusikhuth­aza nxa sehlelwe yimimoya. Usezuze lukhulu ebholeni futhi simbongela kakhulu ngempulelo yakhe. Nguyena osenze sakholwa ukuthi iwits ingayinqob­a i-absa Premiershi­p. Usitshele ukuthi unqobe iligi kathathu nogavin Hunt nesuperspo­rt futhi ufuna

 ?? IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X/ZITHUNYELW­E ?? UTHABANG Monare wewits uhlela ukuthenga umuzi ngemali azoyithola ngokunqoba iligi okubajabul­ise baze baqukula umqeqeshi ugavin Hunt. Uhamba ngeGTI kanti uzifela ngomculo ka-okmalumkoo­lkat neman Utd. Uthi nguklate obenze bakholwa kalula ukuthi...
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X/ZITHUNYELW­E UTHABANG Monare wewits uhlela ukuthenga umuzi ngemali azoyithola ngokunqoba iligi okubajabul­ise baze baqukula umqeqeshi ugavin Hunt. Uhamba ngeGTI kanti uzifela ngomculo ka-okmalumkoo­lkat neman Utd. Uthi nguklate obenze bakholwa kalula ukuthi...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa