KUNGASE KUPHINDEKE ESANYAKENYE NGEREKHODI LE-COMRADES
LILENGELWA yizembe irekhodi likaleonid Shvestov eliwu-5:24 kwicomrades Marathon alibeka ngowezi-2008 kusukwa ethekwini kubhekwe emgungundlovu.
Umjaho wanonyaka uzokube umhla zizine kunhlangulana (June) usukela ethekwini usongwe emgungundlovu kanti kubhekwe ngabomvu abasubathi betomtom esematheni kulezi zinsuku ukwenza kangcono isikhathi sangowezi-2008.
Itomtom ngenye yamakilabhu amancane akhula ngesikhulu isivinini ngemuva kokuba ugift Kelehe enqobe lo mjaho ngowezi-2015 engaphansi kwayo kanti ukuyona nodavid Gatebe ophule irekhodi likashvestov eliwu-5:20 wabeka elisha lika-5:18 nyakenye kubhekwe ethekwini.
Ukuba sefomini kwalaba basubathi abaphekwa ngujohn Hamlett, kwenza kulindeleke ukuphuka kwerekhodi nakulo nyaka. Uhamlett ubukeka ewufunda kahle lo mjaho njengoba esehole abasubathi abathathu baseningizimu Afrika ukuwunqoba kusuka ku-andrew Kelehe ngowezi-2001, ugift nogatebe.
Abanye abasubathi abacijwa nguhamlett empumalanga nguProdigal Khumalo osubathela imaxed Elite onegolide kulo mjaho, ucuan Walker ongumhlaziyi wezokugijima ukukha nje phezulu.
Leli phephandaba lithole ukuthi siyanda isibalo sabasubathi abavakashela ezintabeni zasempumalanga ngenhloso yokuzama ukwenza kahle kulo mjaho.
Icomrades Marathon Association (CMA) ithi isimi ngomumo ukusingatha umjaho wanonyaka.
I-CMA ikhiphe ama- litre angama-30 350 ecoke, angama-10 650 efanta, abe ngama-570 000 amasachet e-energade, ama-energade RTD (500ml) angama-51 360, 1.875 ama- sachet amanzi, u-9 tons kabha- nana, u-8 tons wamawolintshi, u-1 ton wamakhekhe, ama- racefood angama-21 000 no-3 tons wamazambane aphekiwe.
Umqondisi WECMA, urowyn James, uthe kuwumsebenzi wabo ukuqinisekisa ukuthi abagijimi bathola yonke into ngosuku lomjaho. Uthi lokhu kudla abakukhiphile banethemba lokuthi kuzobasiza kakhulu abagijimi.
Uphethe ngokuxwayisa abagijimi ukuba baqinisekise ukuthi bayimiqemane ngaphambi kokubamba iqhaza kulo mjaho.