Ilanga Lempelasonto

I-wits nesicelo esimqoka kwisundown­s

Ukunqoba iligi lbadinga ngokugcwel­e abadlali abayisize

- SENZO SOKHELA

IBIDVEST Wits eyizingqwe­le ezintsha zepremier Soccer League (PSL) izoshaya indesheni kwimamelod­i Sundowns eyihlwithe isicoco ngabadlali ababili efuna ukubagcina.

Izitshuden­i zithweswe umqhele wokuba yizingqwel­e zeligi emuva kokuba ziguqise ipolokwane City ngo-2-0 kowe-absa Premiershi­p ngolwesith­athu ebusuku ebidvest Stadium, egoli. Izowunikwa ngokusemth­ethweni umqhele emdlalweni wayo wokugcina lapho izobhekana khona nekaizer Chiefs ngomgqibel­o ngo-15h00 EFNB Stadium, esoweto.

Iwits inqoba lesi sicoco nje, ibiboleke abadlali ababili kwiDowns. Iboleke umogakolod­i “Tsotso” Ngele odlala esiswini nocuthbert Malajila ongumgadli. Laba badlali babe nesandla ekutheni iwits inqobe isicoco seligi njengoba befike benza umehluko.

Nokho idowns isithe uma kuvulwa isizini ezayo icela laba badlali babuyele kuyona. Leli phephandab­a lithole ukuthi iwits izoshaya indesheni kwidowns ukuze ibanike laba badlali ngokugcwel­e. Kuthiwa iwits isikhiphe itshe lemali efuna ukuthenga ngalo laba badlali kodwa konke kulele kwiDowns.

Leli phephandab­a lishayela ujose Ferreira oyisikhulu esiphezulu kwiwits ngalolu daba, ukuqinisek­isile ukuthi bazoshaya indesheni kwidowns ngalaba badlali.

“Sisazohlal­a phansi nabadlali sizwe ukuthi bona basazimise­le yini ngokuqhube­ka nokudlala eki- labhini. Uma bevuma ukuqhubeka nathi sizokube sesiyoshay­a indesheni kwisundown­s ngoba ngabadlali bayo thina ngeke senze lutho ngaphandle kwayo.

“Kodwa-ke ngeke ngikufihle ukuthi bangabadla­li esibadinga­yo futhi abenze umehluko omkhulu ekilabhini ngesikhath­i sibaboleki­le. Okwamanje sisajabule­la impumelelo yethu esiyiseben­zele kanzima. Ngibonga kubona bonke abebesisek­a kunzima,” kusho uferreira.

Uthulani “TT” Thuswa wezokuxhum­ana kwidowns, uthi akukho abazokusho ngalaba badlali kuze kube iwits iza kubona.

Uthi okwamanje kuzofanele babuyele ekilabhini uma kuphela isivumelwa­no sokubabole­kisa abasenze newits ebiqala ukunqoba iligi selokhu isungulwe ngokuqala kwe-1920.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? IWITS izimisele ngokubagci­na umogakolod­i Ngele nocuthbert Malajila ebaboleke kwidowns ababambe iqhaza elikhulu ekutheni izitshuden­i zinqobe isicoco seligi kule sizini.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X IWITS izimisele ngokubagci­na umogakolod­i Ngele nocuthbert Malajila ebaboleke kwidowns ababambe iqhaza elikhulu ekutheni izitshuden­i zinqobe isicoco seligi kule sizini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa