Ilanga Lempelasonto

I-SUNDOWNS IPHENDULE I-PSL IHAWU

- SENZO SOKHELA

IMAMELODI Sundowns iveze isizathu ekholwa wukuthi yisona esenze yaphunyukw­a yisicoco seAbsa Premiershi­p kule sizini.

Ibidvest Wits isiyizingq­wele ezintsha zeligi emuva kokuba iguqise ipolokwane City ngo-2-0 ngoLwesith­athu ebusuku ebidvest Stadium, egoli.

Isithathe kwisundown­s lesi sicoco emuva kokuba ezikapitso Mosimane zibambane nemaritzbu­rg United ngo-2-2 ngalo ulwesithat­hu ebusuku elucas Moripe Stadium, e-atteridgev­ille.

La makilabhu yiwona abesejahan­a ngalesi sicoco kodwa yagoba idowns obekufanel­e noma kanjani iwunqobe lo mdlalo weteam of Choice ukuze kucace izingqwele ngemidlalo yokugcina yeligi.

Uthulani “TT” Thuswa wezokuxhum­ana kwidowns, uveze isizathu athi yisona esenze behluleka wukuvikela isicoco seligi. Uthi ukuhlelwa kwepremier Soccer League (PSL) ukuhambisa­na namaligi ase-europe hhayi awase-afrika kubakhinya­beze kakhulu njengoba bedlala nakwiCaf.

“Sizamile ukusilwela isicoco sethu seligi kodwa kwaphela wona amandla kubadlali bethu ngemizuzu yokugcina. Abadlali bethu bakhathele. Sesidlale amasizini amathathu elandelana bengaphumu­li ngenxa yemidlalo yecaf, eyeligi neyezinkom­ishi zakuleli.

“Namanje ngisasho ukuthi iligi yethu kayihlelek­ile ngendlela, iphambene yingakho sizithole sikulesi simo. Bheka nje ukuthi i-orlando Pirates idonse kanzima emuva kokuba idlale yonke imiqhudelw­ano yaze yafinyelel­a kowamanqam­u wase-afrika.

“Kuze kube yimanje ipirates isadonsa kanzima ngoba iligi yethu iphambene neyamanye amazwe ase-afrika yingakho kunzima,” kusho uthuswa.

Uthuswa ukhuluma kanjena nje, umqeqeshi wesundowns upitso “Jingles” Mosimane, uthi ngesizini ezayo kungenzeka aphoqeleke ukudlalisa iqembu lemultiCho­ice Diski Challenge (MDC) emiqhudelw­aneni yezinkomis­hi zakuleli.

Sizamile ukusilwela isicoco seligi kodwa kwaphela wona amandla.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa