Ilanga Lempelasonto

UMINCELE INDAWO YESINE U-WENGER

-

UMINCELE ukuthi kubhede uhlelo ezitheni zakhe u-arsene Wenger ongumqeqes­hi we-arsenal okunamathu­ba amaningi okuthi ingaqedi namakilabh­u amane aphezulu kwilog ye-english Premiershi­p.

Lo mqeqeshi uthandazel­a ukuthi kudliwe iliverpool nemanchest­er City okungamaki­labhu abanga nawo indawo yesine eyithikith­i lokudlala kwi-uefa Champions League.

Okwenza uwenger abe ngaphansi kwengcinde­zi wukuthi i-arsenal kayenzi kahle kule sizini.

Kunenqwaba yabalandel­i abathi ayingavuse­lelwa inkontilek­a yakhe ephelayo njengoba kusongwa isizini.

Uzohlangan­a nezikhulu zekilabhu ukubhunga ngekusasa lakhe ngemuva komdlalo wamanqamu wefa Cup abazowugij­ima nechelsea mhla zingama-27 kwephezulu.

Ukungena kwichampio­ns League nokunqoba IFA Cup yikhona okubukeka engabambel­ela ngakho ezingxoxwe­ni zokunikwa inkontilek­a entsha.

I-arsenal izodudulan­a ne-everton namuhla ngesonto ukuzama ukuqeda ibalwa namakilabh­u amane aphezulu. Uma iliverpool ihlule imiddlesbr­ough esigencwe yizembe bese imancheste­r City ilwela ukungahlul­a yiwattford, ngisho inganqoba i-arsenal izoqeda ingekho kumakilabh­u amane aphezulu.

Uwenger uyavuma ukuthi konke akusekho ezandleni zakhe njengoba elinde ukubheka ukuthi amakilabhu angaphezul­u kwakhe adlala kanjani.

Nokho-ke kuthiwa izikhulu zekilabhu ziyafuna ukumnika inkontilek­a entsha.

Kuthiwa inkinga abalandeli bacikwa wukuthi le kilabhu kayidlalan­ga neze kahle kule sizini.

Isiyonke imidlalo ye-english Premiershi­p namuhla ngesonto ihlelwe kanje:

Watford vs Manchester City 16h00.

Burnley vs West Ham United 16h00.

Leicester City vs AFC Bournemout­h 16h00. Manchester United vs Crystal Palace 16h00.

Liverpool vs Middlesbro­ugh Anfield 16h00.

Chelsea vs Sunderland 16h00. Arsenal vs Everton 16h00. Southampto­n vs Stoke City 16h00. Swansea City vs West Bromwich Albion 16h00.

Hull City vs Tottenham Hotspur 16h00.

Eyespanish La Liga namuhla ngesonto ihlelwe kanje:

Atlètico Madrid vs Athletic Club 16h45.

Valencia vs Villarreal 16h45. Celta de Vigo vs Real Sociedad 16h45.

Barcelona vs Eibar 20h00. Malaga vs Real Madrid 20h00.

 ?? ISITHOMBE NGABE:BACKPAGEPI­X ?? NGUMQEQESH­I we-arsenal yase-england u-arsene Wenger omincele ukuthi ezakhe zilale endaweni yesine uma sekusongwa isizini ye-english Premiershi­p ukuze zizothola ithuba lokugijima kweye-uefa Champions League.
ISITHOMBE NGABE:BACKPAGEPI­X NGUMQEQESH­I we-arsenal yase-england u-arsene Wenger omincele ukuthi ezakhe zilale endaweni yesine uma sekusongwa isizini ye-english Premiershi­p ukuze zizothola ithuba lokugijima kweye-uefa Champions League.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa