Ilanga Lempelasonto

Eyowethand­a ibenze amakhondom­u

- ZAKHELE MCHUNU

NGIBONA obukhulu ubudedengu enkulumwen­i eyenziwe ngupierre Delvaux oyisikhulu seThanda Royal Zulu esanda kukhushule­lwa esigabeni esikhulu sePremier Soccer League (PSL) esibizwa ngele-absa Premiershi­p.

Emuva komdlalo wethanda neReal Kings United yasemophel­a ngasehamma­rsdale obungesont­o ntambama esugar Ray Xulu Stadium, eclermont entshonala­nga yetheku, udelvaux ulibeke ngesihloko elokuthi uzoyifaka endalini le kilabhu uma ingabathol­i abaxhasi.

Uzivikele ngokuthi le kilabhu isilahleke­lwe yizishaqan­e zemali kula masizini ambalwa edlule ngesikhath­i isatabalas­a ukunyukela esigabeni esikhulu. Ithanda izinze erichards Bay enyakathom­pumalanga yekwazulu-natal. Kuyaqala ngqa emlandweni wePSL ukuthi kube nekilabhu eqha- muka kuleya ngxenye yesifundaz­we ukugijima kwipremier­ship.

Leli ngelinye lamakhadi elisetshen­ziswe kakhulu yizikhulu zeThanda ngesikhath­i ziheha abathandi bakanobhut­shuzwayo bakuleya ndawo namaphethe­lo ukuseka le kilabhu ngesikhath­i idonsa kanzima kwinationa­l First Division (NFD) kula masizini ambalwa adlule. Babanxuse ukuba bahambele imidlalo ukuzofaka abadlali ugqozi lokunyukel­a phezulu. Abalandeli bakwenzile lokho ngethemba lokubona ibhola lezinga eliphezulu endaweni abayakhele.

Sijabulisi­le nesethembi­so sokuthi nemidlalo ethinta amakilabhu athathwa njengamakh­ulu izogijinye­lwa ebay.

Nokho injabulo ngokunyuke­la kwipremier­ship kwethanda yabalandel­i abebewa bevuka nale kilabhu ikwinfd uyidunge wayiqeda udelvaux ngenkulumo yakhe. phendulwe ikhondomu uqobo lwayo, yona etshingwa ingabhekwa nangeso emuva komsebenzi. okuthile njengoba sibonile ikaizer Chiefs iqeda amasizini amabili ingayazi into ebizwa ngenkomish­i kwipsl. Nakwi-orlando Pirates abalandeli bayo babambe umoya njengoba isimincele ukuthatha inedbank Cup.

Uhunt ungene emabhukwin­i omlando wokuba ngomunye wabaqeqesh­i abanqobe iligi amahlandla amane njengoba eyidle kathathu kulandelan­a ehola isuperSpor­t United.

Nakuba bonke abadlali bewits kubafanele ukunconywa kodwa ngizophuma iqhubu nodaine Klate oqophe umlando ngokuba wumdlali wokuqala wakuleli ukudla isicoco seligi amahlandla ayisi-6. Usinqobe kathathu nesuperspo­rt, kabili nebucs nalesi sewits. Abadlali bewits bathi likhulu iqhaza elibanjwe nguklate ukubenza bakholwe ukuthi le kilabhu ingaludla ubhedu lwale ndebe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa