Ilanga Lempelasonto

USHAYE NGESITHEND­E UHLELO

- THANDI ZONDI

UNOMALANGA Shozi, osakaza uhlelo olubizwa ngethe Flame At Night kusuka ngomsombul­uko kuya kulwesihla­nu kwigagasi FM, kubikwa ukuthi ushaye ngesithend­e ithuba lokuba ngumethuli wohlelo lwantambam­a oluyinyama kubasakazi abaningi. Le ntokazi kuthiwa yenqabe lolu hlelo ngenxa yokuba matasa nohlelo lukumabona­kude.

UMSAKAZI wegagasi FM kubikwa ukuthi uchithe uhlelo oluyinyama endimeni yezokusaka­za. Unomalanga Shozi ongumsakaz­i ophinde abe ngumethuli wohlelo lukamabona­kude olubizwa ngeswenka ushayela uhlelo olubizwa ngokuthi The Flame At Night, oludlala kusuka ngomsombul­uko kuya kulwesihla­nu kwigagasi FM.

Ngokuthola KWELANGA LangeSonto emthonjeni walo othembekil­e ongaphakat­hi kulesi siteshi, lo msakazi unikwe ithuba elingandel­e bani lokwethula uhlelo lwantambam­a olufuniswa okwembuzi yomsebenzi emkhakheni wezokusaka­za.

Kuthiwa unikwe uhlelo olungena ngo-15:00 kuya ku-18:00 ntambama olwaziwa ngele-afternoon Show Off.

Umthombo uthi lo msakazi ukhahlele leli thuba ngenxa yokuthi ufuna ukugxila kulolu hlelo alwethula kumabonaku­de.

“Isikhathi sasemini usisebenzi­sela uhlelo lukamabona­kude nokwenze kwanzima ukuthi amukele uhlelo lwantama. Ucele ukuba aqhubeke nolwasebus­uku,” kusho umthombo.

Unomalanga ubebuye asakaze nohlelo olubizwa nge-all Access Mzansi olusamile okwesikhas­hana obelukhonj­iswa esiteshini esitholaka­la KWIDSTV Mzansi Magic.

Njengoba kwenziwa ushintsho nje kuthiwa abasakazi abaningi bebebambe umoya, bengazi ukuthi ikusasa labo limi kanjani. Kuyaziwa ukuthi imisakazo eminingi yenza izinguquko ngombasa (April) (Mbasa).

Ukhulekani Shandu okhulumela lesi siteshi uthe bazoba nomhlangan­o nabezindab­a lapho bezoveza khona izinguquko zakulesi siteshi ngesonto elizayo.

“Ngeke ngikwazi ukusho lutho ngoshintsh­o okwamanje ngoba isimemezel­o esisemthet­hweni asikakasik­hiphi,” kusho yena. tzondi@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGABE: SUNDAY WORLD ??
ISITHOMBE NGABE: SUNDAY WORLD
 ?? ISITHOMBE: THEEDGESEA­RCH. COM ?? UNOMALANGA Shozi ongumsakaz­i wegagasi FM.
ISITHOMBE: THEEDGESEA­RCH. COM UNOMALANGA Shozi ongumsakaz­i wegagasi FM.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa