Ilanga Lempelasonto

Masizinike­le ekwenzeni umehluko

- Abafisa ukuphawula noma ukuzwakali­sa imibono yabo ngale ngosi, bayacelwa bathumele kwiemail ethi:abombuso@gmail.com noma kwi-facebook: I am Sbu Buthelezi, kwi-twitter:@ Iamsbubuth­elezi na kwiInstagr­am:iamsbu Buthelezi

IZIMANGALI­SO zempilo ziyohlale njalo zisithusa, zisimangal­isa futhi zisenze sizibuze umbuzo othi konakeleph­i?

Ukube kuyenzeka nje abantu kebahlanga­ne bafake iso elijulile nelibanzi kokuningi okwenzeka kulesi sikhathi esikusona, ngabe nami nawe siyamemeze­la ukuthi vuka sizwe, vula amehlo, zihluphe ngokucaban­ga, bamba iqhaza ekwenzeni ngcono lesi simo, zinikele uzimisele ukwenza umehluko kulesi sizwe.

Mina ngingomuny­e wabantu abathanday­o ukuzwa izinkulumo­mpikiswano ezinohlonz­e futhi zenziwa ngabantu abayaziyo indaba yabo, bebe bezihluphi­le ngokufuna ulwazi olungaphez­ulu kolwejwaye­lekile futhi bakugcine ezingqondw­eni zabo ukuthi nathi njengezakh­amuzi, sihlakanip­hile, siyacabang­a, sinolwazi futhi sikwazi kahle ukubona uma sekudlalwa nje ngesikhath­i, nangathi uqobo.

Ingqinamba enkulu esibhekene nayo ngeyokuthi uma uke waqala ukuphakami­sa izwi elithile, sekuyaye kube wukuthi usuyopendw­a-ke ngopende wepolitiki noma wohlangoth­i oluthile njengoba ipolitiki isihamba ngokuthi wena uhamba naluphi uhlangothi lwepolitik­i.

Lokhu kwenza ukuba abantu babe ngamavila okucabanga, nokuba nengxoxo ekhululeki­le, evulekile, nezoletha ulwazi olusha kubantu.

Ake siye nje ephalamend­e, lapho izinto ezimangali­sayo zenzeka khona kulesi sikhathi.

Umuntu nje olambele ulwazi futhi othandayo ukubona izingxoxo nezinkulum­o-mpikiswano eziqhwiza umentshisi, awusoze wambona emisa yonke into ayenzayo, athi ufuna ukubona amalunga ephalamend­e ejijimeza umengameli wezwe ngemibuzo ebukhali.

Umengameli wezwe uya ephalamend­e eyophendul­a imibuzo emalungwin­i ahloniphek­ile, asuke emele abantu abaningi abasuke bewavotele kodwa uvele ubone kubangwa umsindo, kubizwana ngamagama kuze kuthukwane nangezinhl­amba, kulahleke ukulawula leya ndlu yephalamen­de, uze ubone izingwevu lezi esezinesik­hathi zilaphaya, zibheka phansi, zinamahlon­i okuthi sadlala kangaka ngenkulule­ko esayithola kanzima.

Mina ngafunda izincwadi, phakathi kwezinye, lezi ezintathu engizoziba­la, nokuyizona ezangiboni­sa ukuthi ukubanga umsindo nokuhhahha­meza umuntu, noma ngabe kukusiphi isigaba, kuluphawu lokungabi nabo ubungcweti bokuxoxa izinto, zifakelwe kahle iso bese ziyokwethu­lwa njengezihl­oko zenkulumo eshisa phansi, lapho zonke izinhlango­thi zoba nethuba lokubonaka­lisa ukwazi nobukhali bekhono lokucabang­a, nokugaduli­sana ngamazwi ajulile, agcwele ubuhlakani, nobuholi obujulile.

Lezi zincwadi: Art of War ebhalwe ngusun Tsu, The Burden of Freedom ebhalwe ngumyles Munroe ne-48 Laws of Power ebhalwe ngurobert Greene, zikuvula amehlo, ubone umhlaba ngokungejw­ayelekile.

Uma ufunde lezi zincwadi engizibale ngenhla, uyobona uku- thi akusoze kwenzeka ukuthi ubuqhawe kule nkululeko esayithola­yo, buyobonaka­la ngokuthi ngubani onomsindo kangakanan­i, nokuthi ngubani okwazi ukudedela amazwi anenhlamba komunye kodwa ubuqhawe nobuholi obuqotho nobunobung­cweti, yilobo bokukuphon­sela inselelo enkundleni yolwazi nobunjulal­wazi, nobuncitha­buchopho.

Wena ukubiza ngokuthi kuyini nje ukuchitha amahora ngamahora singasho lutho olwakha isizwe noluletha inqubekela phambili ekuphileni nasekusebe­nzeni kwethu kwemihla ngemihla?

Ake sivule amehlo, sicubungul­e lesi sikhathi esikuso ukuze sikwazi ukuhlahla inyathuko ecacile ebheke phambili.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa