Ilanga Lempelasonto

Kumele ohluliwe ayivume induku

-

SILINDE LE ukuthula u m ase kumenyezel­wa imiphumela yokhetho l wango lwesithath­u loMkhandlu wase n quthu, enyakatho yekwazulu-natal. Sesidlulil­e isikhathi sokuklwebh­ana kubangwa abalandeli.

Siyazi ukuthi onke amaqembu aphume ngobuningi bawo eyokhankas­ela ukuwina lo masipala osematheni kulezi nsuku.

Akekho owake wacabanga ukuthi inquthu izoke ibaluleke kangaka kwezepolit­iki. Sibonile ukuthi ezinyangen­i ezimbalwa ezedlule le ndawo iphenduke inkundla yezombusaz­we.

Amaqembu mawalindel­e ukuthi zingase zishube futhi izinto uma sekumenyez­elwa imiphumela yokhetho njengoba kungenzeka ukuba kuphinde umasumpa abawinayo bawine ngengcuphe bese bephoqelek­a ukuba beshele amanye amaqembu ukuba abagcwalis­ele amavoti.

Kungaba wumqondo omubi ukuba kume intuthuko kuleya ndawo ngenxa yokudonsis­ana kwamaqembu engafuni ukwemukela ukwehlulwa.

Uma kusempini nakanjani kumele kube khona owehlulway­o, kugezwane izingozi, kukhunyelw­ane umlotha, kuqhutshek­we nempilo.

Akubalulek­ile kithi ukuthi yiliphi iqembu elizodla umhlangani­so kepha kufanele kube yiqembu elizoletha umehluko ezimpilwen­i zabantu, intuthuko ibonakale emphakathi­ni.

Amaqembu abhekwe ngabomvu kulo masipala alala engalele yi-african National Congress (ANC), yi-economic Freedom Fighters (EFF), Inkatha Freedom Party (IFP) yidemocrat­ic Alliance (DA) namanye.

Onke lawa amaqembu ahlabelela ingoma eyodwa yokuthi azoletha intuthuko kubantu, abanakekel­e. Onke ayagxekana, akhombana ngeminwe ayanyundel­ana, sekukubo abavoti ukuba bazikhethe­le iqembu abafisa ukuba libahole, abalethemb­ayo ukuthi lizobeka izidingo zabo phambili.

Njengoba-ke bekufika ngisho izikhulu eziphezulu kuleya ndawo, zamaqembu ehlukene epolitiki eyonxenxa amavoti, kungakuhle ukuba kungathi uma sezikuthol­ile ebezikufun­a, umphakathi usuvotile bese zifulathel­a, zingabheki emuva.

Phela kuvamisile ukuba kube kuhle ngesikhath­i kusanxenxw­a amavoti, ngemuva kwalokho kuthi nya, kwande imibhikish­o abantu sebekhala ngezidingo­ngqangi zabo.

Sengathi osopolitik­i bangakwenz­a kube wumkhuba ukuvakashe­la imiphakath­i ngisho kungonakel­e lutho nje, ngenhloso yokuyobhek­a ukuthi izinto zihamba kahle yini emphakathi­ni, kubhekwe nokuthi labo abaqokiwe ukuba basebenzel­e umphakathi bayawenza yini umsebenzi wabo.

Uma kubonakala ukuthi kabawenzi kahle, bathathelw­e izinyathel­o ezifanele noma bakhishwe, kungaze kuhlukumez­eke umphakathi.

Siyagcizel­ela futhi ukuthi uma sekukhishw­a imiphumela yangolwesi­thathu silindele ukuba kuheleze umoya wozwano, abehluliwe babongele abawinile, abawinile bangabaklo­lodeli abehluliwe.

Sengathi osopolitik­i bangakwenz­a kube wumkhuba ukuvakashe­la imiphakath­i ngisho kungonakel­e lutho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa