Ilanga Lempelasonto

Sicela izikhungo zemfundo ephakeme ophongolo

- Scelo Ntshangase opongolo, Manyandeni

MHLELI, ngithi ake ngisike elijikayo nami kulezo ezingishis­a ngaphakath­i. Ngiyisakha­muzi esakhele indawo yasophongo­lo nokuyindaw­o uma uthi uyayibheka uvele ubone ukuthi isasilele emuva kwenzinye izinto.

Le ndawo ngenye yezindawo ezidume kakhulu ngezehlaka­lo zokugencan­a ikakhuluka­zi okwenziwa ngabantu abasha bese kuba amaqembu emigulukud­u afahlaza kwasani, konke lokhu kwenziwa ngabantu abasha abangasebe­nzi nabaqede isikole bahluleka ukuyofunde­la imisebenzi.

Enye into eyimbangel­a kulokhu wukuthi indawo yethu inezakhiwo eziningi zophuzo oludakayo uma uqhathanis­a nezindawo la abantu abasha bengacijel­a khona amakhono ze babe semathuben­i okuthola imisebenzi. Uthola ukuthi umuntu uqeda esikoleni bese angasazi uzoshonaph­i ngoba indawo yethu ikude kunezikhun­go zokuqeqesh­a (Universiti­es namatvet College). Umzali osokolayo akakwazi nhlobo ukulekelel­a ingane uma sekumele iye kodurban, Tshwane nakwezinye izindawo ezinalezi zikhungo.

Umzali ushaywa yimali yokuba kugibele ingane, yimali yokuqasha, yimali yokudla, yimali yesikole nokunye, ngakho-ke siyanxusa kuhulumeni ukuba asilekele sike sakhelwe ITVET College ophongolo.

Siyakhulek­a nasebuholi­ni esibuhloni­pha kakhulu obuhola umkhandlu wethu wasoPhongo­lo ukuba ulufakele izibuko lolu daba ngoba ukuba khona kwayo eduze kwethu cishe kungawenza umehluko, kunciphe ukubonakal­a kwabantu abasha bengena ezintweni ezingasile ngoba ingekho into esile abangayenz­a.

Uphongolo ngenye yenzindawo ezenze kahle kumatikule­tsheni kodwa uma ungabheka ukuthi zonke lezi ngane ezisuke ziphasile zigcina zishonephi, uzothola ukuthi zingene shi ezidakamiz­weni.

Thatha ingane eqede ngowezi-2008 bese ubheka ukuthi ikuphi nempilo, uzothola ukuthi ithe shi kwizidakam­izwa hhayi ngoba ithanda kodwa ngenxa yokuswela amandla kumzali okuyifundi­sa, bese kuba wukushoda kolwazi enganeni ngosizo lwezimali lukahulume­ni (NSFAS). Isizwe yisizwe ngemfundo futhi akekho umzali ongathandi ukuba ingane yakhe ifunde ithole izinqu maqede ibe nempilo engcono ze kushitshe nesimo sasekhaya. Konke lokhu kubanzima kumzali odonsa kanzima.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa