Owesifazane usinde eshiswa nge-acid
Kuhlelwa imashi yokulwisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane
USELE nezishishi zokusha owesifazane othi usinde ehlaselwa ngabantu angabazi, asola ukuthi bebefuna ukumthumba.
Usphelele Xulu (20) ofunda e-university of Kwazulu-natal, ethekwini, uthi ubhunyelwe ngoketshenzi okusolakala ukuthi bekuyi-acid, ngenhlanhla wakwazi ukubaleka, kwaba wukuphunyula kwakhe lokho emlonyeni wengwenya. Lesi sigameko uthi senzeke kude buduze nakule nyuvesi afunda kuyo.
Uthi lo ombhunyele ngalolu ketshezi ngowesifazane.
Elandisa ILANGA Langesonto usphelele, owenza unyaka wesine ezifundweni zepharmacy uthi lesi sigameko senzeke kade ephuma endaweni yokuhlala izitshudeni ngaphathi enyuvesi ebizwa ngeSanta Cruise.
“Bengithi ngiyothenga okokubamba umoya egaraji eliseduze ngesikhathi ngihlangana nosisi ongibuze ukuthi ngiyamazi yini umbali. Ngimtshele ukuthi angimazi umbali kodwa uma eya konogada angaluthola usizo,” kuchaza yena.
Uqhuba athi, kuthe esaphakamisa isandla ekhomba ukuthi onogada benyuvesi abangamsiza lo wesifazane bangakuphi wezwa ngento imthela ebusweni. Uthi uvele wethuka, wazama ukukhipha i- wig ekhanda ngoba bese ivuza loluketshezi.
“Ngivele ngezwa ngincinzelwa, ngazama ukubaleka kodwa ngawa ngikhutshwa wophaqa ebengibagqokile.
"Usisi obengithela uvele wanyamalala ngangabe ngisambona ukuthi ushonephi,” kuqhuba yena. Uthi uphuthume waya egaraji wacela bamsize ngoba ezwa eshi- swa yilolu ketshezi. Uthi bafonele i-ambulance efike emuva kwesikhathi esingangemizuzu engama-30 kodwa sebemnikile egaraji indawo enamashawa yokuba ayogeza.
Uthi ubuzile kwabasebenza egaraji ukuthi bambonile yini owesifazane obegqoke okumnyama bavuma bathi bambone egijima eyongena emotweni emuva kwalokho yashaya yazula Usphelele uthi usengumuntu ophila ngokwesaba.
“Angizizwa ngikhululekile, sengihamba ngijeqeza. Ngikwazile ukuphunyula kodwa ngokuzayo ngeke ngibe nenhlanhla efana nale,” kuchaza yena.
Uthi kubo lapho ezalwa khona Olundi unina kayimphethe kahle le ndaba. Uthi okuhlukumeza unina kakhulu wukuthi phambilini sike senzeka futhi isigameko esifuze lesi emndenini.
“Umfowethu wathathwa ngabantu ngonyaka owedlule bamfaka emotweni ngenkani. Waphunyula ngokuba aphume imoto ihamba. Kulokhu sekuyimi,” kubalisa yena.
Le ntokazi ithi lesi sigameko isiyamanisa nezigameko ezishaqisayo ezibatshazwa ngapha nangapha eningizimu Afrika kulezi zinsuku, zokuhlukunyezwa kubulawe abantu besifazane, nezingane, kanjalo nezigameko zokuthunjwa kushushumbiswe abantu.
Uxwayisa amantombazane ukuba aqaphele, angahambi ebusuku noma ngawodwana. Uthi akalivulanga icala emaphoyiseni ngoba ubengazi ukuthi uzothi ulivulela bani wakwabani.
Khonamanjalo inhlangano ezimele ikanjalo Somfana Foundation ihlela ukhukhulelangoqo wemashi ezobe ihlanganise abantu bobulili obehlukene, bezinhlanga ezahlukene okuhloswe ngayo ukulwa nalesi sihlava sokuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane nezingane. Unkosinathi Cele okhulumela le nhlangano uthi sekukhulunyiwe ezinkundleni zokuxhumana kodwa manje sekudingeka kubonakale ngezenzo ukuthi umphakathi usuwanele yilezi zenzo zobugebengu. Uthi lesi sihlava sesiphazamise umsebenzi abawenzayo beyinhlangano wokulolonga abesifazane ekuseni.
“Abesifazane engisebenzisana nabo bayesaba manje ukuvuka ekuseni bazozilolonga ngoba besaba ukuthi bazontshontshwa. Izingane esithi siyaziqoqa sifuna ukuzakha zizophindela emgwaqweni la sithi sizikhipha khona ngenxa yalolu dlame oselubhedukile,” kusho yena.
Uthi imashi izoqala edurban Christian Centre ize iyophela ecity Hall. Imashi izoqala ngehora leshumi ekuseni kanti kumenywa wonke umuntu nezinhlangano zomphakathi.
Uthi isomfana Foundation igqugquzela ukuzimela kwabesifazane ukuze bangagcini sebehlala ebudlelwaneni obungalungile.
“Uma owesilisa ekushaya ngempama phuma uphele (kulobo budlelwane) ngoba akuzugcina lapho, uzokubulala,” kuchaza yena.
Miningi eminye imikhankaso eqhubekayo ezweni yokulwisana nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane.
Ngolwesihlanu izitshudeni zasedurban University of Technology ethekwini bezinemashi, yokulwisana nodlame olubhekiswe kwabesifazane.