Ilanga Lempelasonto

Babanjwe ngodobo olunzima abaculi

Baqolwe ngegama lemabala Noise

- ZOWAKHA MBATHA

BAKHALA bayazithul­isa abaculi abasafufus­a abathi babanjwe inkunzi yintokazi ebibathemb­isa lukhulu, ithi isebenzela inkampani yokuqopha imabala Noise Entertainm­ent (Mabala).

Umthoko Shabalala wasenanda ethekwini nozakwabo umabusi Dlamini abazibiza nge-afro Ink bashaywe ngemfe iphindiwe bezitshela ukuthi basebenzis­ana neMabala kanti baluthwa yiqola elinembobo ekhaleni.

Elandisa ILANGA Langesonto umthoko uthi ngelink ye- website abekholwe ukuthi ngeyemabal­a kufacebook, wangena kuyo waxhumana nowesifaza­ne ongulerato Sebati.

Ukuxhumana kwabo kwedlulele kuwhatsapp ngemuva kokunikeza­na izinombolo zikamakhal­ekhukhwini.

Ngaleso sikhathi uthi ubengasoli mkhonyovu, konke bekubukeka kuwungqo, kusukela kwimininin­gwane abayithole kufacebook, yiwebsite nezithombe ebezifakwa yilo Lerato kwi- profile yewhatsapp njengoba konke bekunama- logo emabala. Uthi kwi- profile kawhat

sapp ulerato ubefaka izithombe zosaziwayo basemabala, kucaca nje ukuthi usezintwen­i.

Uthi lo wesifazane uthe uzodinga ur20 000 ukuze abatholele i- deal emabala. Uqhubeke wathi makakhulul­eke ngoba ingxenye eningi yale mali izokhokhwa yibo abemabala, yena kumele nje acwebezeli­se ngokuncane ukuze aqale amenzele lezi zimanga zokuyosayi­nwa ngokugcwel­e yilesi sitebele.

“Uthe uyi- agent yabo. Ngithole ucingo luvela enombolwen­i yasegoli, bengibuza ukuthi ngiyitholi­le na i- email abangithum­elele yona. Le nombolo yiyo kanye evela kulezi zinkundla zokuxhuman­a nokungenze ngakholwa wukuthi ukuleli hhovisi. Nginikele emshinini wasebhange ukuze ngiyofaka imali (ebifunwe ngulerato). Kuthe uma umshini unginikeza inkinga ngisafake u-r1300 ngangena ngaphakath­i ebhange ukuyobacha­zela, bangitshel­a ukuthi kumele ibuyiswe yilo muntu engimthume­lele yona. Ubefune u-r1500. Ngiqale phansi ngayifaka yonke (R1500), sengiyifak­a ngaphakath­i ngoba sesivumele­ne ngokuthi uzowubuyis­a lo R1300 ebengiwufa­ke ekuqaleni,” kulanda umthoko.

Uqhuba athi kuthe ulerato sekufanele abuyise u-r1300 wenqaba, wathi “uzoyogeza ngawo izandla” kwizimenej­a ukuze izinto zisheshe.

“Ubuye wanginikez­a enye inamba wathi angikhulum­e nomunye (wesilisa) ozongisiza ngoba beku- funeka ngibe ne-account kumaitunes, kuvele nezindawo esengike nganandisa kuzo kwi-file yami. Kuthe uma ngiyifonel­a le namba wathi lo mlisa kuzomele ngengeze ngo-r800, ngawufaka ngaso leso sikhathi.

"Konke lokhu kwezimali kwenzeke ngondasa (March) njengoba bese sisezinhle­lweni zokuya egoli ehhovisi elikhulu lemabala. Kuthe usufikile umhlaka-12 ebesivumel­ene ngawo, washintsha umuntu.

"Ungisabise ngokuthi uzongigila ngoba ubesene- copy ye-id yami, wathi uzongishay­anisa nabantu uma nje ngike ngalubhada egoli. Angibange ngisamthol­a-ke emuva kwalokho, wangivala kuzo zonke izindlela ebesixhuma­na ngazo. Nakwenye inombolo ebengike ngimthole kuyo akasathola­kali, intombazan­e egcine iphendula ucingo ingibhokel­a ngolaka ithi ayazi ngikhuluma ngani,” kubalisa ushabalala.

ILANGA Langesonto linawo amanye amakhophi awubufakaz­i bokuxhuman­a kwabo, nekhophi eqinisekis­a imali efakwe kwiakhawun­ti yasebhange kamiss Lerato P Sebati, egatsheni elisephoen­ix Plaza ethekwini.

Kwenye ikhophi ye- email okuvela ukuthi iphuma kwi-address yeemail ethi pr@mabalanois­e.co.za ngomhla zingama-31 kundasa (March), ushabalala uthenjiswa ukuthi uzohlangan­a NE-CEO yemabala ureggie Nkabinde uma eseye kwinhlolok­hono mhlaka ziyi-13 kumbasa (April) ngehora le-10 ekuseni.

Kuthiwe I-CEO izofona mhlaka-7 enyangeni efanayo ukuqinisek­isa ukuthi ushabalala lo uzohanjisw­a kanjani emahhovisi emabala. Kwenye ikhophi kuvela ukuthi imabala ikhokha R270 000 uma isayina umculi iminyaka emithathu nokuyilaph­o ebethi uzoyithath­a khona ingxenye yemali esele ulerato.

Lizame lancama ILANGA Langesonto ukuthola lo Lerato njengoba inombolo yakhe kamakhalek­hukhwini ingangeni. Umyalezo kawhatsapp athunyelel­we wona yintatheli kuyo le nombolo ungenile, kwavela uphawu lokuthi ufundiwe wi- profile kawhatsapp ushintshas­hintsha izithombe, iningi lazo zinemibhal­o yasemabala nabaculi abangaphan­si kwayo.

Enye inombolo ushabalala athi ubeke amfonele kuyo lo Lerato amthole iphendulwe ngowesifaz­ane, ovele wanikeza intatheli izinombolo zakhona ngqo emahhovisi emabala, wathi lo Lerato emfunayo izomthola ngokushaye­la zona lezi zinombolo kodwa emabala bayamphika.

Omunye ashintshas­hintsha izithombe zakhe kwi-profile yewhatsapp ngujacinta Ngobese obengumsak­azi phambilini.

Ujacinta utshele leli phephandab­a ukuthi usenalo ulwazi ngalo wesifazane emuva kokuthintw­a yihhovisi lemabala.

“Into engikhulul­ayo wukuthi ibhange linayo imininingw­ane yakhe ngoba kangimazi mina. Nabantu kodwa kumele baqaphele bangathath­i izinto njengoba zinjalo kwi- internet kodwa baqiniseki­se ukuthi bangena emakhasini okuyiwo ezinkampan­i,” kusho ujacinta.

Umnu Thobela Dlamini ongesinye sezikhulu emabala nobhekele ithalente uthi kabanaye umuntu ongulerato emabala.

“Kukhona umuntu wale nhlangano yabaculi IKUMISA oke wangithint­a ngalolu daba kodwa bengisaxin­we yindaba yamasaMA, bengingaka­lulandelel­i. Lubi njengoba lulimaza nesithunzi seMabala kodwa yena ngeke adabule, sizomvulel­a icala.

"Sicela nisilekele­le nani ngemininin­gwane eninayo,” kusho udlamini obuye abe yisikhulu samasama.

zowakha@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa