Ilanga Lempelasonto

AMA-SOAPIE:

-

RHYTHM CITYMON- Fri, e.tv @ 19h00

UMSHADO kanikki nosuffo ususondele. Usuffo ufuna imiphumela yolibofuzo. Umtholampi­lo uvuma ukuthi imiphumela uyisabalal­isile. Umapule akathokozi­le neze, wenza isinqumo sokubuyela emkhukhwin­i. Unikki utatazelis­wa wukungafik­i ngesikhath­i kukasuffoc­ate. Ulerato uvukwa wumona uma ebona ubongi ejabule. Umapula nosabelo kumele babhekane nokuthi izinto kungenzeka zingahambi ngendlela yabo.

SCANDAL! Mon-fri, e.tv @ 19:30

USISEKO uthola ukuthi kuzoba khona umuntu ozomqapha. Uyvonne ubhekana nothile wesifazane osemncane. Ugrace ukholwa wukuthi indodana yakhe iyingelosi. Uromeo uyakhathaz­eka uma ethola ukuthi izinto kazihambi ngendlela athanda ngayo. Uneo uthola izindaba ezimbi ngomndeni wakhe. Ugontse uyethuka ethola ukuthi ubeqanjelw­a amanga. Umlungisi uthola ukuthi kungani othile ebenesihe kuyena. Uquinton uthola ithuba lesibili.

GENERATION­S: THE LEGACY Mon-fri, SABC1 @ 20:00

UFANA usola ukuthi unolwazi usenemizwa yesinqanda­mathe sakhe sakudala. Usphe uyethuka uma ethola umntwana wakhe engaphefum­uli. Ulucy ukhiphela ugadaffi ummese. Umazwi akazi ukuthi ayiduduze kanjani inkosikazi yakhe. Ucosmo uyesaba uma ebona udadewabo emphathele isiswebhu. Udetective Roberts utshela unamhla ukuthi akasahlang­anise lutho naye. Uwandile uphatheka kabi ethola ukuthi ukarabo ubesho okuyikho. Unandi uzama ukusondela­na nendodakaz­i.

SKEEM SAAM Mon-fri, SABC1 @ 18:30

ULEHASA uzama ukufihla angafisi kwaziwe yizwe. Imfihlo kapretty iphumela obala. Ukat akazi ukuthi kumele avikele intombi yakhe noma akholwe ngamanga. Ukwaito uthola angakulind­ele kwezothand­o. Ulehasa uyehluleka wukuzikhip­ha enkingeni. Ucandice ucela usphola ukuba abe wumngani wakhe ukuze bakwazi ukuqondana ngqo nesitha sakhe. Urachel wenza okungalind­elwe okushiya iningi likhexile. Umokgadi uthola izindaba ezizoshint­sha impilo yakhe ingunaphak­ade. Isitshuden­i sibhekene nokuxoshwa esikoleni.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa