Ilanga Lempelasonto

SEBASTIAN JILI

-

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

OKUMELE ukunqobe okuzokuhlu­pha kakhulu wukuhlehli­sa izinqumo okufanele uzithathe nokulokhu unqikaza. Ungumuntu ophiwe amakhono ehlukene kakhulukaz­i obuntathel­i kanye nezokuloba. Gxila emakhonwen­i akho ngoba lokho kuzoba nomvuzo ekugcineni.

ARIES

LESI yisikhathi esikahle kakhulu kuwena uma unesifiso sokuqala izinhlelo ezintsha empilweni yakho. Okudingeka ukugade kakhulu wukusebenz­isa imali ngendlela eyeqile. Vula amehlo, ubheke amathuba aqhamukayo.

TAURUS (April 20-May 20)

UZOCABANGA ujule ngezinto eziyisisek­elo sokuphila kwakho. Ungumuntu onesiphiwo esikhulu kwezolimo kanye nezobuciko. Ungakwazi ukuqhela kwabanye abakumoshe­la isikhathi.

GEMINI (May 21-June 21)

UYAZWELA kakhulu ezintweni ezikhuluny­wa ngabanye abantu kakhulukaz­i osondelene nabo. Kubukeka kunabantu okade wabagcina kodwa osukwazile ukuphinda uxhumana nabo manje.

CANCER

UYAKUDINGA ukuthola unakekelo emndenini wakho. Izinkinga zemali zibuye zikuvimbe ekufezeni amanye amaphupho onawo. Lesi akusona isikhathi sokuba ucabange ngezinto ezingakuph­athanga kahle.

LEO (March 21-April 19) (July 23-August 22)

KUNGAKUSIZ­A ukuxhumana nabangani, ufunde izinto obungazina­kile. Kunezivume­lwano ozophoqeka ukungena kuzona nabathile kodwa kudingeka uzihlole ukuze ugculiseke kahle, ungabi nongabazan­e.

VIRGO (June 21-July 22) (Aug 23-Sept 22)

UNGALINGE uxoxe izindaba zakho zangasese kunoma ngubani. Zama ukufunda ukuzehlisa, ungabukeli phansi abantu ngoba lokho kungalimaz­a okuningi empilweni yakho esikhathin­i esizayo.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

KUKHONA abathile ozoxhumana nabo okade wabagcina futhi ozokuthoko­zela ukuxhumana nabo. Umqondo wakho uzoba nokuphitha­na ngezinye izinqumo okumele zithathwe.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

UKUBA budedengu kungaba nemiphumel­a engemihle. Konke okwenzeka eduze kwakho nasemndeni­ni kuhlolisis­e. Impumelelo yakho ibuye incike ekutheni unikela kangakanan­i kwabathile abadinga usizo lwakho.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

OKWENZAYO manje akumele ukwenze ngenhloso yokuthi ufuna ukuhlabeki­sa abathile kodwa kwenze ngoba kugculisa wena nonembeza wakho. Usabhekene nesikhathi esingelula empilweni yakho kodwa konke kuzodlula.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

UNGAGXULI emlandweni wakho ongemuhle uma ucabanga ngekusasa. Kumele uqonde ukuthi konke kuyenzeka. Impilo ilindele wena ukuba uyivulele izandla uyamukele ngeso elithembis­a impumelelo.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

UNGATHEMBE­LI kakhulu kwabanye abantu kodwa kumele uzethembe wena qobo. Zonke izinto ezingakuph­azamisa ungalinge uzivumele. Lokhu ofisa kwenzeke kutshale engqondwen­i yakho, imiphumela izovela.

PISCES (Feb 19-March 20)

KUYATHANDA ukugxila ezintweni eziwumzaba­lazo nasezintwe­ni ezizosiza abanye. Ukugeleza kwemibono yakho kwenza ube nesisekelo esiqinile kulokho osuke ufisa kufezeke.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa