Ilanga Lempelasonto

KAZIHAMBI KAHLE IZINTO EBHISHI LODUMO

- ZOWAKHA MBATHA

BAYWATCH UMQONDISI: Seth Gordon ABADLALI ABAPHAMBIL­I: Dwayne Johnson (Mitch Buchannon), Zach Efron (Matt Brody), Alexandra Daddario (Summer Quinn), Kelly Rohrbach (C.J. Parker), Jon Bass (Ronnie), Ilfenesh Hadera (Stephanie Holden), Priyanka Chopra (Victoria Leeds)

UHLOBO: Action/ Comedy UMHLAZIYI: Zowakha Mbatha

ABANINGI bavele bakhumbule i- series edlale isikhathi eside emazweni amaningi okubalwa kuwona neningizim­u Afrika uma kuqhamuka igama lale filimu.

Izinto zenzeka ebhishi i-emerald Bay, eflorida, e-united States of America. ULT Mitch Buchannon nguyena ophethe kuleli thimba labaqaphi basolwandl­e ngokubambi­sana nesekela lakhe uste- phanie Holden nomakad’ebona UC.J Parker.

Umitch sewasindis­a impilo yabantu abangaphez­u kwama-500 nokumenza athandwe kule ndawo, abe nogazi nokucika iphoyisa lendawo, ugarner Ellerbee nomphathi wakhe umitch ukaputeni uthorne.

Khumbula phela, ngeke umuntu athandwe nguwonke wonke ngoba akasiyona imali.

Kushintsha izinto uma sekunethim­ba elisha eliqeqeshw­ayo nokuholela ekuphamban­eni kwemibono kwabanye nomphathi umitch.

Konakala kakhulu uma sekutholak­ala ukuthi khona la endaweni kunabadayi­sa izidakamiz­wa, kusolwa uleeds ongumnikaz­i wehuntley Club kuze kuphume nezidumbu imbala.

Ingena ngolwesihl­anu oluzayo zimbili kunhlangul­ana (June) e- cinema. zowakha@ilanganews.co.za Impelasont­o edlule yaphakathi komhlaka-19-21 kunhlaba (May) ishiye uhlu lwamafilim­u ayishumi ahambe phambili lumi kanje:

1. GUARDIANS OF THE GALAXY 2. FAST AND FURIOUS 8

3. KING ARTHUR

4. ALIEN: COVENANT

5. BEAUTY AND THE BEAST 6. OZZY

7. BOSS BABY

8. THE SHACK

9. DIARY OF A WIMPY KID 4: THE LONG HAUL

10. GOING IN STYLE

IFAST and FURIOUS 8 ibisahamba phambili ngokufaka imali njengoba bese ifinyelele ku-r 69 293 624 ngokombiko wabakwaste­r Kinekor Entertainm­ent ngamafilim­u abukwa kulawa ma- cinema.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GAMEK.VN ?? UMITCH (Dwayne “The Rock” Johnson) enethimba lakhe eliqapha olwandle.
ISITHOMBE NGABE: GAMEK.VN UMITCH (Dwayne “The Rock” Johnson) enethimba lakhe eliqapha olwandle.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa