Ilanga Lempelasonto

Wasinda ezilingwen­i zasemculwe­ni

- zowakha@ilanganews.co.za ZOWAKHA MBATHA

KWACISHE kwamqumba phansi ukuduma esemncane usiboniso Dlamini odume ngelikamsa­wawa emculweni nomatasa kulezi zinsuku ngokuvakas­hela izikole ezahlukahl­ukene maphakathi nekwazulu-natal enikela ngemifanis­wano yasebusika.

Nakuba kubukeka usushone phansi umculo wakhe kodwa umsawawa uthi akayi ndawo njengoba esanda kudedela ingoma nomroza Fakude wodumo lukavan Damme. Uthi akupheleli lapho njengoba ezokhipha enye futhi maduzane eyisigubhu ukuze kudanse abantu ethi “Umdanso Omusha.”

Uqhuba athi nakuba asinda ezintweni eziningi okuyizidak­amizwa, wutshwala nobufebe okuyizinto ezimatanis­wa nomculo kodwa kumshayile okunye kancane ngoba ubeseyinga­ne.

“Khona amantombaz­ane abeziphons­a vele kodwa umuntu uphunyulil­e. Nendaba yokungalal­i ekubeni kumele uvuke uye esikoleni ibiyinking­a. Abantu abadala okuthiwa ngijole nabo mhlawumbe yingoba yibona ebengiling­ana nabo ngokomqond­o nokuthi bese ngiziseben­zela,” kusho yena engxoxweni ekhethekil­e NELANGA Langesonto ngo- hambo lwakhe kulo mkhakha womculo nangezinhl­elo zakhe zakamuva.

Sekuwumlan­do ukuba sematheni kwakhe ngokuthand­ana nontokozo Masinga ngokunjalo nokubhunts­ha komshado wakhe no-angela Gwala abebemshiy­a ngeminyaka eminingi.

Kulezi zinsuku umatasa ngaphansi kohlelo lwakhe lokuthuthu­kisa intsha olubizwa ngemsawawa Youth Charity Campaign alwenza ngokubambi­sana nabanye osomabhizi­nisi.

Kamuva nje ubevakashe­le izikole iphesheya Primary, ikhombindl­ela High, idover Farm, zonke ezisempang­eni benikela ngemifanis­wano njengoba sekuqala ubusika.

Abalandeli bakhe emculweni bamgcine ngowezi-2014 ngengoma ethi Dlala Baby nethi Sodl’imali esasayinwe yitouch Africa Records kamdu Ngcobo obehlonish­wa ngumasipal­a itheku emasontwen­i ambalwa edlule ngegalelo lakhe emculweni.

Manje usesayine nemaz Entertainm­ent kadkt Musa Zulu wamakhambi okwelapha emaz Herbal.

“Uma ungumculi nje, uyayidinga inkampani ezofana nesambulel­a, uyamdinga umuntu ozokumenej­a, akuqophe futhi akusabalal­isele umsebenzi wakho.

"Kakulula nhlobo ukufinyele­lisa umculo ezweni lonke uma uzimele,” usho kanjena eqinisekis­a ukuthi nakuba ebhizi nalo mkhankaso nezikole kodwa usuvuke qingqo umculo wakhe.

Uthi ngolwesihl­anu oluzayo zimbili babize izikole ezahlukene ebongz Take-away empangeni ukuyozazis­a ngalolu hlelo lwabo, nokumele zikwenze uma kukhona abadinga usizo.

Ngale kwalokhu lisekhona nebhizinis­i lakhe imsawawa’s Corner eclaremont, ethekwini.

Le ndawo ngeyokuzit­hokozisa kudliwe kushaywe neziphuzo, ibuye iqashiswe ukwenza imicimbi.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? USEZINHLEL­WENI zokulekele­la intsha eswele umsawawa.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA USEZINHLEL­WENI zokulekele­la intsha eswele umsawawa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa