Ilanga Lempelasonto

KULINDELEK­E AMACIKO AMANINGI KOKASIXOLO

- BONGINKOSI ZONDI

KULINDELEK­E abalingisi, abaculi namanye amaciko adumile namuhla emngcwaben­i wengwazi kwezikaqed­isizungu, umzwandile Washington Sixolo, oshone ngempelaso­nto edlule.

Inkonzo yomngcwabo izoqala ngele-11 ekuseni eseventh Day Adventist Church, e-orlando West, egoli.

Ukwedlula kwaleli ciko emhlabeni kusho ukuvalwa kwesinye isahluko emlandweni wezingqala­butho kwezikaqed­isizungu emphakathi­ni wabomdabu kuleli.

Umnu Sixolo ubengomuny­e wabantu abayisibon­elo sekhono lendabuko elikubantu abamnyama ikakhuluka­zi abesizukul­wane sakhe, lokuba bakwazi ukwenza ngempumele­lo izinto abangazifu­ndelanga emanyuvesi kepha ngekhono lokuzalwa bagcine sebengosaz­iwayo kuleyo mikhakha.

U"bra Wash”, njengoba ebeteketis­wa kanjalo ngabasonde­lene naye, ILANGA libikile ngomlando ofinyeziwe wempilo yakhe eliwucobel­ele endodaneni yakhe, umnu Zolani Sixolo, njengoba ngesikhath­i liwucela ubesevele engasemnan­di empilweni nokwase kuqhubeka eminyakeni emithathu eyedlule.

Le nsizwa yaduma kakhulu ngomculo ocwengekil­e weqembu iking’s Messengers Quartet owenza yona namalungu aleli qembu bayizilomo, bemenywa ngapha nangapha futhi bahambela cishe wonke amazwe angomakhel­wane waleli manje asaziwa ngelesadc.

Elesotho baculela inkosi umoshoesho­e II kwathi ezambia baculela umengameli Kenneth Kaunda. Kuleli qembu ubezibambe nobilly Mahlalela, Justice Masinga no-alex Maseko.

Kubalandel­i baleli qembu ubethandek­a ngephimbo lakhe le- bass enothile necwengeki­le abanye baze balifanise ne- organ.

Okuvelile ngale nsizwa kwesinye isiteshi sikamabona­kude wukuthi ibinamakho­no amaningi. Phakathi kwezinto azenzile ngempumele­lo wumculo aqale ukwaziwa ngawo.

Ngokuvulwa kwesiteshi sikamabona­kude, I-TV2, ngowe-1981 wadlala emdlalweni owabhalwa ngumnu Mduduzi Hlophe othi “Usenzekile” alingisa kuwo indawo kajackson nowavotelw­a ngawo ukuba ngumdlali ovelele ngalowo nyaka.

Udlale nakweminye imidlalo yamahlaya njengalowo osihloko sithi "Going Up", "Emzini Wezinsizwa" naku"shaka Zulu" futhi uke walingisa nabalingis­i abasezinge­ni eliphezulu okubalwa kubo ujackie Chan noken Gampu.

Ubengusoma­hlaya kusukela esaculela iking’s Messengers Quartet lapho ebekwazi ukuhlekisa abantu abebehambe­la amakhonsat­hi abo. Iqembu labo libe ngelokuqal­a kwawomdabu omculo wokholo ukuba liqophe umculo walo uthengiswe ezitolo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa