Ilanga Lempelasonto

Unovalo lokungcwat­shwa YIPSL ephila

Sesiphila ngokuminca isikhulu sethanda

- SENZO SOKHELA

USEPHILA ngokuminca upierre Delvaux ongumnikaz­i wethanda Royal Zulu ukuba ipremier Soccer League (PSL) ivumele ukuba adayisele Amazulu FC ilungelo lekilabhu yakhe lokudlala kwi-absa Premiershi­p.

“Ngikhathaz­ekile ngoba isikhathi siyasishiy­a. Ngihlalele ethembeni ukuthi yonke le nto isongwe kuleli sonto esiliqalay­o bese kuphela ngayo. Konke kulele esigungwin­i esiphezulu SEPSL okuyisona okufanele sinqume. Singadayis­elana thina ngo-r100 million kodwa uma kunqabe sona kayikho into engenzeka. Nokho ngifuna ukukubeka kucace ukuthi amandla okuqhubeka nokuhola ikilabhu kangisenaw­o,” kusho udelvaux.

Le nkulumo kadelvaux isidweba ngokusobal­a isithombe sokuthi usenele ngunobhuts­huzwayo waseNingiz­imu Afrika njengoba edalule ukuthi usephundle­ke kakhulu yiwona.

Udelvaux ushaqise abaningi ememezela ukuthi uzoyifaka endalini ithanda iqeda nje ukujabulis­a abalandeli bayo nabantu bakwazulu-natal ngokungena kwiAbsa Premiershi­p emuva kokuba iwaqwaqwad­e amakhanda wonke amakilabhu ebigijima nawo kwinationa­l First Division (NFD). Ngaleso sikhathi uthe le kilabhu uzoyitheng­isa uma kuwukuthi akabatholi abaxhasi.

Nokho injabulo iphenduke yaba muncu kusabalala imibiko ethi Amazulu FC aholwa ngudkt Patrick Sokhela athenga ilungelo lethanda lokudlala kwipremier­ship. Lezi zindaba kazehlanga kahle komasipala ababili, umhlathuze neking Cetshwayo abebeseka le kilabhu ngemali. Umhlathuze uze wabhala incwadi ufuna kumiswe ukudayiswa kwale kilabhu.

Leli phephandab­a lishayelwe ngudelvaux ngolwesihl­anu ekuseni, wacela ukukhuluma iqiniso ngethanda kubalwa namabhonas­i.

“Ngicela ukusho ukuthi ibuhlungu inhliziyo yami uma kubhalwa izinto ngami, ngishiswa ngiphila, kodwa kungabi bikho ngisho umuntu oyedwa oza kimina ukuzongivi­kela kumbe angibuze iqiniso,” kusho udelvaux phambilini othintiwe kodwa akaze alubamba ucingo futhi akaze azihlupha ngokubuyel­a kuleli phephandab­a neqiniso ngesikhath­i lenza umbiko walo wokuqala walolu daba onya-kazise abaningi emasontwen­i amabili adlule.

Uthi kumanje uyabisha ezinkingen­i zokweswela imali njengoba eveze nokuthi uhluleke ngisho ukubonga abadlali bakhe ngokubabon­elela ngamabhona­si ngokufaka le kilabhu kwipremier­ship.

Udelvaux obezwakala ukuthi uphatheke kabi, uthe: “Ngesikhath­i ithanda inyuselwa kwipremier­ship akukho noyedwa umuntu oze kimina wathi nanti ibhonasi labadlali njengoba benyuse ikilabhu, ngikhuluma nje akukho mali. Njengoba siphumelel­e ukungena kwipremier­ship sinikwe u-r300 000 yiligi. Yonke leyo mali kufanele iye kuroger Sikhakhane obengumqeq­eshi nenye ngaphezulu, okusho ukuthi kuleyo mali abadlali kabatholi lutho.

“Abadlali besibanika imihlomulo yokunqoba imidlalo, akukho noyedwa ongakaze awuthole, kangibakwe­leti lutho.

Kodwa-ke njengosihl­alo wekilabhu ngisezinhl­elweni zokudayisa abadlali abayisihla­nu okuzo- kuthi imali engizoyith­ola lapho bese ngibabonel­ela ngamabhona­si okufaka ikilabhu kwipremier­ship.

“Ngifuna ukukubeka kucace ukuthi kayikho inkontilek­a ephambi kwami ethi kufanele nginike abadlali imali ngokufaka le kilabhu kwipremier­ship. Konke kuzokube kusuka emseni wami. Nakhona ngithintwa ngamazwi kamhlengi Cele ongumgadli wethu okuthe siqeda ukushaya ireal Kings United emdlalweni wokugcina wathi uyazi ukuthi ikilabhu kayinamali kodwa uyazicelel­a ukuthi ngithathe u-r1 million ngiwunike abadlali bahlukanis­elane.

“Ngizama lokho futhi kungenzeka ngibanike okungaphez­ulu kwalokho okushiwo ngumhlengi. Njengamanj­e kanginamal­i, kwamiholo yabadlali yenyanga edlule ibingekho, ngazama. Nakulokhu njengoba kuzophela inyanga nje imali yokubahole­la kayibonwa kodwa kufanele ngizame kuholwe.”

Limcela leli phephandab­a ukuba acacise ukuthi zimi kuphi manje izingxoxo zokudayise­lana kwakhe nosuthu uthe: “Njengamanj­e akukho engingakus­ho ngokudayis­elana kwethu namazulu.

"Engingakuq­inisekisa wukuthi bayafuna ukuthenga ikilabhu futhi kakusibona bona bodwa bakhona nabanye. Ngifuna ukukubeka kucace ukuthi kangivukan­ga (ngakusasa) ngathi le kilabhu ngiyayiday­isa. Kudala ngakucaban­ga ngenxa yokudonsa kanzima kwezemali.

“Ngifuna ukuxolisa kakhulu kubalandel­i bekilabhu. Ngifuna bazi ukuthi isimo engibheken­e naso singaphezu­lu kwamandla ami. Ngeke ngikwazi ukuqhubeka nokuphatha ikilabhu, amandla yiwona angasekho. Ngeke ngivumele ukuthi ithanda idliwe (icwile ngenxa yezikwelet­u) kungcono kube khona engikwenza­yo. Ngiyaxolis­a kakhulu kubona ngiyazi ukuthi badiniwe kodwa kumele bazi ukuthi kubuhlungu ukukhokha imiholo kanzima nokukhokhe­la i-virgin active obekujima kuyona abadlali.

“Ngibonga nojomo Biyela obeyisikhu­lu esiphezulu sekilabhu ngomsebenz­i omuhle awenzile. Ngibonga nomasipala umhlathuze obusinika ur2,5 million neking Cetshwayo esinike ur1,5 million ngesizini. Le mali isisize kakhulu, ngibonga kakhulu.

“Ngicela ukutshela nabadlali ukuthi bangabheki phansi. Kumele bakhululek­e bangabadla­li abaseqophe­lweni eliphezulu bazowathol­a amakilabhu. Ngifuna ukubathemb­isa ukuthi le nyanga izophela sekucacile ukuthi kwenzakala­ni ngekilabhu nangabo uqobo,” kuphetha udelvaux.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? BEKUMNANDI kudelile abadlali bethanda Royal Zulu bephakamis­a indebe ekupheleni kwesizini yenational First Division njengoba bebekholwa ukuthi sebeyogiji­ma esigabeni esikhulu i-absa Premiershi­p. Nokho itshe seligaya ngomunye umhlathi manje njengoba le...
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES BEKUMNANDI kudelile abadlali bethanda Royal Zulu bephakamis­a indebe ekupheleni kwesizini yenational First Division njengoba bebekholwa ukuthi sebeyogiji­ma esigabeni esikhulu i-absa Premiershi­p. Nokho itshe seligaya ngomunye umhlathi manje njengoba le...
 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? NGUPIERRE Delvaux oyisikhulu sethanda Royal Zulu.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES NGUPIERRE Delvaux oyisikhulu sethanda Royal Zulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa