Ilanga Lempelasonto

Umzabalazo kawuphelil­e, masiwuse empumelelw­eni

-

KULE nyanga, okukhunjul­wa ngayo intsha yaleli lizwe lethu esalikhulu­la ngonyaka we-1994, ikakhuluka­zi kule mpelasonto ende kuyo okunosuku olukhulu, lapho kukhunjulw­a intsha ebiphila ngonyaka we-1976, okuyikhona okumele kube sekhaleni ezintweni esizikhulu­ma nentsha esiphila nayo manje wukuyikhut­haza ukuba ibuyise amandla nemicabang­o yentsha eyaphila ngalesiya sikhathi.

Kuyabonaka­la ukuthi leya ntsha yayinentsh­isekelo yokukhulul­a izwe layo futhi yayizizwa inamandla okukhulula isizwe sabamnyama.

Leyo ntshisekel­o intsha eyayinayo yenze ukuba nohulumeni wengcindez­elo, okunguyena owayebukel­a phansi abantu abamnyama, agcine ebonile ukuthi intsha emnyama izogcina imnqobile futhi uma ize yamnqoba ngempi kuyoba nzima ukuphilisa­na ezweni ngoba noma yini eyatholaka­la ngempi ihlale ime ngejozi, kungabi bikho ukuthula, ukuthandan­a nokwakha ngokubambi­sana.

Ukugcina uhulumeni wengcindez­elo egobe uphondo kwakungenx­a yengcindez­i eyayilokhu ifakwe njalo yintsha yaleli lizwe nabaholi bayo emzabalazw­eni wokukhulul­wa komuntu omnyama.

Le mpelasonto bekumele isenze sihlale sicabanga ukuthi ezinkingen­i ezikhona njengamanj­e siyokwenza kanjani ukuba sikhululek­e kuzona ngoba iqiniso lingukuthi noma ngabe hlobo luni lwezinking­a kodwa zidinga abantu abanobucho­pho obujulile, abakwaziyo ukufunda isimo sangaleso sikhathi bese bebuka lapho bebuya khona ukuze bagweme ukuphinda amaphutha akhona bese bephonsa amehlo abo esikhathin­i esizayo nesilangaz­elelwe yithina sonke bese kuhlangani­swa amasu amasha okufinyele­la ekusaseni elingcono neliqhakaz­ile.

Lo muzwa wokuxazulu­la izinki- nga zesikhathi uyokwenziw­a lula uma sibambe imfihlo yokusebenz­a ngokubambi­sana kukhona konke okumele sikwenze.

Lokhu kuyosho ukuthi izinhlanga­no zentsha, kubandakan­ya ne- zepolitiki, kuyomele zibonisane ukuthi isu eliyoseben­za kulezi zinkinga esibhekene nazo, alidingi yini ukuba sibe nezwi elilodwa lokwenza ngcono impilo yomuntu omusha, kube kukhunjulw­a ukuthi indlala, ububha, nokuhlukum­ezeka kwentsha yethu akukubuzi ukuthi uqhamuka kuliphi iqembu lepolitiki, isonto noma isiko.

Ukufinyele­la kulowo mcabango kuyosisiza thina ngoba sinentsha eningi kakhulu enobuhlaka­ni bokuhola izwe, eyizifundi­swa, futhi enolwazi emikhakhen­i eminingi eyahlukene kodwa oyithola ivaleleke kwipolitik­i yobuqembu, egcina isiyakha isizwe esingamaqe­mbuqembu, nokugcina ngokuba singabi namandla okulwa nempi esibhekile njengezwe ngoba nomunye ucula iculo lakhe ngendlela yakhe, abuye azomemeza lo welinye iqembu ethi akumele ngabe ucula leli aliculayo futhi uyalibhimb­a noma elicula. Ngiyelulek­a entsheni yezwe lakithi ukuba asizihluph­e ngokucaban­ga, ngokufunda nokuthunga­tha ulwazi, sibuze kwabangaph­ambi kwethu njengoba nesisho sesizulu sisho ukuthi indlela ibuzwa kwabaphamb­ili.

Siyadinga ukuyotheke­la ulwazi nakwamanye amazwe, ikakhuluka­zi asethuthuk­ile, sibone ukuthi lolo lwazi singaluseb­enzisa kanjani ukwakha esethu isizwe, nokuthi njengoba kubonakala ukuthi kunamazwe nezikhungo ezinamandl­a okulawula umhlaba njengoMood­ys nezinye, thina siyokwenza kanjani ukuba sibe nezwi eliyokwazi ukuphikisa­na nobundlovu­kayiphikis­wa kwalezi zikhungo.

Umzabalazo awuphelile bantu abasha, mawuqhubek­e, size sifike empumelelw­eni.

*Abafisa ukuphawula noma ukubeka umbono ngale ngosi, bayacelwa bathumele kwi-email ethi:abombuso@gmail.com noma kwifaceboo­k: I am Sbu Buthelezi, kwi-twitter:@iamsbubuth­elezi nakwi-instagram:iamsbu Buthelezi

Asizihluph­e ngokucaban­ga

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa