Umzabalazo kawuphelile, masiwuse empumelelweni
KULE nyanga, okukhunjulwa ngayo intsha yaleli lizwe lethu esalikhulula ngonyaka we-1994, ikakhulukazi kule mpelasonto ende kuyo okunosuku olukhulu, lapho kukhunjulwa intsha ebiphila ngonyaka we-1976, okuyikhona okumele kube sekhaleni ezintweni esizikhuluma nentsha esiphila nayo manje wukuyikhuthaza ukuba ibuyise amandla nemicabango yentsha eyaphila ngalesiya sikhathi.
Kuyabonakala ukuthi leya ntsha yayinentshisekelo yokukhulula izwe layo futhi yayizizwa inamandla okukhulula isizwe sabamnyama.
Leyo ntshisekelo intsha eyayinayo yenze ukuba nohulumeni wengcindezelo, okunguyena owayebukela phansi abantu abamnyama, agcine ebonile ukuthi intsha emnyama izogcina imnqobile futhi uma ize yamnqoba ngempi kuyoba nzima ukuphilisana ezweni ngoba noma yini eyatholakala ngempi ihlale ime ngejozi, kungabi bikho ukuthula, ukuthandana nokwakha ngokubambisana.
Ukugcina uhulumeni wengcindezelo egobe uphondo kwakungenxa yengcindezi eyayilokhu ifakwe njalo yintsha yaleli lizwe nabaholi bayo emzabalazweni wokukhululwa komuntu omnyama.
Le mpelasonto bekumele isenze sihlale sicabanga ukuthi ezinkingeni ezikhona njengamanje siyokwenza kanjani ukuba sikhululeke kuzona ngoba iqiniso lingukuthi noma ngabe hlobo luni lwezinkinga kodwa zidinga abantu abanobuchopho obujulile, abakwaziyo ukufunda isimo sangaleso sikhathi bese bebuka lapho bebuya khona ukuze bagweme ukuphinda amaphutha akhona bese bephonsa amehlo abo esikhathini esizayo nesilangazelelwe yithina sonke bese kuhlanganiswa amasu amasha okufinyelela ekusaseni elingcono neliqhakazile.
Lo muzwa wokuxazulula izinki- nga zesikhathi uyokwenziwa lula uma sibambe imfihlo yokusebenza ngokubambisana kukhona konke okumele sikwenze.
Lokhu kuyosho ukuthi izinhlangano zentsha, kubandakanya ne- zepolitiki, kuyomele zibonisane ukuthi isu eliyosebenza kulezi zinkinga esibhekene nazo, alidingi yini ukuba sibe nezwi elilodwa lokwenza ngcono impilo yomuntu omusha, kube kukhunjulwa ukuthi indlala, ububha, nokuhlukumezeka kwentsha yethu akukubuzi ukuthi uqhamuka kuliphi iqembu lepolitiki, isonto noma isiko.
Ukufinyelela kulowo mcabango kuyosisiza thina ngoba sinentsha eningi kakhulu enobuhlakani bokuhola izwe, eyizifundiswa, futhi enolwazi emikhakheni eminingi eyahlukene kodwa oyithola ivaleleke kwipolitiki yobuqembu, egcina isiyakha isizwe esingamaqembuqembu, nokugcina ngokuba singabi namandla okulwa nempi esibhekile njengezwe ngoba nomunye ucula iculo lakhe ngendlela yakhe, abuye azomemeza lo welinye iqembu ethi akumele ngabe ucula leli aliculayo futhi uyalibhimba noma elicula. Ngiyeluleka entsheni yezwe lakithi ukuba asizihluphe ngokucabanga, ngokufunda nokuthungatha ulwazi, sibuze kwabangaphambi kwethu njengoba nesisho sesizulu sisho ukuthi indlela ibuzwa kwabaphambili.
Siyadinga ukuyothekela ulwazi nakwamanye amazwe, ikakhulukazi asethuthukile, sibone ukuthi lolo lwazi singalusebenzisa kanjani ukwakha esethu isizwe, nokuthi njengoba kubonakala ukuthi kunamazwe nezikhungo ezinamandla okulawula umhlaba njengoMoodys nezinye, thina siyokwenza kanjani ukuba sibe nezwi eliyokwazi ukuphikisana nobundlovukayiphikiswa kwalezi zikhungo.
Umzabalazo awuphelile bantu abasha, mawuqhubeke, size sifike empumelelweni.
*Abafisa ukuphawula noma ukubeka umbono ngale ngosi, bayacelwa bathumele kwi-email ethi:abombuso@gmail.com noma kwifacebook: I am Sbu Buthelezi, kwi-twitter:@iamsbubuthelezi nakwi-instagram:iamsbu Buthelezi
Asizihluphe ngokucabanga