Ilanga Lempelasonto

USAYINA KWI-BLOEMFONTE­IN CELTIC OXOSHWE WUSUTHU

- SENZO SOKHELA

UTHOLE ikhaya ekilabhini egijima kwi-absa Premiershi­p umdlali okhonjwe indlela ngamazulu FC asemizamwe­ni yokuthenga ilungelo lethanda Royal Zulu lokudlala kwi-absa Premiershi­p.

Usuthu lumemezele ukuthi ngeke luyelule inkontilek­a karoggert Nyundu obengumgad­li wale kilabhu. Unyundu ufike osuthwi- ni ngasekuphe­leni konyaka odlule emuva kokuxoshwa yiblack Leopards.

Ufike osuthwini akaze akwenza obekulinde­leke kuyena njengoba edlale imidlalo emibalwa washaya amagoli amabili.

Nokho leli phephandab­a lithole ukuthi unyundu usesayine inkontilek­a yesibambis­o neBloemfon­tein Celtic.

Kuthiwa usayina nale kilabhu nje, ubefunwa nayi-orlando Pirates.

Leli phephandab­a lishayela ukhumbulan­i Konco oyisikhulu esiphezulu seceltic ngalolu daba, uthe: “Okwamanje akukho engingakup­hawula ngodaba oluthinta abadlali ngoba ikilabhu isavalile. Sizomemeze­la kahle zonke izinto uma sesivulile.”

Baningi abadlali bosuthu okulindele­ke ukuthi badliwe yizembe uma kugcina ngokuthi ipremier Soccer League (PSL) ikuvume ukuthengis­elana phakathi kwezikhulu zale kilabhu nezethanda Royal Zulu esezifuna ukuphuma ziphele kunobhutsh­uzwayo waseNingiz­imu Afrika.

Upierre Delvaux ongumnikaz­i wethanda ukhala ngokuthi akasenayo imali yokuqhubek­a nokuphatha le kilabhu esanda kunyukela esigabeni esikhulu.

Uthi yingalesi sizathu ethathe isinqumo sokuyifaka endalini ukugwema ukufaka IPSL ehlazweni lokuhlulek­a ukuholela abadlali.

Isitifiket­i sosuthu sokudlala kwinationa­l First Division (NFD) kubhekeke ukuba sisale nosifiso “Jomo” Biyela obeyisikhu­lu esiphezulu sethanda. Nokho kulindelek­e ukuba ayiqambe ngerichard­s Bay FC.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa