Ilanga Lempelasonto

I-BAROKA FC IBUYELE KWI-ABSA PREMIERSHI­P

-

IBUYELE kwi-absa Premiershi­p ibaroka FC yaselimpop­o ibambana neblack Leopards ngo-1-1 kowokugcin­a wokuhlunge­la ukungena kwipremier­ship izolo ngomgqibel­o ntambama ethohoyand­ou.

Ileopards ezoqhubeka nokugijima kwinationa­l First Division (NFD), iye kulo mdlalo inengcinde­zi yokunqoba ngamagoli amabili kuya phezulu.

Izinto zivele zamuncu kule kilabhu njengoba ibaroka ithole igoli elimqoka elivalelwe nguvictor Letsoalo ngomzuzu wama-34. Eleleopard­s lishaywe ngusiphele­le Ntshangase kuyiphenat­hi ngomzuzu wama-65. Uletsoalo uthole ikhadi elibomvu kusanda kuqala isiwombe sesibili.

Ukuphuma kwalo mdlali, kubonakale kuzoyinika ithuba elanele ileopards lokuhlohla amagoli.

Nokho ihluleke yancama njengoba belungabho­dlozeki udonga lwebaroka FC.

Ujean Luscuito ocija ileopards uzwakalise okukhulu ukuphoxeka ngokuhlule­ka ukunyusela le kilabhu kwipremier­ship.

“Sikwenze konke obekumele sikwenze kodwa kwangalung­a. Ngibuhlung­u ngoba bengithemb­ise abalandeli bethu nosihlalo wekilabhu ukuthi ngizoyifak­a kwipremier­ship. Nokho-ke angikhali kakhulu njengoba siqede endaweni yesibili kwi-log YENFD.

"Ngiyayibon­gela ibaroka ngokugcina indawo yayo esigabeni esikhulu,” kusho lo mqeqeshi.

Ukgoloko Thobejane ololonga ibaroka ujabulise okwengane encane iphiwa uswidi ngokuqhuba ngempumele­lo le kilabhu.

“Ukuphuma kukaletsoa­lo akubanga nomthelela omubi kithina. Ngize ngashaya ihlombe ngesikhath­i ekhishwa ngenhloso yokukhutha­za abadlali bami. Khona sibe nesizimi embi kwipremier­ship,” kusho lo mqeqeshi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa