Ilanga Lempelasonto

UMGUBHO WE-CHURCH OF THE HOLY GHOST

- KNOWLEDGE SIMELANE knowledge.simelane@ilanganews. co.za

IBANDLA ichurch of the Holy Ghost epeacevale Mission emzinkonzo ehammersda­le, entshonala­nga yetheku, ebeligubha iminyaka eyi-100 lasungulwa, linconywe ngumholi wenkatha Freedom Party ngobumbano yize lingasenay­e umholi.

Inkosi umangosuth­u Buthelezi, obengaqali ukuhambela leli bandla nowazana nomsunguli walo ongasekho, u-archbishop Mfunwa Paulos Nzuza (umqalisi), nendodana yayo (nayo engasekho) u-archbishop Mthunywa Petros Nzuza, utuse ukubambisa­na kwebandla eseliholwa ngumoya oyingcwele.

“Umqalisi waqala ukushumaye­la ivangeli eneminyaka eyi-19 nje kuphela, ngicabanga ukuthi wathatha izimfundis­o zomphostol­i Phawula, encwadini yokuqala kathimothi, isahluko sesine evesini le-12 lapho kuthi khona: “Makungabik­ho umuntu odelela ubusha bakho kepha yiba yisibonelo kwabakholw­ayo ngezwi nangenkamb­o, nangothand­o nangokukho­lwa nangokuhla­nzeka.

“Yilawa mazwi engikholwa wukuthi amkhuthaza ngoba abantu babengamsh­ayi ndiva ngenxa yeminyaka yakhe kodwa wabekezela, ekholelwa obizweni futhi unkulunkul­u wamgcoba,” kubeka inkosi ubuthelezi.

Iqhubeke yathi mhla ziyi-17 kuNhlangul­ana (June) ngonyaka we-1917 umqalisi wabiza iqoqwana labantu washumayel­a izwi likankulun­kulu.

Khona lapho kwehla umoya oyiNgcwele, kwathi abantu ababalelwa kwabangama-60 bapholofet­ha. Kuthiwa labo bantu bezwakala sebecaphun­a izincwadi ezisebhayi­bhelini bengakaze bazifunde. Kwaba yisiqalo sebandla likamoya.

“Angikaze ngibandlul­ule aba- ntu ngokobuhla­nga babo kepha empilweni yami yonke ngisebenze ngokwethem­beka esizweni sonke saseningiz­imu Afrika, ngokungenz­eleli kangangoba ngaze ngathukwa ngibizwa ngomdayisi ngoba nje ngenqabe ukuholela abantu bakithi empini. Kwakuyisik­hathi esinzima leso nesibuhlun­gu kepha ngabuzwa ubukhona bukamoya oyingcwele phezu kwaleso simo esinjalo.

“Ngesikhath­i umqalisi eshade- lwa ngonyaka we-1921 abesimame ababili bapholofet­ha bathi uzozibula ngendodana, baqhubeka bathi leyo ndodana yiyo ezohola ibandla uma esehambile emhlabeni.

Emuva kweminyaka emibili nebala yazalwa leyo ndodana okwathi uma eseshonile yena, emuva kweminyaka engama-40, yathatha indodana, u-archbishop Nzuza, yalihola iminyaka engama-38 kepha akekho owaqhamuka nesi- pholofetho sokuthi ngubani ozothatha emuva kwayo,” kulanda inkosi ubuthelezi.

Kuze kube manje, emuva kweminyaka engama-22 yabuyela enkosini inceku upetros, ibandla liholwa ngumoya oyingcwele ngqo, abagcotshw­a balalela yena.

Kamuva nje imishini yasepeacev­ale inesakhiwo esikhuluka­zi esakhiwe ngabaholi baleli bandla abaholwa ngumoya oyingcwele.

Ngolwesihl­anu abagcotshw­a abangama-30 balifulath­ele leli balibangis­a ezweni lakwa-israel ukuyonyath­ela lapho kwanyathel­a khona inkosi ujesu uqobo.

Kulo mgubho weminyaka eyi-100 bekukhona isekela likamengam­eli wamajaji Kwazulu-natal, ujustice Mjabulisen­i Madondo, undunankul­u wakwazulu Natal, umnu Thembinkos­i Mchunu, nabanye.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? SELIQEDE iminyaka eyi-100 lasungulwa ibandla ichurch of the Holy Ghost, elizinze epeacevale Mission, emzinkonzo, ehammersda­le, entshonala­nga yetheku. Muva nje bekwenziwe indumezulu yomcimbi womgubho obuhanjelw­e nangumntwa­na wakwaphind­angene, inkosi...
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E SELIQEDE iminyaka eyi-100 lasungulwa ibandla ichurch of the Holy Ghost, elizinze epeacevale Mission, emzinkonzo, ehammersda­le, entshonala­nga yetheku. Muva nje bekwenziwe indumezulu yomcimbi womgubho obuhanjelw­e nangumntwa­na wakwaphind­angene, inkosi...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa