UMGUBHO WE-CHURCH OF THE HOLY GHOST
IBANDLA ichurch of the Holy Ghost epeacevale Mission emzinkonzo ehammersdale, entshonalanga yetheku, ebeligubha iminyaka eyi-100 lasungulwa, linconywe ngumholi wenkatha Freedom Party ngobumbano yize lingasenaye umholi.
Inkosi umangosuthu Buthelezi, obengaqali ukuhambela leli bandla nowazana nomsunguli walo ongasekho, u-archbishop Mfunwa Paulos Nzuza (umqalisi), nendodana yayo (nayo engasekho) u-archbishop Mthunywa Petros Nzuza, utuse ukubambisana kwebandla eseliholwa ngumoya oyingcwele.
“Umqalisi waqala ukushumayela ivangeli eneminyaka eyi-19 nje kuphela, ngicabanga ukuthi wathatha izimfundiso zomphostoli Phawula, encwadini yokuqala kathimothi, isahluko sesine evesini le-12 lapho kuthi khona: “Makungabikho umuntu odelela ubusha bakho kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi nangenkambo, nangothando nangokukholwa nangokuhlanzeka.
“Yilawa mazwi engikholwa wukuthi amkhuthaza ngoba abantu babengamshayi ndiva ngenxa yeminyaka yakhe kodwa wabekezela, ekholelwa obizweni futhi unkulunkulu wamgcoba,” kubeka inkosi ubuthelezi.
Iqhubeke yathi mhla ziyi-17 kuNhlangulana (June) ngonyaka we-1917 umqalisi wabiza iqoqwana labantu washumayela izwi likankulunkulu.
Khona lapho kwehla umoya oyiNgcwele, kwathi abantu ababalelwa kwabangama-60 bapholofetha. Kuthiwa labo bantu bezwakala sebecaphuna izincwadi ezisebhayibhelini bengakaze bazifunde. Kwaba yisiqalo sebandla likamoya.
“Angikaze ngibandlulule aba- ntu ngokobuhlanga babo kepha empilweni yami yonke ngisebenze ngokwethembeka esizweni sonke saseningizimu Afrika, ngokungenzeleli kangangoba ngaze ngathukwa ngibizwa ngomdayisi ngoba nje ngenqabe ukuholela abantu bakithi empini. Kwakuyisikhathi esinzima leso nesibuhlungu kepha ngabuzwa ubukhona bukamoya oyingcwele phezu kwaleso simo esinjalo.
“Ngesikhathi umqalisi eshade- lwa ngonyaka we-1921 abesimame ababili bapholofetha bathi uzozibula ngendodana, baqhubeka bathi leyo ndodana yiyo ezohola ibandla uma esehambile emhlabeni.
Emuva kweminyaka emibili nebala yazalwa leyo ndodana okwathi uma eseshonile yena, emuva kweminyaka engama-40, yathatha indodana, u-archbishop Nzuza, yalihola iminyaka engama-38 kepha akekho owaqhamuka nesi- pholofetho sokuthi ngubani ozothatha emuva kwayo,” kulanda inkosi ubuthelezi.
Kuze kube manje, emuva kweminyaka engama-22 yabuyela enkosini inceku upetros, ibandla liholwa ngumoya oyingcwele ngqo, abagcotshwa balalela yena.
Kamuva nje imishini yasepeacevale inesakhiwo esikhulukazi esakhiwe ngabaholi baleli bandla abaholwa ngumoya oyingcwele.
Ngolwesihlanu abagcotshwa abangama-30 balifulathele leli balibangisa ezweni lakwa-israel ukuyonyathela lapho kwanyathela khona inkosi ujesu uqobo.
Kulo mgubho weminyaka eyi-100 bekukhona isekela likamengameli wamajaji Kwazulu-natal, ujustice Mjabuliseni Madondo, undunankulu wakwazulu Natal, umnu Thembinkosi Mchunu, nabanye.