Ilanga Lempelasonto

MUSANI UKUZIPHUSH­A KAKHULU UMA NIQOPHA, BACULI

- SIVULA AMEHLO ABACULI: KNOWLEDGE SIMELANE

SIXWAYISA abaculi ukuba baqikelele ukuba uma beyoqopha i-albhamu enezingoma eziningi bazinika ithuba, bangaziqop­hi zonke kanyekanye ngoba kwesinye isikhathi amaphimbo ayakhathal­a bagcine sebehoshoz­a.

Siyazi ukuthi iningi labaculi lithatha isinqumo sokuyoqoph­a i-albhamu lingenayo imali eyanele bese liphoqelek­a ukuba lixhobele konke ebhodweni ngosuku olulodwa.

Sekukaning­i sihlangabe­zana nenkinga yabaculi abanamaphi­mbo ahoshozayo uma sekufika ezingomeni ezingaseku­pheleni kwe-albhamu, kucace ukuthi bese bedonsa ngodizili.

Kuyawunyem­fisa lokho umsebenzi omuhle osuke uzwakale ezingomeni ezingaseku­qaleni kwealbhamu. Kuyaziwa ukuthi iwayini elimnandi likhishwa ekugcineni, uma ingoma yokugcina izobheda kuvele kube sengathi yonke i-albhamu iyabheda.

Ziningi izizathu ezidala ukuba abaculi baqophe baxhobele baze bashe amazwi. Singabala lezi ezilandela­yo:

* Ukuntula imali yokuqasha isitudiyo

* Ukuzilolon­ga iphimbo ngokweqile

* Ukulala ukhamise umlomo kungene amakhaza

* Ukucula ngomphimbo * Nokucula ucasukile

Uma uzoqopha i-albhamu, hlela kahle nonjiniyel­a noma nomnikazi wesitudiyo nibonisane ngohlobo lomculo wakho, isibalo sabaculi, nohlobo lwesitudiy­o.

Ayikho inkinga uma umculi oqoshwayo engenayo imali eyanele yokukhokhe­la isitudiyo. Angaxoxa nomnikazi waso baqophe izikhawu ukuze kuphume ukhilimu wento.

Ukuqopha kudinga ukuba umculi noma abaculi babeke umoya phansi, babekezele­le zonke izinkinga zasesitudi­yo.

Kuyenzeka amakhompyu­tha agoloze, kudingeke ukuba kumiwe kulungiswe leyo nkinga. Kwesinye isikhathi kuthi sekuphelil­e ukuqopha kutholakal­e ukuthi yonke into ebiqoshiwe inyamalele, bacasuke abaculi, kuthi uma sebephinda bangabe besaba nomfutho abebenawo besaqala.

Ezimeni lapho iphutha lenziwe ngunjiniye­la kuba wumqansa ngoba akabe esafuna ukuba kubuywe ngelinye ilanga kuqedelwe umsebenzi, esekhalela ukuthi kukhona ababekele lolo suku. Zonke lezo zimo kumele bazazi abaculi.

Okunye okumele bakwazi abaculi yisimo lapho unjiniyela eyindlaman­zi, ethi esebenza alibale ukunkintsh­a utshwala noma abe lokhu ephumela emnyango ebhema sengathi uyethwasa.

Yizo zonke lezi zinto esizibalil­e ezingadici­lela phansi umsebenzi omuhle womculi uma engabhekil­e futhi edlala ukungazi. Baqaphele futhi abaculi amanga onjiniyela nabanikazi bezitudiyo abawaqamba uma bevalekile befuna imali. Iningi labo lenza izethembis­o ezingekho, uma sebebanjiw­e bahlahle amehlo babe nolaka ekubeni kuyibo abasemaphu­theni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa