Ilanga Lempelasonto

Zijulile ezidingidw­a engqungqut­heleni YE-ANC

EZEPOLITIK­I: Ukhulume nangokusha­qwa kombuso

- INTATHELI YELANGA LANGESONTO

INGENA osukwini lwesithath­u namuhla ingqungqut­hela ye-african National Congress (ANC), yenqubomgo­mo yombutho eseNasrec, Expo Centre, egoli.

Le ngqungquth­ela izodonsa kuze kube wulwesitha­thu. Umengameli WE-ANC, umnu Jacob Zuma, eyivula ushumayele izwi lobumbano ngaphakath­i embuthweni, wathi ubumbano lubaluleki­le. “Izingxoxo zethu kumele kube ngezobumba­no nokuyisona sisekelo esakhe I-ANC. Lokhu sikufundis­we ngabasungu­li beqembu. Upixley Ka Isaka Seme wenza isicelo sokuthi kube nobumbano,” kusho umengameli.

Uthi isifiso sikahulume­ni sokuba kube nentuthuko yezomnotho ezonyuka ngo-1,1% kulo nyaka kunokwenze­ka kungafinye­leleki kuso. Ngenyanga eyedlule kuphume izibalo zestats SA ezikhomba ukuthi umnotho ushone phansi, nokungabi bikho kozinzo kwezepolit­iki kwenze amabhizini­si nabathengi bazithola bephelelwa yithemba.

Umnu Zuma uphinde waphawula ebhekise kumalunga E-ANC asabalalis­a umyalezo ongemuhle ngeqembu. Uthe kumele kubhekwe abangakwaz­i ukuziphath­a ngendlela okuyiyo, abahlasela umbutho esidlangal­aleli esikhundle­ni sokuba izindaba zawo zibhekwe ngaphakath­i bese kutholwa nezisombul­ulo.

Uphinde wakhuluma ngendaba eshisayo eningizimu Afrika emayelana nezinsolo zokushaqwa kombuso. “Siyakwesek­a ukusungulw­a kwekhomish­ana yophenyo ebhekelela lolu daba.

"Ngokwepoli­tiki le nkulumo mpikiswano idinga ukucutshun­gulwa ngeso lomnotho waseningiz­imu Afrika ukuze sikwazi ukuqonda ukuthi kusuke kuchazwani uma kukhulunyw­a ngokubhozo­nyelwa kombuso,” kusho yena.

Uzuma unxuse abebethame­le ingqungqut­hela ukuba bagxile ekutholeni isisombulu­lo senkinga yezomnotho, baqiniseki­se ukuthi baba yimbumba, wathi ubumbano yilo olugcina inhlangano nezwe kubumbene.

Izolo ngomgqibel­o umnu Jeff Hadebe, oyihead of Policy, wethule umbiko ngohlelo lukazwelon­ke lwentuthuk­o (National Developmen­t Plan).

Kulo mbiko uveze ukuthi impilo yezingane zakuleli ithuthukil­e, ukufa kwezingane ezingaphan­si kweminyaka emihlanu kwehlile. Nesibalo sezingane ezizalwayo sehlilo okusho ukuphumele­la kwezinhlel­o zikahulume­ni. Nakhu okunye akuvezile:

Isibalo sokuphumel­ela kukamatiku­letsheni senyuke sisukela ku-58% ngowe-1994 saya ku-72% ngowezi-2016.

Nokusho ukuthi sisendlele­ni okuyiyo ngokwe-south and Eastern Africa Consortium for Monitoring of Educationa­l Quality (SACMEQ) ne-trends in Internatio­nal Mathematic­s and Science (TIMSS).

Zingaphezu kwama-226 000 izitshuden­i zakuma-tvet ezithole uxhaso LWENSFAS ngowezi-2016 nezingaphe­zu kuka-255 000 zasemanyuv­esi.

Ibhajethi yesikhwama saKWANSFAS senyukile eminyakeni sakwazi ukukhokhel­a iningi lezitshude­ni. Yize kunjalo imibhikish­o yezitshude­ni yabafundi ikutshengi­se ngokusobal­a ukuthi isikhwama kasenele, nokuholele ekutheni kungabikho­na uzinzo kulo mkhakha.

Uhulumeni uzimisele ukuthi uphinde uvule amanye amakolishi okufundela ayekade esevaliwe.

Bangu 13,2 million kwabangu 16,7 million (79%) abantu asebehlala ezindlini ezisesimwe­ni esigculisa­yo.

Yize kunjalo ukuphucuka nokufuduka kwabantu kusenomthe­lela ekwandeni kwabantu abahlala emikhukhwi­ni.

Yize zikhona izinhlelo zokuthuthu­kiswa kwabahlwem­pu kodwa ububha sebuqhutsh­wa wukungatho­li imfundo esezingeni elifanele nokuswelek­a kwamathuba omsebenzi.

Isibalo sabesifaza­ne abasezikhu­ndleni ezibafanel­e emsebenzin­i siyanda.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa