KUPHINDE LOKHO KWELOMBHISHOBHI
ISIPHENDUKE isekisi eyokukhishwa kwesigwebo sikaMbhishobhi Jabulani Mvubu ( osesithombeni), wasemzinto, eningizimu yekwazulu Natal, enkantolo equla amacala obugebengu obuhleliwe ethekwini, owalahlwa ngamacala angama-574 okukhwabanisa.
Abayizisulu kulolu daba baphume enkantolo bekhononda, abanye benxapha bethi sekudlalwa ngabo njengoba sekuhlehliswe izikhathi ezine ukugwetshwa kwalo mbhishobhi oneminyaka yobudala engama-38.
Emuva kwezethulo zikammeli kambhishobhi Mvubu u-advocate Thembinkosi Nene, nezethulo zikasonhlalakahle unkk Nokukhanya Mdletshe nezoMshushisi unkz Hazel Sisaramen, imantshi unkz Christo Mazibuko uthe: “Kuningi osekushiwo kule nkantolo namuhla, ngicela ithuba lokuba ngiyokucubungula ngizokhipha isigwebo ngolwesibili mhla zi-4 kuntulikazi (July)”.
Imantshi ifinyelela kulesi sinqumo nje bekushisa phansi zihlephulana ngamaphuzu omthetho umshushisi nommeli.
Kuqale kwafundwa umbiko kasonhlakahle lapho yenze isincomo sokuba imantshi uma isikhipha isigwebo imshonise ezikhindini umbhishobhi ukuze ahlunyeleliswe isimilo. Emuva kwalo mbiko u-adv Nene ubuze unkk Mdletshe ukuthi ngesikhathi enza lezi zincomo zokuba aphonswe ejele umbhishobhi Mvubu uzicabangele yini izingane zakhe ezintathu eziphila ngokondliwa nguye.
Umphendule ngokuthi ubuke lonke udaba emuva kokukhuluma nabamele izisulu, naye ummangalelwa nomkakhe. U-advocate Nene utshele inkantolo ukuthi unkk Mdletshe wehlulekile wukwenza umsebenzi wakhe wokungacabangeli amalungelo ezingane, washo nokuthi imali yesibonelelo sikahulumeni incane ukuthi unkk Mvubu angondla izingane uma esesetilongweni umbhishobhi.
Uqhubeke wathi ulivumile icala futhi uzimisele ukuba akhokhele izisulu imali engaba u-r20 000 ngenyanga iminyaka eyisithupha. Wathi futhi ulahlekelwe ummangalelwa kunezisulu zona ebezi- khokha imali esukela ku-r1 600 kuya ku-r2 500 umuntu emunye. Uphinde wacela ukuba inkantolo isibhekisise isimo sokugcwala kwamajele kuleli wabe esephetha ngokunxusa ukuthi uma isikhipha isigwebo imnike esokuba adonse isigwebo sakhe ngaphandle.
Umshushisi zithe zibekwa nje wacela ukuba imantshi ikhuze umbhishobhi Mvubu ukuba ahlale ngokuziqoqa enkantolo, angahlali sengathi uhlezi kusofa wakwakhe. Ibe isimcela ukuba aziqoqe, nebala kwaba njalo laqhubeka icala.
Umshushisi unxuse inkantolo ukuba imgwebe adonse ejele ukuze ahlunyeleliswe isimilo, wathi isigwebo sokuba agwetshelwe ngaphandle asimfanele ngoba sewake walahlwa yicala lokukhwabanisa - wanikwa leso sigwebo ngonyaka wezi-2010 kepha akafundanga sifundo.
Unkz Sisaramen uthe yilezi zizathu ezilandelayo ezimenza acele ukuba angene ezikhindini umbhishobhi: Uyengele abantu ophathe esebenzisa izwi likankulunkulu ehlose ukubawaka.
Baningi abantu abalahlekelwe yimisebenzi, abanye bangena komashonisa ngethemba lokuthi bazosungula amabhizinisi kepha do. Kukhona abalahlekelwe yimpilo yabo emuva kokungaphumeleli kwamaphupho abo.
Odabeni lwezingane ezintathu ukhona umkakhe uzoqhubeka nokuzinakekela futhi isibonelelo sikahulumeni sikhona.
Usaqhubeka nokuqoqa izimali zabantu namanje yize ehamba leli cala. U-R20 000 awenele ukuba kukhokhelwe izisulu.
Wabuhlela kahle ubuqola ecabangile.uqhube wathi: “Abazona izilima laba bantu abagcwele le nkantolo. Noma ngubani ungena ephaphatheka uma ezwa ukuthi kukhona uhlelo oluzomnikeza imali athuthukise impilo yakhe. Nsuku zonke uma kungena leli cala izisulu aziphuthi ngoba zifuna ukuzwa isiphetho, zibone ubulungiswa benzeka kule nkantolo.
"Bonke laba bantu bebemethembile ummangalelwa ngoba bethi uyisisebenzi sikankulunkulu kepha wabenzela phansi. Isivuno samadunge okungabamangali kuleli cala balahlekelwe yizimali zabo behlose ukwakha isibhedlela ebesizosiza umphakathi, wonke lawo mathemba ashabalele. Ngicela inkantolo imgwebe ukudonsa ejele.”
Uhlelo olusetshenziswe ngumbhishobhi eqola abantu belubizwa ngezuza 4 Life kanti inkonzo yakhe yigrace Ministries, emzinto. Kuvele ukuthi ugcotshwe ngonyaka wezi-2013 ukuhola ibandla, kwathi umkakhe umafu, umamzelemu wagcotshwe ngonyaka owedlule. Umshushisi uthe sekunguye umamzelemu ozophatha leli bandla namabhizinisi uma inkantolo ingamgweba ukudonsa ejele umbhishobhi.