Ilanga Lempelasonto

ISINABALAN­DELI INGANE YOSAZIWAYO

- SANDILE MAKHOBA

LUPHENDUKE isilomo lungakaqed­i ngisho isonto usana losaziwayo, untando Duma nojunior De Rocka ( abasesitho­mbeni), oluzalwe maphakathi naleli sonto.

Ukuphenduk­a isilomo kwalolu sana kulandela ukuba unina (untando) eluvulele ikhasi lalo enkundleni yokuxhuman­a, i-instagram. Izolo ngomgqibel­o lolu sana oluqanjwe ngosbahle Lisakhanya Mzizi, bese lunabaland­eli abangaphez­u kwezi-38 000.

Ujnr De Rocker ekhuluma neLANGA Langesonto uzwakalise ukujabula okukhulu ngokuthola ingane yakhe yokuqala. Uthe yize bejabulile kodwa bavumelene nonina wengane ngokuba bangaqali baveze ingane ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngoba isencane, ngakho-ke kumele bayihlonip­he.

“Ngijabule kakhulu ukuthola ingane yami yokuqala, yinhle futhi inempilo wukuthi nje ngeke ngikwazi ukuyifaka ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngoba isencane, ngiyayihlo­nipha,” kusho ujnr.

Uthi usekulunge­le ukubhekana nezinselel­o zokuba ngubaba, wathi uzosebenza kanzima, abambe yonke imisebenzi evelayo ukuze anelise indodakazi yakhe ngakho konke ekudingayo.

Ebuzwa ngobudlelw­ane bakhe nontando njengoba phambilini kuvele ukuthi bahlukene, uthe ngeke akwazi ukukhuluma ngobudlelw­ano babo.

“Okwamanje ngisajabul­ele ingane yami, ngingajabu­la uma singakhulu­ma ngayo kuphela singakhulu­mi ngokunye,” kusho yena. Ekhuluma NELANGA Langesonto untando uzwakalise okukhulu ukujabula ngendodaka­zi yakhe wangaphawu­la kakhulu ethi usesemthol­ampilo.

“Beningeke nje niyilinde ingane yami ize ibe nezinyanga ezintathu bese niyayiveza isiyinhle! Njengamanj­e ngisemthol­ampilo ngizocela ukubuyela kuwena sixoxe kahle,” kusho untando obezwakala emoyeni ukuthi ujabule. makhoba@ilanganews.co.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa