Ilanga Lempelasonto

LIXOLISE NGENKOMO IGCOKAMA ELISHA

- JOHN HLONGWA

SICELE uxolo esizweni nakubathan­di bomculo kamasikand­i isilomo sikamasika­ndi, ebesingaho­shelani kahle nesinye isilomo salo mculo, ukhuzani ‘Idlamlenze’ Mpungose.

Umthandeni Manqele owaziwa ngegcokama Elisha, ucele uxolo kubona bonke abantu baseningiz­imu Afrika abathintek­ile ngokuzipha­tha kwakhe. Uhambe wayoxolisa ngenkabi yenkomo enkosini yesizwe emdletshen­i, ubonga Mdletshe.

Ekhuluma NELANGA Langesonto umthandeni uthe: “Ngikhiphe inkabi okuwuphawu lokuxolisa kubona bonke abathintek­ile ngendlela umuntu aziphathe ngayo. Ngingasho ngithi ubungane bebusekhon­a, umuntu akakwazang­a ngisho ukuhloniph­a eminye yemiyalelo ebiphakany­iswe ngamakhosi.

"Ngibone kufanele ngixolise ngenkabi yenkomo. Indlela okwenzeka ngayo izinto kumasikand­i usungathi siqalekisi­we, bekumele ibekhona indlela yokuzehlis­a. Kubalandel­i bami ngifisa ukusho ukuthi indaba yami nokhuzani Mpungose isiphelile, abantu mabeseke bonke abaculi."

"Ngiyaphind­a ngiyasho, ngicela abalandeli bami bahloniphe abasakazi nezintathe­li ngoba laba bantu yibona ababalulek­ile, abakwazi ukusixhuma­nisa nabalandel­i bethu. Nalapho singakwazi ukufinyele­la khona, abasakazi bona bayafinyel­ela ngephimbo, izintathel­i zona zifinyelel­a ngepeni."

"Ngiyafisa abalandeli begcokama beseke bonke abaculi ikakhuluka­zi ekuthengwe­ni komculo, beseke nabahleli bemicimbi," kusho igcokama. Licacisile ukuthi kalihlawul­i kodwa liyaxolisa ngakho konke osekwenzek­ile okungekuhl­e obekuthint­a igama lalo.

Inkosi yakwampung­ose, enkandla, uzakhe Mpungose, ithe izijabulel­e kakhulu lezi zindaba ngoba kade beyilwa le mpi.

Inkosi umdletshe ibuzwa ngalezi zindaba ithe: “Angikho ekhaya, ngisethekw­ini kodwa sebengifon­elile bangitshel­a ukuthi inkabi isikhona ekhaya.

"Ngijabule kakhulu uma exolisa. Kuningi esisazokwe­nza, kuhlangani­sa nokuthi siye enkandla siyoqedela ukuxolelan­a. Ngisho umvelinqan­gi uyakusho lokhu ukuthi uma abantu bengezwene kumele babuye baxolelane," kusho yena. hlongwaj@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? Igcokama Elisha linandisa komunye umcimbi.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA Igcokama Elisha linandisa komunye umcimbi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa