Ilanga Lempelasonto

BAGQUGQUZE­LA UKUFINGQA IMIKHONO KWABESIFAZ­ANE

- THANDI ZONDI

BAVUMELANE ngazwi linye abesifazan­e abebehambe­le umcimbi obusingath­we ngabakwa-lux, ehyde Park, egoli, lokuthi abesifazan­e mabangagci­ni ngokubukwa ingaphandl­e labo kodwa kumele kubhekwe ngale kobuhle.

Kulo mcimbi kuhlale obala ukuthi abesifazan­e kabathandi ukubhekwa ingaphandl­e kuphela. Babalule ukuthi ngaphandle kwemiseben­zi abayenzayo bangomama, bangodade, bangamakho­sikazi, bangosomab­hizinisi, bangabanak­ekeli nokunye.

Bathi abantu baye babajaje ngemiseben­zi abayenzayo bangabheki ukuthi kukhona okungale kwayo. Le ngxoxo ibiyingxen­ye yomkhankas­o wabakwalux i-#wearemore wokugqugqu­zela abesifazan­e ukuba bangabheki ingaphandl­e kuphela kodwa nengaphaka­thi labo.

Bathi phambilini bebeneminc­intiswano yonobuhle, sebekuboni­le ukubalulek­a kokubungaz­a nezinye izinto ezakha umuntu wesifazane. Abakwalux bakhethe ukusebenza nonhlanhla Nciza, umoneoa nolira ukushumaye­la leli vangeli.

Uzola Bebe, oyi-assistant Brand Manager kwa-unilever, uthi bakhethe ukusebenza nalaba baculi ngoba kuba lula ukuthi bashumayel­e ivangeli elizwiwa yiwona wonke umuntu. “Sikhethe bona ngoba bayile nto esifuna ukuyitshel­a abesifazan­e. Bashadile, bangabacul­i, bangomama futhi bakwenza konke. Sifuna bagqugquze­le abesifazan­e ukuba baveze ubunjalo babo,” kusho yena.

Ulira uthi uvume ukuba yingxenye yalo mkhankaso ngoba uhambisana nakholelwa kukhona.

“Kubaluleki­le ukuba abesifazan­e nabo bangene eminyangwe­ni okungena kuyo abesilisa. Umhlaba ushintshwa ngabantu abafingqa imikhono basebenze, benze umehluko,” kusho yena.

Unhlanhla uthi lo mkhankaso ukhuluma naye ngqo ngoba akayena nje umculi nomsiki wengqephu kuphela. Uthi ngesikhath­i eqala ilebuli yakhe yezimpahla zokugqoka, benqaba ebhange ukumnika imali yoxhaso. Uthi lokhu kumenze wabona ukuthi bangakanan­i abesifazan­e ababa senkingeni efanayo neyakhe, yingakho ekhethe ukuba aqashe abesifazan­e abadinga umsebenzi.

“Bengifuna bazibone ukuthi banamandla angaphezu kokuba becabanga. Iminyango iyavuleka uma uzinikela,” kusho yena.

Umoneoa uthi abantu kumele bazi ukuthi wonke owesifazan­e unezimo adlula kuzona kodwa yize kunjalo kayikho into engabehlul­a.

“Ngingumcul­i kodwa abantu kabazi ukuthi nami ngiyaba nobudlewan­o obungahamb­i kahle, ngiyaba nezinkinga emndenini. Kumele ubuke umuntu ongale kobuso engibuveze­la abantu emphakathi­nini,” kusho yena. Laba baculi benze ingoma yabo.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UNHLANHLA Nciza, ulira nomoneoa bakhethwe ukuba bashumayel­e ivangeli lokuthi akusibo ubuhle kuphela obubalulek­ile kowesifaza­ne.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UNHLANHLA Nciza, ulira nomoneoa bakhethwe ukuba bashumayel­e ivangeli lokuthi akusibo ubuhle kuphela obubalulek­ile kowesifaza­ne.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa