BAGQUGQUZELA UKUFINGQA IMIKHONO KWABESIFAZANE
BAVUMELANE ngazwi linye abesifazane abebehambele umcimbi obusingathwe ngabakwa-lux, ehyde Park, egoli, lokuthi abesifazane mabangagcini ngokubukwa ingaphandle labo kodwa kumele kubhekwe ngale kobuhle.
Kulo mcimbi kuhlale obala ukuthi abesifazane kabathandi ukubhekwa ingaphandle kuphela. Babalule ukuthi ngaphandle kwemisebenzi abayenzayo bangomama, bangodade, bangamakhosikazi, bangosomabhizinisi, bangabanakekeli nokunye.
Bathi abantu baye babajaje ngemisebenzi abayenzayo bangabheki ukuthi kukhona okungale kwayo. Le ngxoxo ibiyingxenye yomkhankaso wabakwalux i-#wearemore wokugqugquzela abesifazane ukuba bangabheki ingaphandle kuphela kodwa nengaphakathi labo.
Bathi phambilini bebenemincintiswano yonobuhle, sebekubonile ukubaluleka kokubungaza nezinye izinto ezakha umuntu wesifazane. Abakwalux bakhethe ukusebenza nonhlanhla Nciza, umoneoa nolira ukushumayela leli vangeli.
Uzola Bebe, oyi-assistant Brand Manager kwa-unilever, uthi bakhethe ukusebenza nalaba baculi ngoba kuba lula ukuthi bashumayele ivangeli elizwiwa yiwona wonke umuntu. “Sikhethe bona ngoba bayile nto esifuna ukuyitshela abesifazane. Bashadile, bangabaculi, bangomama futhi bakwenza konke. Sifuna bagqugquzele abesifazane ukuba baveze ubunjalo babo,” kusho yena.
Ulira uthi uvume ukuba yingxenye yalo mkhankaso ngoba uhambisana nakholelwa kukhona.
“Kubalulekile ukuba abesifazane nabo bangene eminyangweni okungena kuyo abesilisa. Umhlaba ushintshwa ngabantu abafingqa imikhono basebenze, benze umehluko,” kusho yena.
Unhlanhla uthi lo mkhankaso ukhuluma naye ngqo ngoba akayena nje umculi nomsiki wengqephu kuphela. Uthi ngesikhathi eqala ilebuli yakhe yezimpahla zokugqoka, benqaba ebhange ukumnika imali yoxhaso. Uthi lokhu kumenze wabona ukuthi bangakanani abesifazane ababa senkingeni efanayo neyakhe, yingakho ekhethe ukuba aqashe abesifazane abadinga umsebenzi.
“Bengifuna bazibone ukuthi banamandla angaphezu kokuba becabanga. Iminyango iyavuleka uma uzinikela,” kusho yena.
Umoneoa uthi abantu kumele bazi ukuthi wonke owesifazane unezimo adlula kuzona kodwa yize kunjalo kayikho into engabehlula.
“Ngingumculi kodwa abantu kabazi ukuthi nami ngiyaba nobudlewano obungahambi kahle, ngiyaba nezinkinga emndenini. Kumele ubuke umuntu ongale kobuso engibuvezela abantu emphakathinini,” kusho yena. Laba baculi benze ingoma yabo.