IZIPHIWO ZIPHONSELE UKHOZI FM INSELELO
ABANEBALA elimhlophe baphonsele isiteshi ukhozi FM inselelo yokuba baqashe umsakazi oyedwa nje onebala elimhlophe.
Bathi bona bafana nabantu abathukusiwe ngoba ezindaweni zomphakathi eziningi abavamisile ukutholakala.
Baveze lokhu ngesikhathi benikezwe ithuba okhozini, ohlelweni lwantambama, iwoza Nabangani Bakho (WNB), olushayelwa nguTshathugodo Ngobe noselby Mkhize okhozini FM, obelusakazwa bukhona ngeledlule.
Ngesikhathi bekhuluma babalise ngezinselelo ababheke nazo empilweni, baveza negama abafisa ukubizwa ngalo emphakathini abathi yilona elamukelekile.
Bebemenywe yilesi siteshi somsakazo ngenhloso yokuzwa izingqinamba ababhekene nazo. U-andile Ngcobo (26) obizwa ngomc Pholoba owumsunguli wemasiqoqane Albinism Foundation, futhi ongumsakazi wezwi Lomzansi, uthi bafisa ukuba abantu baseningizimu Afrika bafundiseke ngomuntu ophila nebala elimhlophe ukuthi akawona umuthi.
Uphinde wethula igama abafisa ukubizwa ngalo elithi “isiphiwo” alichaze ngokuthi laqhamuka ngoba osuke ethole umntwana onebala bekuye kuthiwe lowo mzali uphiwe. Uthe uyafisa abantu balijwayele leli gama.
Baqhubekile nabanye ababe yingxenye yohlelo babeka izinselelo ababhekene nazo. Omunye ophawulile uthe: “Mina ngingunjiniyela kodwa ngenxa yamehlo ami angikwazi ukuthola umsebe- nzi. Nomfowethu oyisiphiwo, sesike sabhalela emnyangweni wezemisebenzi Kwazulu-natal sikhala ngokushoda kwamathuba kubantu abayisiphiwo. Ezindaweni zokusebenza asithenjiwe.”
Omunye uthe yena wayewuthisha kodwa ngenxa kasayizi wamagama okubhalwe ngawo ezincwadini, ( font) kwaba nzima ukufundisa, wagcina ephoqeleka ukuba ayeke. Uthe uyacela kuhulumeni ukuba kube nendlela yokulekelela iziphiwo ngoba zona kaziboni kahle.
Usiyabonga Hlela wasehluhluwe, uthi kunzima ngisho kwezothando ngoba khona ababathandela ukubabuka ebusuku ngoba bezwa kuthiwa bayavutha uma belele. Abanye besilisa kuthiwa basuke befuna ukuzwa ukuthi kunjani ukulala nabo.
Baphethe ngokufaka isicelo Okhozini sokuthi ngoba ISABC iyinkampani enkulu make ibabonelele kuqashwe isiphiwo esisodwa nje, sibe wumsakazi ukuze nezinye inkampani zibone.
Bathi bona bafana nabantu abathukusiwe ngoba izindawo ezijwayelwe wumphakathi kabatholakali kuzona.
Unkz Thulisile Makhathini ogada ingane kadadewabo enebala elimhlophe ohlala enanda, uthe selokhu kwaqubuka izindaba zokubulawa kwesiphiwo usephila impilo yokugada ingane ngisho iya esitolo nasesikoleni.
"Ngahlela nabasesikoleni ukuba othisha bangalinge bamdedele ngingakafiki okanye oyedwa kulaba engabhalisa ukuthi bayomlanda uma ngingeke ngifike mina," kusho unkz Makhathini.
Ngingunjiniyela ngenxa yamehlo ami angikwazi ukuthola umsebenzi.