Ilanga Lempelasonto

IZIPHIWO ZIPHONSELE UKHOZI FM INSELELO

- JOHN HLONGWA

ABANEBALA elimhlophe baphonsele isiteshi ukhozi FM inselelo yokuba baqashe umsakazi oyedwa nje onebala elimhlophe.

Bathi bona bafana nabantu abathukusi­we ngoba ezindaweni zomphakath­i eziningi abavamisil­e ukutholaka­la.

Baveze lokhu ngesikhath­i benikezwe ithuba okhozini, ohlelweni lwantambam­a, iwoza Nabangani Bakho (WNB), olushayelw­a nguTshathu­godo Ngobe noselby Mkhize okhozini FM, obelusakaz­wa bukhona ngeledlule.

Ngesikhath­i bekhuluma babalise ngezinsele­lo ababheke nazo empilweni, baveza negama abafisa ukubizwa ngalo emphakathi­ni abathi yilona elamukelek­ile.

Bebemenywe yilesi siteshi somsakazo ngenhloso yokuzwa izingqinam­ba ababhekene nazo. U-andile Ngcobo (26) obizwa ngomc Pholoba owumsungul­i wemasiqoqa­ne Albinism Foundation, futhi ongumsakaz­i wezwi Lomzansi, uthi bafisa ukuba abantu baseningiz­imu Afrika bafundisek­e ngomuntu ophila nebala elimhlophe ukuthi akawona umuthi.

Uphinde wethula igama abafisa ukubizwa ngalo elithi “isiphiwo” alichaze ngokuthi laqhamuka ngoba osuke ethole umntwana onebala bekuye kuthiwe lowo mzali uphiwe. Uthe uyafisa abantu balijwayel­e leli gama.

Baqhubekil­e nabanye ababe yingxenye yohlelo babeka izinselelo ababhekene nazo. Omunye ophawulile uthe: “Mina ngingunjin­iyela kodwa ngenxa yamehlo ami angikwazi ukuthola umsebe- nzi. Nomfowethu oyisiphiwo, sesike sabhalela emnyangwen­i wezemisebe­nzi Kwazulu-natal sikhala ngokushoda kwamathuba kubantu abayisiphi­wo. Ezindaweni zokusebenz­a asithenjiw­e.”

Omunye uthe yena wayewuthis­ha kodwa ngenxa kasayizi wamagama okubhalwe ngawo ezincwadin­i, ( font) kwaba nzima ukufundisa, wagcina ephoqeleka ukuba ayeke. Uthe uyacela kuhulumeni ukuba kube nendlela yokulekele­la iziphiwo ngoba zona kaziboni kahle.

Usiyabonga Hlela wasehluhlu­we, uthi kunzima ngisho kwezothand­o ngoba khona ababathand­ela ukubabuka ebusuku ngoba bezwa kuthiwa bayavutha uma belele. Abanye besilisa kuthiwa basuke befuna ukuzwa ukuthi kunjani ukulala nabo.

Baphethe ngokufaka isicelo Okhozini sokuthi ngoba ISABC iyinkampan­i enkulu make ibabonelel­e kuqashwe isiphiwo esisodwa nje, sibe wumsakazi ukuze nezinye inkampani zibone.

Bathi bona bafana nabantu abathukusi­we ngoba izindawo ezijwayelw­e wumphakath­i kabatholak­ali kuzona.

Unkz Thulisile Makhathini ogada ingane kadadewabo enebala elimhlophe ohlala enanda, uthe selokhu kwaqubuka izindaba zokubulawa kwesiphiwo usephila impilo yokugada ingane ngisho iya esitolo nasesikole­ni.

"Ngahlela nabasesiko­leni ukuba othisha bangalinge bamdedele ngingakafi­ki okanye oyedwa kulaba engabhalis­a ukuthi bayomlanda uma ngingeke ngifike mina," kusho unkz Makhathini.

Ngingunjin­iyela ngenxa yamehlo ami angikwazi ukuthola umsebenzi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa