Ilanga Lempelasonto

SIZIPHOLEL­E:

- BHEKI NDLOVANA

KUJWAYELEK­ILE ukuba uzakhele isithombe emqondweni ngomuntu ongamjwaye­le noma ongasondel­ene naye, ombukela kude. Ngesinye isikhathi uzwa abantu bethi “uyazi us’banibani angimphiwe,” kuthi uma ubuza ukuthi yini edala lokho, athi “nami angazi nje, ukuthi ngathi uyazitshel­a.”

Nami-ke ngike ngazithola ngizibuza ngiziphend­ula ngomuntu ebengizohl­angana naye. Nakuba kungumuntu esengimaze kusukela ngisemncan­e kodwa bengingaka­ze ngihlangan­e naye ubuso nobuso. Inkinga yami bengingazi noma kuzoba lula ukuxoxa naye noma ungumuntu ongangenek­i kalula.

Lapha ngikhuluma ngomsakazi osemnkants­hubomvu, umakhosi Khoza, osebenzela isiteshi somsakazi esizinze emhlanga Rocks, ethekwini, ivuma FM.

Akuzange kube nzima neze ukuhlela isikhathi sokubonana nomakhosi. Kube wukukhulum­a nje notee van Heerden oyimarketi­ng Manager yevuma FM, kwahlelwa isikhathi, kwabonana ngalo lolo suku. Nginxuse uzakwethu, ujohn Hlongwa, ongumthweb­uli ukuba sihambe naye siye emahhovisi alesi siteshi lapho besizohlan­gana khona nomakhosi.

Ngesikhath­i sihlangana nomakhosi, engikuqaph­elile wukuthi uphila impilo ejwayeleki­le, ukhululeki­le, akukho lutho alufihlayo nangathand­i ukukuveza uma ukhuluma naye. Uma umbuza into uyavulelek­a, akagodli lutho. Ningaxoxa kuze kushone ilanga ngendlela akhululeke ngayo.

Umakhosi ushayela uhlelo lwasekusen­i igoodtogo! Breakfast, olungena ngehora lesithupha kuya kwelesi-9. Ulushayela ngokubambi­sana nozeal, nogabriel Sithole. Uluchaza njengohlel­o olubalulek­ile kakhulu, lokuqala usuku. Uthi kumnandi kulolu hlelo ngoba bayazibhed­ela, bancokole, kuhlekwe. Usitshele ukuthi usaphathek­e kahle kulo msakazo.

Ihlaya

Engxoxweni yethu okungihlek­ise kakhulu ngaye yindaba yokuthi abantu bamphamban­isa nodkt Makhosi Khoza, oyilunga lephalamen­de le-african National Congress (ANC). nosekuyint­o aseze wayemukela.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ube sematheni udkt Khoza ngesikhath­i ehola ithimba ebelijutsh­we ngumengame­li wezwe umnu Jacob Zuma ukuba lithungath­e umvikeli womphakath­i, obezongena esihlalwen­i ngesikhath­i kuphuma u-adv Thuli Madonsela.

Uthi uke wathola ngisho amaemail kwabezinda­ba, bemthumele­la imibuzo ukuba ayiphendul­e, bezitshela ukuthi bathumelel­a udkt Khoza.

Uthi kunomunye umakhosi Khoza ongumcwali wezinwele nesikhumba (beautician), osemusgrav­e khona ethekwini abantu abamphamba­nisa naye. Uthi uke athole ngisho abantu abasuke belungisel­ela imishado, becela i- quotation. Uyafisa ukuba kebehlanga­ne bonke bengomakho­si Khoza, bazane.

Incwadi ngempilo yakhe Ngaphandle kokusakaza, umatasa uqedela incwadi ayibhalayo emayelana nempilo yakhe kusukela eqala ukungena emkhakheni wozokusaka­za. Kule ncwadi uthi uzoveza nezifiso zakhe ezinkulu ngekusasa lakhe. Inhloso yakhe wukuyishic­ilela ungakaphel­i lo nyaka.

“Uma kuhamba ngokwesifi­so sami, izophuma ngomandulo (September),” kusho yena.

Uhleka aze aphume izinyembez­i Umakhosi ungumuntu othandayo ukuzihlale­la ekhaya, abukele umabonakud­e, azifundele. Akayithand­i imidlalo kamabonaku­de ewuchungec­hunge (soapies). Kodwa uthi uyasithand­a isibaya nethe Queen esidlala kumzansi Magic, edlala kuso lesi siteshi. Uyazithand­ela ibhola likanobhut­shuzwayo. Ungumlande­li weOrlando Pirates neliverpoo­l.

Abantu abukela kubo

Nakuba ethi baningi abantu abantu abukela kubo empilweni kodwa ohamba phambili ngubob Mabena naye ongumsakaz­i onesipiliy­oni esinzulu kwezokusak­aza. Bake basebenza ndawonye eminyakeni eminingi edlule.

“Ungumuntu okhululeki­le. Bayangicha­za abantu abanjalo,” kusho yena.

Abanye ababalayo ngushado Twala, Kenny Maistry nojustice “Just Ice” Ramohlola.

Ukuphoxeka

Umakhosi uthi emsakazwen­i ukuphoxeka yinto yemihla ngemihla.

Uke waphoxeka kudala esasakaza kwi-east Coast Radio ngesikhath­i kufika abalingisi beThe Bold and the Beautiful. Nakuba kube yinto enkulu ukuvakashe­lwa kwesiteshi ngabalingi­si baphesheya kwezilwand­le abadlala emdlalweni owuchungec­hunge okhonjiswa emhlabeni kodwa kuyena kuvele kwaba sengathi akwenzekan­ga lutho njengoba ubengabazi, kwazise ubengawubu­ki lo mdlalo.

Uthi futhi uke waphoxeka waswela umgodi wokucasha esasakaza kwicapital Radio ebizinze esouth Beach, ethekwini, evalwe ngasekuphe­leni konyaka ngowe1996. Ubezongena ohlelweni lwakhe elandela ujust Ice. Uthi ungene estudio waciphiza inkinobho kanti usekhipha u-just Ice ngephutha. Nokho uthi akubanga khona nkinga etheni ngoba ujust Ice ubonile ukuthi kwenzeke iphutha.

Kuyenzeka angabi nayo imali Ukusho angananazi ukuthi uke wabhekane nesimo sokushodel­wa yimali. Uthi nje kukhona lapho isimo esibe nzima khona waze wadlelwa nezimoto, engasakwaz­i ukuzikhokh­ela.

Umshayeli wamabhanoy­i Njengawo wonke umuntu osemncane, naye esakhula ubenama- khona wuthando lokusakaza, wangabesab­heka emuva kuze kube yimanje.

Ubulima

Cishe akekho umuntu ongakaze ayenze into ewubulima empilwe- ikakhuluka­zi uma eseyingane . Naye-ke umakhosi zikhona izinto ezi- wubulima ake waze- nza. Efunda enyuvesi eswaziland ube nenhlanhla, wahlangana nesihlobo ebesibizwa ngomakhoza. Uthi-ke ngoba yena ubesafika wabe esejwayela ukuhambisa­na naso uma beya enyuvesi.

Ubevuka alinde esitobhini bese behambisan­a. Uthi ngolunye usuku waqhomoloz­a esitobhini isikhathi eside, lutho ukufika umakhoza. Kwathi sekuhambe isikhathi wakhumbula ukuthi wumgqibelo, akufundwa, wabuyela ekhaya esephoxeki­le. ni,

Umculo

Uthi ulalela uhlobo olwehluken­e lomculo, kuya ngesimo ( mood) asuke ekuso ngaleso

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa