Ilanga Lempelasonto

KUFEZEKE IPHUPHO LEMINYAKA EMCULWENI KULAYLA

- THANDI ZONDI

“NGICABANGA ukuthi umculo kimina uwubizo. Ngunkulunk­ulu ongifake kuwona, yingakho sengiqede iminyaka engaphezu kweyishumi ngikuwona,” kusho ulayla oyintokazi eyaziwa kakhulu engomeni kadj Ganyani ethi Talk To Me.

Ulayla ogama lakhe langempela ngunthabis­eng Moamohe usekhiphe i- album yakhe esihloko sithi: Dear Andrew ayibhekise kuyise ongasekho. Uthi uyiqambe ngoyise ngenhloso yokumhloni­pha ngoba wayemeseka kakhulu ohambeni lwakhe lwezomculo. Uyise ubulawe wumdlavuza.

Le ntokazi ingeyokuza­lwa epinetwon kodwa ngenxa yokufuna amadlelo aluhlaza yagcina isizinze Kwandongaz­iyaduma, egoli. Uthi ingoma ayenza nodj Ganyani yiyona eyamphendl­ela isikhala kwezomculo wathola nokwaziwa.

Ngokusho kwakhe uthi i- album yakhe iqondiswe kakhulu kwabesifaz­ane ngoba ukholwa wukuthi kubaluleki­le ukuzamukel­a ubuwena.

“Ziningi izinto ezilindelw­a wumphakath­i esiphila kuwona ngendlela okumele sibe yiyona.

"Kusukela ekutheni kumele siziphathe kanjani, sigqoke kanjani futhi sibukeke kanjani. Ngikubone kubaluleki­le ukuba ngibe nomyalezo owakhayo emculweni wami ukuze owulalele acoshe okuthile kuwona.

"Kuke kwaba nesikhathi lapho benginenda­ba kakhulu ukuthi abantu bacabangan­i ngami kodwa ngokuqhube­ka kwesikhath­i ngabona ukuthi konke lokho kakungisiz­i ndawo. Kumele kube yimina engenza abantu bangihloni­phe ngendlela engizamuke­la ngayo nengizipha­tha ngayo. Ngizoba yimi, ukuthi omunye ucabangani kanginanda­ba,” kusho ulayla.

Uthi umculo wakuleli sewukhule kakhulu kodwa kusadingek­a ukuba amaciko afunde ukubambisa­na ewodwa ukuze wonke umuntu akhule. “Singabacul­i besifazane sisabheken­e nenkinga enkulu emculweni we- house.

"Umuntu uke acabange sengathi ukwenzela isihe uma usebenza naye. Kubaluleki­le ukuba sizibambe ziqine uma sikulo mkhakha futhi sizazi ukuthi sifuna ukuzuza ini ekugcineni,” kuqhuba yena.

Elandisa ILANGA Langesonto

ngohambo ekwenzeni i- album

yakhe uthi bekungelul­a neze, bekudingek­a azinike sonke isineke ukuze kuphume ulozolo.

“Ngijabule ngokuthi iphupho lami ligcine lifezekile, kwaphuma nento ebengiyifu­na, kusho yena.

Ufisa ukusebenza nothandisw­a Mazwai, unasty C no-okmalumkoo­lkat.

“Kuningi engiseza nakho, abantu mabalindel­e lukhulu. Phezu kwalokho ngisezinhl­elweni zokuvakash­ela phesheya kwezilwand­le ngisabalal­ise umculo wami,” kuphetha ulayla. tzondi@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGABE: ZKHIPHANI. CO.ZA ?? ULAYLA ongene shi emculweni we-house.
ISITHOMBE NGABE: ZKHIPHANI. CO.ZA ULAYLA ongene shi emculweni we-house.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa