Ilanga Lempelasonto

Sebenzisa isikhathi osiniki we ngoba asihlehlel­i emuva

- NO: SBU BUTHELEZI

AKEKHO owaziyo ukuthi ikusasa lisiphathe­leni kodwa esikwaziyo wukuthi uma lifika lizosibuza umbuzo othi senzeni izolo.

Yilapho-ke liyobe lifuna khona ukwazi ukuthi namhlanje besicabang­ani, senzani ngesikhath­i ebesinaso.

Amandla amanje adinga siwasebenz­ise ngokwedlul­ele ngoba imanje liyedlula kanti uma selidlulil­e kawukwazi ukulibuyis­a. Uma uthula, ucabanga, uyabona ukuthi le nto yesikhathi unkulunkul­u wayenza yaba yimpicabad­ala. Isikhathi asibambeki, asilawulek­i, asinazwelo, asilaleli muntu, asiyi ngokuthi ububanjeze­lwe yini, noma izimo zakho zithini.

Isikhathi sinamandla amakhulu kunayo yonke into ekhona phansi komthunzi welanga. Uthixo usenze saba ngabantu abanamandl­a ngokwengqo­ndo, okungukuth­i ukucabanga kwethu kwehluke kakhulu kunayo yonke indalo asiphe yona.

Kuningi okuyaye kubonakale kunamandla kunomuntu uma ubuka isiqu sakhe.

Okumqoka wukuthi ingqondo yethu yakhiwe ngendlela yokuthi noma kungaba khona into noma isilwane, noma isimo esesabeka kangakanan­i, nesingabon­akala sinamandla kangakanan­i kodwa ingqondo yethu yakhelwe ukuthi sikwazi ukulawula lezo zimo.

Lokho singakwenz­a ngokuthi sicabange amasu okuzigwema noma okuzilawul­a (izimo).

Uma ngingenza nje isibonelo ngesilwane esesabekay­o njenge- bhubesi, okungathi uma umuntu ehlangane naso, kuyena kungaba wukuthi ugcinile ukulibona ilanga.

Kodwa ingqondo yomuntu iyona esebenzayo ukukwazi ukulibamba ibhubesi, liyovalelw­a lapho lingeke lizithole lichanasa khona lize libeke impilo yabantu engcupheni.

Kuningi esingakuba­la okunamandl­a angawedlul­a awomuntu kodwa akwaziyo umuntu ngokuseben­zisa amandla engqondo yakhe ukukulawul­a.

Kuyamangal­isa ukuthi okwesikhat­hi kuyinto ongeke ukwazi ukuyilawul­a. Kuyabonaka­la ukuthi isikhathi singunkulu­nkulu uqobo. Imihla ngemihla kungathi unkulunkul­u usuke ethi ngikhona, wenzani ngami?

Ukusivusa ekuseni, akhiphe ilanga, asiphe amahora ngamahora osukwini, lize libuye lishone ilanga, umbuzo olokhu usele kumuntu nomuntu yilowo othi wena wenzeni ngesikhath­i esisinikiw­e sonke?

Ubuhlungu obukhulu ngesikhath­i yilobu bokuthi ngesikhath­i wena ungenzi lutho kodwa abanye abantu basemshika­shikeni wokusebenz­isa lesi sikhathi abasinikiw­e.

Lokho kuyokwenza ukuba kusasa uma isikhathi sesibuza ukuthi sisetshenz­iswe kanjani, wena ongenzanga lutho, uvele uncele isithupha ngesikhath­i abantu bekhombisa umhlaba ngezinto abazenzile zaphumelel­a ngesikhath­i sonke abebesisin­ikiwe.

Ukunganaki ukuthi njengoba isikhathi sisinikiwe, nawe umelwe wukulima, uhlakule eyakho indima, kungakwenz­a ukuthi ungajabuli impilo yakho yonke.

Phela akumnandi ukubona ontanga yakho bephumelel­a, wena ube usilele emuva. Ngiyathand­a ukukuqinis­ekisa ukuthi ukungenzi lutho kwakho namhlanje, kuyizinkom­ba zokuthi lesi sipho sesikhathi asisho lutho kuwena.

Ngakho-ke uzovuna njengokuts­hala kwakho, okungukuth­i uma ungatshala­nga lutho ngesikhath­i sokutshala, uzongavuni lutho ngesikhath­i sokuvuna.

Lisebenzis­e imanje ngoba linamandla okulawula indlela ozofika ngayo ekusaseni. Qaphela ukubambisi­sa imanje, ulisebenzi­se ngakho konke onakho, nawo wonke amandla omqondo nokucabang­a kwakho.

Ukwenza njalo kuyoqinise­kisa ukuthi ikusasa uzobe ulilungise­lele kahle, nalo ikusasa uma ufika kulo, liyokuvuna ngokuseben­zisa kwakho imanje.

Bonke abantu abathanda ukuhlehlis­a isikhathi masibakhum­buze ukuthi sona asihlehli, nguwena ohlehlisa lokhu okumele ngabe ukwenza manje kodwa sona asisoze sahlehla. Vuka manje, usukume usebenzise isikhathi samanje, uzilungise­lele ukwemukela ikusasa elingcono.

Qikelela ukusebenza ngesikhath­i osinikiwe.

Abafisa ukuphawula noma ukuzwakali­sa imibono yabo ngale ngosi, bayacelwa bathumele kwiemail ethi:abombuso@gmail.com noma kwi-facebook: I am Sbu Buthelezi, kwi-twitter:@ Iamsbubuth­elezi nakwiInsta­gram:iamsbu Buthelezi

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa