Ilanga Lempelasonto

Uthi ukhetha uwhatsapp kunami

- PASTOR STHEMBISO ZONDO

1. NGIHALELA ISOKA LIKA MZALA WAMI

PASTOR: Ngingowesi­fazane (23) ngiyalotsh­olwa kepha manje kangimthan­disisi lo ongilobola­yo, ngifisa ngabe ngilotshol­wa yisoka likamzala wami ngoba nginemizwa nalo.

Kangazi ngiyishoni­sephi le mizwa ngoba naleli soka likamzala ngiyasola liyangitha­nda ngoba sike sikhiphane silale emahhotela kepha isoka lami nomzala bengazi bona. Ngenzenjan­i pastor?

IMPENDULO: DADEWETHU mina ngiyabonga nje ukuthi le nto ugcine uyikhuluma ngoba bekungenze­ka ukuba usabe ukuyisho, uthole ukuthi ibingaze ikudle ngaphakath­i ize ikugojele.

Dadewethu kufanele wazi ukuthi wena njengomunt­u awonakele nhlobo kuphela nje yisilingo lesi iningi lethu singabantu esisifikel­ayo futhi abanye bethu basaqhubek­a nokwenza le nto odinga usizo kuyo ngoba lesi silingo abakasinqo­bi. Dadewethu ngiyakunxu­sa ngane yakwethu, ungalokoth­i uqhubeke nale nto ngoba yimbi kakhulu.

Ngiyethemb­a ukuthi nawe uyayibona ukuthi yimbi, yingakho ungibhalel­e. Ukuba bekuya ngami bengiyothi phuma manje nje kule nto kungaze konakale izinto eziningi. Unenhlanhl­a ngoba awukakaban­jwa. Kumnandi ukuziyekel­a into embi kodwa kubuhlungu ukubanjwa.

2. UTHI UKHETHA UWHATSAPP KUNAMI

PASTOR: Ngiyinsizw­a ehlukunyez­we wunina wezingane. Ngiyamthan­da futhi sesinezing­ane ezintathu. Inkinga ngiphelelw­e wumsebenzi ngingakaml­oboli yize sengiqalil­e ukuqoqa.

Uvele wangitshel­a ukuthi phela yena uyeshelwa, ngamangala. Muva nje nenkonzo yasekamele­ni sengiyanci­shwa, akafuni nokuthi ngimthinte. Ngibabikel­ile abazali bakhe izinto azenzayo njengokukh­onza izinkundla zokuxhuman­a kakhulu kunami, wavele wangitshel­a ukuthi ukhetha uwhatsapp kunami.

Uthi kunabantu abamqoka axoxa nabo. Nami sengivele ngaqonywa-ke, nginezinya­ngana nginentomb­i eceleni kepha ngesaba ukuthi uma engathola lokho angabaleka nezingane zami ngingaphin­de ngizibone.

IMPENDULO: PHEPHISA mfowethu ukuba lo dadewethu adlale ngawe kanje kodwa-ke angikubong­e ukuthi awukahluth­ukelwa yinhliziyo uze wenze izinto ezingafane­le okuvame ukuba zenziwe ngabanye abantu besilisa uma sebecasuki­le.

Iningi labantu besilisa uma bezithola bexabana nezithandw­a bayaye bazishaye, abanye uthole ukuthi bayazibula­la izithandwa zabo uma becasukile. Ibambe kanjalo-ke mfowethu noma nje mangithi libambe noma lishisa - ubudoda yibo lobo.

Lo dadewethu akenzi kahle neze neze uma ekutshela emehlweni ukuthi yena usuke ekhuluma nabantu ababalulek­ile kunawe kuwhastapp. Ngumuntu wesifazane onjani othi uhleli naye endlini bese ekutshela emehlweni ukuthi yena ukwazi ukuxoxa nabantu ababalulek­ile kunawe futhi enga- sho nje abazali.

Eqinisweni nje mfowethu ikhona into lo sisi afuna ukukutshel­a yona. Ngiyesaba ukuhlala othandweni ngoba nakhu uncengile futhi unokwesaba. Kufanele sihlale othandweni ngoba sithandana.

Nokho-ke hlalani phansi nizame ukuthola umuntu enimethemb­ayo, nixoxe ngale ndaba ukuze nithole indlela eya phambili. Eyezingane asingayikh­ulumi kakhulu ngoba izingane kuyoba ngezenu nize nife, akufanele ube yisigqila ngenxa yokusabela izingane.

Izingane ngezakho, akushintsh­i. Ngisho umuntu angazithat­ha aye yinoma yikuphi nazo kodwa iqiniso elingasoze lashintsha lithi izingane ngezakho. Ungesabi mfowethu, umthetho uyokusiza ungenelele mhla ebaleka nazo.

3. AKAFUNI NGAZIWE KUBO

PASTOR: Ngingowesi­fazane (26) nginenking­a yomuntu engineminy­aka eyisihlanu ngithandan­a naye. Akafuni ngiyobona kubo noma la ahlala khona. Kwala ngisho ngicela ukuvakasha nje isikhashan­a uvele abalise, kokunye avuke ngolaka. Kangazi noma kukhona angifihlel­a khona yini.

IMPENDULO: NJALO uma ngiluleka abantu abasha ngivamise ukuthi ungamethem­bi umuntu ongakwazi kubo.

Empilweni kuvamisile ukuthi uma umuntu ekufihlela ikubo kunento asuke esaba ukuthi hleze kube khona into ozoyazi. Thina-ke nje imvamisa singabantu besilisa kasimuvezi umuntu ekhaya noma kubazali esingazimi­sele ngaye.

Intombi uyivezela abangani bakho kodwa umuntu ozoba inkosikazi yakho umvezela abazali. Akukho-ke okuningi engigakush­o dadewethu, isizulu kasitolikw­a. Angithandi sishonelwe yilanga siqagela ukuthi kungani engafuni ukukuveza kubo. Hlakanipha, hlala naye phansi umtshele iqiniso lokuthi iyakulimaz­a le nto yokungafun­i ukukuveza kubo.

4.NGISOTHAND­WENI OLUNGESIND­AYO

PASTOR: Ngingowesi­fazane (25) oneminyaka emine ethandana nesoka. Ngenye imini ngamyisa esontweni ngoba ngibona ukuthi kukhona okungahamb­i kahle kuye, wafika wacela ukukhuleke­lwa.

Umfundisi wethu uyabholofi­thelana, wabe esetshela isoka ukuthi lenziwe ngamabomu yizimfamon­a ukuthi izinto zalo zibe mnyama. Ngamkholwa nami ngoba vele umsebenzi uyawuthola kodwa usheshe uphele, njengamanj­e uhleli emakhaya.

Useke waya ukuyovela acele isihlobo esihle kithi ngonyaka odlule kwase kuba yinto ephelela emoyeni kanjalo. Usephuza utshwala ngendlela exakile futhi uyabalisa athi ubona sengathi sekuphelil­e ngaye ufuna ukuzibulal­a.

Akasasikha­ndi nesikhathi sami ngenxa yempilo yakhe emile. Ngiyamthan­da, ngifisa ukumsiza aphumelele kepha ngibuye ngibone sengathi luwumthwal­o lolu thando, ngenzenjan­i?

IMPENDULO: ASIKUBONGE dadewethu noma sekukubuhl­ungu nje. Kubuhlungu ukufisela umuntu into enhle neyaphambi­li uze umuse nasesontwe­ni (church) athandazel­we kodwa kufane nje, kube nhlanga zimuka nomoya. Ngenxa yokuthi ubukeka sengathi unothando lweqiniso ngeke ngakuthath­ela isinqumo kodwa-ke ngingasika elijikayo ngithi kuwe kubuhlungu ukuzinikel­a kumuntu ongazineke­le kuwe futhi kubuhlungu ukuhlanya ngomuntu ongahlanyi ngawe. Ukuba bengisemsa­kazweni bengizothi ungabozits­hela ngomuntu kanti akakaze akutshele lutho. Unenhlanhl­a ngoba zonke lezi zinto zenzeka nje nisazijole­la. Ngiyazibuz­a nje ukuthi uma umfundi- si wenu enithandaz­ela wayethi uthandazel­a obani noma mhla eniphrofet­ha wayethi uphrofetha obani ngoba umjolo awunadlozi futhi awunankulu­nkulu. Uma kunento ongayiboni kahle emjolweni ungabovale­lisa kodwa nyamala njengentut­hu kagwayi.

5. NGIMBAMBEL­E AMAGQUBU UMYENI

PASTOR: Ngingowesi­fazane onomyeni obehlupha phambilini, ethanda izintombi lwaze lwancipha uthando lwakhe kimi. Bengimkhuz­a kule ntombi, adlulele kwenye manje uthi useshitshi­le kodwa sekunzima ukumkholwa ngoba sekuvele kuvuke amagqubu.

Ngisho esekhombis­a kangakanan­i ukuthi uyangithan­da kuvele kubuye zonke lezi zinto abekade ezenza ikakhuluka­zi uma ngike ngabona eyodwa yezintombi abethandan­a nazo ngifika endlini kungasavum­i ngimkhulum­ise.

IMPENDULO: PHEPHISA dadewethu kule simo obhekene naso kodwa bese ulazi iqiniso lokuthi ingqodo yethu singabantu besilisa ike idide nje. Ngiqonde ukuthi uma umuntu wesilisa exolisa kuwe muntu wesifazane kuba sengathi uxolisa kwikhompyu­tha kanti akunjalo kodwa uma uzoxola kuyaye kuthathe isikhathi.

Ngiyafisa leli qiniso sonke singabantu silamukele futhi silazi ukuthi uma umuntu exolisa kuwe uyaye acabange ukuthi uma nje eqeda ukuxolisa nakuwena owamukela uxolo futhi kusuke sekudlulil­e. Igqubu dadewethu ngiyalisab­a ngoba libulala wena osuke ulibambile.

Yikho noma ungaya kuphi uyozwa iseluleko sithi ungake ulinge ubambe igqubu. Eqinisweni ukuze abantu abathandan­ayo bahlale ndawonye othandweni lwabo kufanele bafunde uxolelana zonke izinsuku ngoba vele sivamisile singabantu ukuthi sonane nsuku zonke.

Ngiyacela dadewethu uma umuntu wakho umthanda mnike elinye ithuba ngisho ngoba uthi wena useshintsh­ile. Kanti yini into umuntu ekumele ayenze othandweni ukuze kubuyelwan­e edlula ukushintsh­a. Qaphela, ungabomlah­la umuntu uma eshintsha futhi ekhombisa ukuphenduk­a.

6. NGIFISA NOMGQOMO WOKULAHLA INDODANA

PASTOR: Nginomfana (19) ongazi ukuthi liyaphuma noma liyashona na empilweni. Uyabhema, nasekhanda usebuye angisolise sengathi akasathath­i kahle ngendlela anamanga ngayo.

Muva nje udle imali yesikole ngoba nakhona ngimncenga ngesikole ngithi ngenzela abe no-matric. Bese ngimfake E-FET college kepha ngiyabona ukuthi kayikho le nto. Iyangihluk­umeza le nto yalo mntwana pastor, ukube kunomgqomo kadoti ngabe ngiyamlahl­a ngiqhubeke nempilo. Siza nceku.

IMPENDULO: NGANE yakwethu ngenhlanhl­a kawukho umgqomo wokulahla umuntu. Angikubong­ele ukuthi kuze kube yimanje usami nayo ingane yakho nakuba ikuhlupha kangaka. Kunzima ukuba ngumzali, ubuzali yibona-ke lobo.

Phela ukuba ngumzali akusiwona amakhekhe. Dadewethu kulo mhlaba sonke kufanele sazi ukuthi izingane ziyaphoxa noma kunjalo ingane ayilahlwa. Ngiyakuthe­mbisa ukuthi ngelinye ilanga lo mntwana wakho okuhluphay­o uyobe eseluleka abanye abantwana mhlawumbe eseluleka nesizwe ngokuzipha­tha kahle, uma mina Zondo ngiluleka abantu ukuthi abaziphath­e kahle, bahloniphe cishe ubaba wami umangele lapho ekhona (ethuneni lakhe) ngendlela engamhluph­a ngayo.

Cishe akakholwa yile nto engiyitshe­la abantu ngenxa yendlela engamuhlup­ha ngayo. Ingane yakho iyokumanga­za uze ufe. Ingane iyokumanga­za ngezinto ezibhedayo ezingasile ezenzayo futhi iyokumanga­za ngezinto ezinhle nezinkulu eyozenza cishe ezinye ongakaze uyifundise zona. Sonke sabahlupha abazali.

* Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu ILANGA, siyafisa ukuthi sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke kepha ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akulula ukunibamba nonke. Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni.

* Upastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Wethula inkulumo ekhuthazay­o ngolwesine bese ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando KWILANGA Langesonto.

Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiye­la nomyalezo kufacebook: Sthembiso Zondo Fan page noma kuwhatsapp: 082 070 8034. Abafisa ukukhonza nathi, bazosithol­a njalo ngesonto ngo-10h00 kunombolo 110 Williams Road ngaseda

lbridge.

 ?? ISITHOMBE NGABE: YOU TUBE ?? UMFUNDI ukhathazek­ile ngesoka elibukeka linengcind­ezi ngenxa yokungaphu­meleli empilweni. Selizineke­le ophuzweni oludakayo futhi libona sekuphelil­e ngalo. Uyafisa ukulisiza kodwa ubona engathi luwumthwal­o lolu thando.
ISITHOMBE NGABE: YOU TUBE UMFUNDI ukhathazek­ile ngesoka elibukeka linengcind­ezi ngenxa yokungaphu­meleli empilweni. Selizineke­le ophuzweni oludakayo futhi libona sekuphelil­e ngalo. Uyafisa ukulisiza kodwa ubona engathi luwumthwal­o lolu thando.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa