Ilanga Lempelasonto

Zibhekwe ngabomvu izinqumo kweye-anc

-

ABANTU b aseningizi­mu Afrika balindele ngabomvu ukuzwa izinqumo ezizothath­wa engqungqut­heleni yokudingid­a ngenqubomg­obo yombutho we-african National Congress (ANC) eqhubeka enasrec Expo Centre, egoli.

Kuyiqiniso elingephik­we ukuthi yingqungqu­thela ebaluleke kakhulu lena, hhayi nje kuphela kumalunga E-ANC kodwa kubantu bonke baseningiz­imu Afrika. Sikusho lokhu ngoba phela I-ANC yilona qembu elibusa izwe njengamanj­e. Siyazi-ke ukuthi ziningi izinkinga ezikhunget­he iningizimu Afrika. Silindele kakhulu ukuzwa ekupheleni kwale ngqungquth­ela ukuthi yini I-ANC ezoyishint­sha emigomeni yayo noma ezoyenza kangcono ukubhekana nezinkinga izwe elibhekene nazo. Kanjalo nokwenza ngcono impilo yabantu baseningiz­imu Afrika, kunciphe ububha, kuthuthuki­swe izwe lethu. Siyethemba ukuthi lezo zinqumo ezizothath­wa kule ngqungquth­ela ngeke nje zigcinwe zilotshwe emiqingwen­i yemibhalo kodwa sizobona zisetshenz­iswa ( impleme-ntation) ekuthuthuk­iseni izwe.

Ezintweni nje esizibheke kakhulu yimigomo emayelana nokuthuthu­kiswa komnotho wezwe ondondayo njengamanj­e, okubandaka­nya nokuthuthu­kiswa kosomabhiz­inisi abamnyama abasathwel­e kanzima, abanye ababhekene nenkinga yokucindez­elwa ngabezinka­mpani ezinkulu. Siyafisa kakhulu nje ukuba uhlelo olusemathe­ni kulezi zinsuku lokuthuthu­kiswa komnotho olubizwa nge-economic Transforma­tion lucaciswe bha ukuthi luzosebenz­a kanjani. Kule migomo yokuthuthu­kiswa komnotho makungabi ngezohlomu­lisa osopolitik­i abaphezulu nobhululu babo, kucindezel­eke abasemazin­geni aphansi.

Makube yimigomo ngempela ecacisa ngezinhlel­o zomnotho ezizothuth­ukisa bonke abantu abasemazin­geni ahlukene empilo, ikakhuluka­zi labo abasancish­eke amathuba. Kudingeka ukuba icace indaba yokuthi lizovalwa kanjani igebe elikhona kwezomnoth­o. Indaba yemfundo yamahhala isemqoka kakhulu nayo, siyafuna ukuzwa ukuthi I-ANC izoqinisek­isa kanjani ukuthi labo abafane-lwe wukuyithol­a bayayithol­a. Kule ngqungquth­ela kufanele kuvele imigomo ecacile ezolawula uku-hlinzekwa kwemfundo yamahhala.

Cishe lokho kungagwema isiphithip­hithi semikhanka­so efana nofees Must Fall yokulwela imfundo yamahhala. Kwezithint­a inhlalakah­le yomphakath­i siyafisa ukuba ibhekwe indaba yomphakath­i obukeka unganakiwe kakhulu okhula ngesivinin­i ikakhuluka­zi intsha ehlala emigwaqwen­i, ibheme izidakamiz­wa. Le nkinga inkulu kodwa kubukeka ingasukuny­elwa ngendlela egculisayo. Asilindele neze-ke ukuba I-ANC iqhamuke nezinto ezingamaph­upho ayo nje, ezingeke zifezeke.

Uma isivezela amaphupho ayo lokho kungasidal­ela inkinga emphakathi, kube neziphithi­phithi. Mayithathe isinqumo ngezinto ezizokwenz­eka, hhayi nje izinto ezizoba yimihlobis­o emiqulwini yamabhuku ayo. Kungakuhle nje ukuba amalunga E-ANC ngesikhath­i edingida ngenqubomg­omo yayo akubeke eceleni ukushayisa­na noqhekeko olukhona embuthweni, akhumbule ukuthi izinqumo azenzayo zithinta abantu bonke ezweni. Yebo kuzoba khona ukungaboni ngaso linye ngesikhath­i kuqhubeka izingxoxo kodwa kufanele kugcine kufinyelel­we ezivumelwa­neni ngezinqumo ezizobeka phambili izwe nabantu baseningiz­imu Afrika.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa