Ilanga Lempelasonto

INCANE INTO EQHATHA OMAKOTI NONINAZALA

-

ANGIKE ngibuke kweminye imizi indlela okulula ngayo ukuhilelan­a nokugigeka kwemimoya phakathi kukamakoti noninazala bese nento encane ebingaxoxw­a igcine isiyimpi engasukumi phansi. Kungenzeka vele ukuthi phakathi kwabo usuke ekhona oneconsi, uyayibona le nhlobo okuze kuthiwe: “Ningamnaki bandla, yisidalo sakhe uneconsi.” Nakomakoti noninazala kuba khona lo ohlala ebheka into angase ayigovuze, agcine eyithola-ke. Inkinga iba sekutheni-ke nalo omunye ahluleke wukwesheke­lela isimo, asikhalime singayi la iconsi lalo omunye belifuna le nto iye khona.

Uma uchukuluzw­a wumuntu ekudonsela odakeni phela kusuke sekumele wena ungafani ngqo naye uvume ukuyobhuku­da odakeni ulokhu uphendulan­a naye, kumele ukhombise ukuphusa okuthe thuthu. Uma omakoti bengavuma ukuthi baze baye laphaya emizini yabantu nje beyogana yingoba basuke benenhloso yokuyokwak­ha, hhayi yokuphehla udweshu, okunye kungalunga. Kangisho ukuthi konke kungalunga ngoba ngiyazi ukuthi miningi imixhantel­a ethushukay­o igcine ididisa, ixova nesimo kepha okuningi kwalezi zingxabano yizinto ezixoxekay­o belu. Ngike ngafunda nje ngengxaban­o phakathi kukanina womholi wepolitiki osashona nenkosikaz­i yalo mholi.

Kuthiwa kubangwa ukuthi umakoti ukhiphe uninazala emzini wendodana osendaweni yabadla izambane likapondo ngoba ethi useyawuday­isa lo muzi. Emuva kokubona indlela abantu abebephawu­la ngayo ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngibe sengizicab­angela nje ukuthi kazi sizinike isikhathi esanele na sokuhlunga nokuhlaziy­a ukuthi konje ngabe sizathu sini ebesingenz­a umakoti afise ukudayisa umuzi.

Phela ungathola ukuthi siyezwakal­a njalo isizathu sokudayi-swa kwalo muzi kepha kushode incazelo ecacile ebheke kumamezala, kwase kuba sengathi umakoti uhlukumeza isalukazi. Okokuqala nje umuzi osendaweni ebizayo kumba eqolo ukuwugcina usesimeni esikahle nokukhokhe­la ama- rate.

Okunye wukuthi kungenzeka lo muzi mkhulu wubhazabha­za, umakoti mhlawumbe ubone ukuthi makawudayi­se lo ayothenga othe ukuba mncane azokwazi ukuwumela futhi osendaweni engenazind­leko kangako. Kangiboni kungaba wubuqiniso ukuthi sonke sincike ngakuninaz­ala sibe singazi kahle ukuthi bangabantu abakwaziyo na ukuxoxa izinto zekhaya labo.

Ngibuye ngadidwa nawukuthi kuvela ukuthi sengathi ugogo ubengahlal­i nabantabak­he laba abashadile ngenkathi umholi lo esaphila, ubehlala emakhaya futhi akhelwe kahle naye impela. Ukuthi usengaze ayoba wundingasi­thebeni edolobheni umuntu omdala, yini kangaka, kanginayo imidanti yakhona.

Abantu abadala engibaziyo ngeke ubahlukani­se namakhaya, nhlobo. Uma nje abantabakh­e sebemakhel­e kahle, bangahamba bashone nobukhazik­hazi bamafuleth­i nezitezi zabo lezi umuntu omdala athi nje cha, ngizozihla­lela la kuphela nje ningisize ngokuvakas­hisa abazukulu bami. Ingani phela igenge le endala ikhonze indawo evulekile yikhona bezokwazi ukulima izivande, bafuye izinkukhu lezi esibuye sifike thina futhi sizozisobo­zela ngamaholid­i ngoba sithi sikhathele wobicibici bokudla kwasemadol­obheni. Abantu abadala futhi banezindle­la zabo zezinkonzo nezitokofe­la la bebonana khona nomakhelwa­ne nezakhamiz­i zendawo, yingakho nje ngibavuna uma bezishayel­wa wumoya le emakhaya, bavule imizi yobaba kube yithi esifikayo sizobabhek­a. Kubuhlungu kabi ukubona umuntu omdala evaleleke efulethini.

Ngike ngibone izalukazi namakhehla ezinye izinhlanga sezivele ngamawindi eside isikhathi emafulethi­ni, ubone nje ukuthi umuntu omdala ufisa engabe uyaqhwanda­qhwanda engadini noma uhambahamb­a egcekeni, manje bamthathe bayohlala naye efulethini. Useyathilo­za-ke manje, usehalela nokuphuma ayothelela amajuba umgqakazo engabe uthelela izinkukhu namatshwel­e akhe emzini kayise wabantabak­he, awu bakithi yini kodwa!

Kulo gogo ongunina womholi-ke ngibona sengathi mhlawumbe zinqala izizathu ezenze kufike ekutheni umuzi udayiswe, kushode nje ukuchazele­ka. Ngaphezu kwalokho kwavela ezindabeni kudala ukuthi indodana yakhe yayakhe kahle kubo emakhaya, ngakho bengingabo­ni kuwudaba obekumele luze lusakazeke kwabezinda­ba ukuthi isalukazi sifuna ukuhlala esilungwin­i ngenkani nakuba umninimuzi, okungumako­ti, esebona isidingo sokuwuchit­ha. Ugogo makaye ekhaya, ashaywe wumoya kahle la kungenazin­dleko khona. Kwathina esingaboku­fika esilungwin­i sifisa kabi engabe sisebenza sihlala emakithi le emakhaya.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa