INCANE INTO EQHATHA OMAKOTI NONINAZALA
ANGIKE ngibuke kweminye imizi indlela okulula ngayo ukuhilelana nokugigeka kwemimoya phakathi kukamakoti noninazala bese nento encane ebingaxoxwa igcine isiyimpi engasukumi phansi. Kungenzeka vele ukuthi phakathi kwabo usuke ekhona oneconsi, uyayibona le nhlobo okuze kuthiwe: “Ningamnaki bandla, yisidalo sakhe uneconsi.” Nakomakoti noninazala kuba khona lo ohlala ebheka into angase ayigovuze, agcine eyithola-ke. Inkinga iba sekutheni-ke nalo omunye ahluleke wukweshekelela isimo, asikhalime singayi la iconsi lalo omunye belifuna le nto iye khona.
Uma uchukuluzwa wumuntu ekudonsela odakeni phela kusuke sekumele wena ungafani ngqo naye uvume ukuyobhukuda odakeni ulokhu uphendulana naye, kumele ukhombise ukuphusa okuthe thuthu. Uma omakoti bengavuma ukuthi baze baye laphaya emizini yabantu nje beyogana yingoba basuke benenhloso yokuyokwakha, hhayi yokuphehla udweshu, okunye kungalunga. Kangisho ukuthi konke kungalunga ngoba ngiyazi ukuthi miningi imixhantela ethushukayo igcine ididisa, ixova nesimo kepha okuningi kwalezi zingxabano yizinto ezixoxekayo belu. Ngike ngafunda nje ngengxabano phakathi kukanina womholi wepolitiki osashona nenkosikazi yalo mholi.
Kuthiwa kubangwa ukuthi umakoti ukhiphe uninazala emzini wendodana osendaweni yabadla izambane likapondo ngoba ethi useyawudayisa lo muzi. Emuva kokubona indlela abantu abebephawula ngayo ezinkundleni zokuxhumana ngibe sengizicabangela nje ukuthi kazi sizinike isikhathi esanele na sokuhlunga nokuhlaziya ukuthi konje ngabe sizathu sini ebesingenza umakoti afise ukudayisa umuzi.
Phela ungathola ukuthi siyezwakala njalo isizathu sokudayi-swa kwalo muzi kepha kushode incazelo ecacile ebheke kumamezala, kwase kuba sengathi umakoti uhlukumeza isalukazi. Okokuqala nje umuzi osendaweni ebizayo kumba eqolo ukuwugcina usesimeni esikahle nokukhokhela ama- rate.
Okunye wukuthi kungenzeka lo muzi mkhulu wubhazabhaza, umakoti mhlawumbe ubone ukuthi makawudayise lo ayothenga othe ukuba mncane azokwazi ukuwumela futhi osendaweni engenazindleko kangako. Kangiboni kungaba wubuqiniso ukuthi sonke sincike ngakuninazala sibe singazi kahle ukuthi bangabantu abakwaziyo na ukuxoxa izinto zekhaya labo.
Ngibuye ngadidwa nawukuthi kuvela ukuthi sengathi ugogo ubengahlali nabantabakhe laba abashadile ngenkathi umholi lo esaphila, ubehlala emakhaya futhi akhelwe kahle naye impela. Ukuthi usengaze ayoba wundingasithebeni edolobheni umuntu omdala, yini kangaka, kanginayo imidanti yakhona.
Abantu abadala engibaziyo ngeke ubahlukanise namakhaya, nhlobo. Uma nje abantabakhe sebemakhele kahle, bangahamba bashone nobukhazikhazi bamafulethi nezitezi zabo lezi umuntu omdala athi nje cha, ngizozihlalela la kuphela nje ningisize ngokuvakashisa abazukulu bami. Ingani phela igenge le endala ikhonze indawo evulekile yikhona bezokwazi ukulima izivande, bafuye izinkukhu lezi esibuye sifike thina futhi sizozisobozela ngamaholidi ngoba sithi sikhathele wobicibici bokudla kwasemadolobheni. Abantu abadala futhi banezindlela zabo zezinkonzo nezitokofela la bebonana khona nomakhelwane nezakhamizi zendawo, yingakho nje ngibavuna uma bezishayelwa wumoya le emakhaya, bavule imizi yobaba kube yithi esifikayo sizobabheka. Kubuhlungu kabi ukubona umuntu omdala evaleleke efulethini.
Ngike ngibone izalukazi namakhehla ezinye izinhlanga sezivele ngamawindi eside isikhathi emafulethini, ubone nje ukuthi umuntu omdala ufisa engabe uyaqhwandaqhwanda engadini noma uhambahamba egcekeni, manje bamthathe bayohlala naye efulethini. Useyathiloza-ke manje, usehalela nokuphuma ayothelela amajuba umgqakazo engabe uthelela izinkukhu namatshwele akhe emzini kayise wabantabakhe, awu bakithi yini kodwa!
Kulo gogo ongunina womholi-ke ngibona sengathi mhlawumbe zinqala izizathu ezenze kufike ekutheni umuzi udayiswe, kushode nje ukuchazeleka. Ngaphezu kwalokho kwavela ezindabeni kudala ukuthi indodana yakhe yayakhe kahle kubo emakhaya, ngakho bengingaboni kuwudaba obekumele luze lusakazeke kwabezindaba ukuthi isalukazi sifuna ukuhlala esilungwini ngenkani nakuba umninimuzi, okungumakoti, esebona isidingo sokuwuchitha. Ugogo makaye ekhaya, ashaywe wumoya kahle la kungenazindleko khona. Kwathina esingabokufika esilungwini sifisa kabi engabe sisebenza sihlala emakithi le emakhaya.