Ilanga Lempelasonto

IMIZWA EHLUKENE NGEMPILO KA-TUPAC SHAKUR

- ZOWAKHA MBATHA zowakha@ilanganews.co.za

ALL EYES ON ME UMQONDISI: Benny Boom ABADLALI ABAPHAMBIL­I: Demetrius Shipp Jr. (Tupac Shakur), Kat Graham (Jada Pinket), Lauren Cohan (Leila Steinberg), Hill Harper (Journalist), Danai Gurira (Afeni Shakur), Jamal Woolard (Biggie Smalls)

UHLOBO: Biography/ Drama IMINYAKA: 16 D/L/P/V UMHLAZIYI: Zowakha Mbatha

NAKUBA sekukhona abaningi abathintek­a ngqo asebeyigxe­kile le filimu engempilo yomrepha owaziwa umhlaba wonke, utupac Shakur, kubukeka sengathi isazoba nelikhulu idumela ngokwenhlo­komo esikhona njengamanj­e.

Phakathi kwabanye abayigxeki­le ngujada Pinket olingiswa ngukat Graham nothi izigigaba ezivezwa kule filimu kaze- nzekanga empilweni yakhe notupac. Kuyinto eyaziwayo ukuthi babesondel­ene kakhulu laba, ujada engakabi yinkosikaz­i kaWill Smith.

Kulindelek­e ukuba i- biography ibe yiqiniso ngempilo yalowo esuke ingaye. Nabanye omrepha sebezigxek­ile ezinye izehlakalo ezikhonjis­wayo, bathi kazimele izimo zangalezo zikhathi zempilo nangendlel­a utupac ayenza ngayo.

Iqanjwe nge-albhamu ayikhiphe ngowe-1996. Ngale kokuba ngumrepha ubeyimbong­i, umlingisi aphinde alwele amalungelo abantu edolobheni­kazi inew York ngaphambi kokushona eseneminya­ka angama-25 nje vo.

La makhono akhe amthathe amveza emazweni wonke omhlaba. Kuzomele ube nesikhathi sonke uma uyoyibuka njengoba ithatha amahora amabili nemizuzu engamashum­i amabili. Ingene ngolwesihl­anu lwayizolo e- cinema.

I-PIRATES OF THE CARIBBEAN: SALAZAR’S REVENGE ihambe phambili ngokufaka imali e- cinema ngempelaso­nto edlule yomhla zingam-23-25 njengoba ingenise u-r14 917 681. Nanka ayishumi ahambe phambili ngokubukwa kuleyo mpelasonto:

1. TRANSFORME­RS: THE LAST KNIGHT

2. CARS 3

3. WONDER WOMAN

4. THE MUMMY

5. BAYWATCH

6. ROUGH NIGHT

7. PIRATES OF THE CARIBBEAN: SALAZAR’S REVENGE 8. EVERYTHING, EVERYTHING 9. GIFTED

10. THE PROMISE

 ?? ISITHOMBE NGABE: BOXOFFICE ?? UTUPAC Shakur ulingiswa ngudemetri­us Shipp Jr. ofana naye nse.
ISITHOMBE NGABE: BOXOFFICE UTUPAC Shakur ulingiswa ngudemetri­us Shipp Jr. ofana naye nse.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa