Akulula ukuphatha inkampani yomculo
UKUPHATHA inkampani yomculo kudinga ulwazi olujulile, kungabi wulwazi lomculo kuphela ngoba ziningi izinselelo ikakhulukazi uma isafufusa.
Izinkampani zehlukene kabili - kukhona ezinkulu nalezo ezincane ezizimele.
Inkampani enkulu iba nalezi zinto ezilandelayo: Ophrojusa Izimenenja zabaculi nezayo inkampani.
Omabhalane ababheka ukuthi kukhona yini ukuxhumana enkampanini nabaculi.
Abameli Onjiniyela besitudiyo Imenenja ephathelene nokudayiswa komculo ezitolo.
Imenenja ephathelene nokukhangiswa komculi kwabezindaba, emisakazweni nakomabonakude.
Obhekene nezindaba zokuholelwa kwabaculi nezimali ezingenayo nezintela kanjalo.
Inkampani encane ebizwa ngeindependent kuvamise ukuba iphathwe ngumuntu oyedwa. Lowo muntu kumele abe nalo lonke ulwazi lwalezi zinto esizibale ngenhla, ngisho noma angaqasha azosebenza nabo, kubalulekile ukuba azazi izibalo, amalungelo abaculi, imithetho elawula ezomculo emhlabeni jikelele, ngisho ezokuphepha imbala.
Kuyinkinga uma umphathi wenkampani engayanga esikoleni ngoba kunezikhathi lapho kufanele alawule umkhulumeli wenkampani ezwe ukuthi ubeke ngakho yini.
Kuba yinkinga uma umkhulumeli esekhuluma nabezindaba ngolimi lukajoji bese kubuzwa yena ukuthi unalo yini ulwazi noma angayiqinisekisa yini inkulumo ethile bese kutholakala ukuthi kuduma upotiyane.
Endimeni yezomculo noma inkampani ingenza kahle kepha uma ingahambisani nemibandela elawula abaculi ikusasa layo lisuke lifiphele. Ukwenza isibonelo, ukungalawulwa kwezimali ngendlela wumnikazi wenkampani kungayiwisa ekuseni.
Abaphathi bezinkampani mabazi ukuthi ibhizinisi lomculo ngumlilo wamaphepha - uba yilangabi manje kusasa awube usabona nokuthi like laba khona.
Kuhle bazi abaphathi bezinkampani zomculo ukuthi abaculi abathenjwa, bangomalalephenduka, kungenzeka noma yini bahlu- thukelwe yizinhliziyo badube baphume bayishiye inkampani. Uma bethanda sebesukwe ngamabhungane abo bayagoloza bangabe besafuna ukucula yize besayinde isivumelwano, ngeke baphoqwe ukuba bacule ngenkani.
Ulwazi esinalo lusifundise ukuthi iningi labaculi ikakhulukazi abaneziphiwo bangonhliziyo hluthu, ungaze ubaqambe igama uthi ngo"mdubane” ngoba bayashesha ukuduba.
Kuyadumaza ukubona inkampani yenza kahle kungekudala isibangwa nezibi ngenxa yokuswela ulwazi kwabaphathi bayo.