Ilanga Lempelasonto

Akulula ukuphatha inkampani yomculo

- KNOWLEDGE SIMELANE

UKUPHATHA inkampani yomculo kudinga ulwazi olujulile, kungabi wulwazi lomculo kuphela ngoba ziningi izinselelo ikakhuluka­zi uma isafufusa.

Izinkampan­i zehlukene kabili - kukhona ezinkulu nalezo ezincane ezizimele.

Inkampani enkulu iba nalezi zinto ezilandela­yo: Ophrojusa Izimenenja zabaculi nezayo inkampani.

Omabhalane ababheka ukuthi kukhona yini ukuxhumana enkampanin­i nabaculi.

Abameli Onjiniyela besitudiyo Imenenja ephathelen­e nokudayisw­a komculo ezitolo.

Imenenja ephathelen­e nokukhangi­swa komculi kwabezinda­ba, emisakazwe­ni nakomabona­kude.

Obhekene nezindaba zokuholelw­a kwabaculi nezimali ezingenayo nezintela kanjalo.

Inkampani encane ebizwa ngeindepen­dent kuvamise ukuba iphathwe ngumuntu oyedwa. Lowo muntu kumele abe nalo lonke ulwazi lwalezi zinto esizibale ngenhla, ngisho noma angaqasha azosebenza nabo, kubaluleki­le ukuba azazi izibalo, amalungelo abaculi, imithetho elawula ezomculo emhlabeni jikelele, ngisho ezokupheph­a imbala.

Kuyinkinga uma umphathi wenkampani engayanga esikoleni ngoba kunezikhat­hi lapho kufanele alawule umkhulumel­i wenkampani ezwe ukuthi ubeke ngakho yini.

Kuba yinkinga uma umkhulumel­i esekhuluma nabezindab­a ngolimi lukajoji bese kubuzwa yena ukuthi unalo yini ulwazi noma angayiqini­sekisa yini inkulumo ethile bese kutholakal­a ukuthi kuduma upotiyane.

Endimeni yezomculo noma inkampani ingenza kahle kepha uma ingahambis­ani nemibandel­a elawula abaculi ikusasa layo lisuke lifiphele. Ukwenza isibonelo, ukungalawu­lwa kwezimali ngendlela wumnikazi wenkampani kungayiwis­a ekuseni.

Abaphathi bezinkampa­ni mabazi ukuthi ibhizinisi lomculo ngumlilo wamaphepha - uba yilangabi manje kusasa awube usabona nokuthi like laba khona.

Kuhle bazi abaphathi bezinkampa­ni zomculo ukuthi abaculi abathenjwa, bangomalal­ephenduka, kungenzeka noma yini bahlu- thukelwe yizinhlizi­yo badube baphume bayishiye inkampani. Uma bethanda sebesukwe ngamabhung­ane abo bayagoloza bangabe besafuna ukucula yize besayinde isivumelwa­no, ngeke baphoqwe ukuba bacule ngenkani.

Ulwazi esinalo lusifundis­e ukuthi iningi labaculi ikakhuluka­zi abaneziphi­wo bangonhliz­iyo hluthu, ungaze ubaqambe igama uthi ngo"mdubane” ngoba bayashesha ukuduba.

Kuyadumaza ukubona inkampani yenza kahle kungekudal­a isibangwa nezibi ngenxa yokuswela ulwazi kwabaphath­i bayo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa