Ilanga Lempelasonto

Babalekisw­a yimali kwidowns

Kuthiwa ibeke u-r10 million kofuna abadlali bayo

- MFANAFUTHI NDLOVU

BAMBA eqolo abadlali bemamelodi Sundowns ababambe elikhulu iqhaza ekutheni ibidvest Wits inikwe umqhele wokuba yizingqwel­e ze-absa Premiershi­p zesizini edlule yezi-2016/2017.

ILANGA Langesonto lithole ukuthi izitshuden­i zinqume ukuthi babuyele kwidowns ucuthbert Malajila nomogakolo­di Ngele emuva kokuba amasandawa­na ebeke intengo ka-r10 million umdlali emunye. Iwits ifake isicelo sokuthenga laba badlali kwidowns emuva kokuphela kwesivumel­wano sesizini sokuboleka­na ngabo.

Lesi sicelo kuthiwa sihlangabe- zane nembibizan­e ngesikhath­i idowns ibeka leli tshe lemali ekhanda lalaba badlali asebeke baphumela eshashalaz­ini phambilini ngokuthi bangakujab­ulela ukuqhubeka nokudlala kwiwits ethuse abalandeli abaningi bebhola phakathi nesonto isayinisa udaylon Claasen obegijima kwi1860 Munich yasegerman­y.

Leli phephandab­a lithinta ujose Ferreira oyisikhulu esiphezulu sewits ngalolu daba, uthe sebepho-nse ithawula ngalaba badlali ekhala ngokumba kwabo eqolo.

Uthi kumanje bamatasa babheka emakethe ukuthi ngeke babathole yini abanye ukuzovala ngabo izikhala.

“Nakuba ngingafuni ukukhulu- ma ngenani kodwa sesikhohli­we ngabadlali besundowns kwazise babiza kakhulu.

"Kumanje sibheka abanye emakethe. Nakhona kunzima kakhulu ukubathola kwazise abaphathi bamakilabh­u bababizisa kakhulu abadlali okwenza kube nzima kithina esiphethe amakilabhu amancane.

“Kumele sizame ngazo zonke izindlela ukuhlangan­isa ikilabhu eqinile ezokwakhiw­a ngabadlali ababiza kahle. Kubukeka sizogcina siphoqelek­a ukubheka emazweni angaphandl­e,” kusho uferreira.

Ebuzwa ngokufuna kwale kilabhu uthamsanqa “General” Sangweni ongukapute­ni wechippa United uferreira uthe: “Usangweni ungumdlali omuhle impela kodwa inkinga enkulu wukuthi baningi abadlali esinabo ekilabhini abagijima esiswini. Ngeke kuwenze umehluko ukujaha ukumusayin­isa. Kumele sibheke ukuthi kuzolunga yini ukufaka umdlali onjengaye emabhukwin­i ekilabhu.”

Leli phephandab­a lithole ukuthi ungele nosangweni bacathanye­lwa nayicape Town City esanda kuqasha ubenni Mccarthy njengomqeq­eshi omusha. Ngolwesihl­anu icity isayinise ulyle Lakay ogijima emuva kwesobunxe­le obekwibloe­mfontein Celtic ngesizini edlule. Usayine inkontilek­a yeminyaka emithathu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa