Ilanga Lempelasonto

INSIKA YEBAFANA ISAKUHALEL­A UKUBUYELA E-ENGLAND

- MFANAFUTHI NDLOVU

SISALUBALU­BELA ukubuyela e-england isilomo sesuperspo­rt United esibambe elikhulu iqhaza ekutheni le kilabhu ibalwe nahambe phambili ebholeni laseningiz­imu Afrika ngesizini edlule.

Nakuba eseneminya­ka yobudala engama-29 udean “Mlungu” Furman oyinjini yesuperspo­rt kodwa utshele ILANGA Langesonto ukuthi usenephuph­o lokubuyela e-england ezeseka ngokuthi umndeni wakhe uzinze khona. Lo mdlali ukhulume naleli phephandab­a ngaphambi kokubamba indiza ebheke eguinea emdlalweni nehoroya ngaphansi kwecaf Confederat­ions Cup. Lo mdlalo wesigaba samaqoqo ubuyi- zolo ebusuku.

Ufurman oyinsika naseqenjin­i lesizwe lakuleli, ibafana Bafana, uthi yize esasalelwe ngamasizin­i amabili kwinkontil­eka yakhe nesuperspo­rt futhi esakuthoko­zela ukudlala kuleli kodwa usenalo iphupho lokubuyela kwelamangi­si.

Lo mdlali ubambe elikhulu iqhaza ekutheni i-orlando Pirates iqede isizini ishwiba izandla ngenxa yeminyakaz­o emihle ayikhombis­e kowamanqam­u wenedbank Cup ngeledlule ethekwini. Kulo mdlalo ufurman uqokwe njengomdla­li ovelele kanti ezakhe ziwunqobe ngo-4-1. Empeleni bekumele zidlule kuwona ngembudlu yamagoli ngenxa yomphuphe webhola obugijinyw­a ngamabhaka­bhaka.

Lo mdlali ujoyine isuperspor­t esuka kwidoncast­er Rovers yaseEnglan­d engayivuse­lelanga inkontilek­a yakhe. Kuke kwavela imibiko ebithi ufunwa nayikaizer Chiefs ngesikhath­i ebuyela kuleli.

“Silwela ukuziqophe­la umlando wethu nesuperspo­rt e-afrika njengoba sisayibamb­e kahle khona. Ngisajabul­e kakhulu kule kilabhu yize ngingathan­da ukubuyela e-england uma ithuba livela. Nginqume ukujoyina isuperSpor­t ngoba yiyona eyeza nento ebambekayo kimina.

"Amanye amakilabhu ngagcina ukuzwa ngawo ukuthi ayangifuna kwabezinda­ba okwenza kangaze ngakufaka ekhanda ngoba akekho kuwona oweza kimina,” kusho ufurman.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa