Ilanga Lempelasonto

Umqeqeshi wegermany uzishaya isifuba

-

UYAZIQHENY­A ngomsebenz­i omuhle wabadlali bakhe abancane ngeminyaka yobudala ujoachim Loew ( osesithomb­eni) ongumqeqes­hi wegermany ezodudulan­a nechile kowamanqam­u wefederati­on of Internatio­nal Football Associatio­n (Fifa) Confederat­ions Cup namuhla ngesonto ngo-20h00 erussia.

Lo mqeqeshi ushiye izinsika zeGermany eziyisize inqoba indebe yomhlaba ngowezi-2014 ebrazil. Uzeseke ngokuthi ufuna ukuba nabadlali abaningi azokhetha kubona inqanawe yesikwati azovikela ngaso indebe yomhlaba ezogijinye­lwa erussia ngonyaka ozayo.

Ngaphezu kwalokhu, uthi ufuna abadlali abancane bakujwayel­e ukudlalela izwe ukuze nxa sebekhatha­la abadala angaqali phansi wonke umsebenzi. Abadlali bakhe abancane benza kahle kakhulu njengoba kumanje uleon Goretzka oneminyaka engama-22 ubudala notimo Werner onengama-21 behamba phambili ngamagoli amathathu kulo mqhudelwan­o. Laba badlali bavalele amagoli amqoka igermany ibhudluza imexico ngo-4-1 kowandulel­a owamanqamu. Ichile ihlule iportugal sekukhahle­lwa amaphenath­i ukuzibekis­ela indawo kowamanqam­u.

Ichile negermany badlale ngokulinga­na kuba ngu-1-1 esigabeni samaqoqo.

Uloew uthi ubengakubh­ekile ukunqoba lo mqhudelwan­o, kodwa abadlali bakhe bona bawubheke ngabomvu.

“Mina sengikutho­lile ebengikufu­na. Sengibonil­e ukuthi sinekusasa eliqhakazi­le egermany njengoba abadlali bethu abancane abaqalayo ukudlalela izwe begila izimanga. Akukholaka­li ukuthi lesi sikwati sibunjwe emasontwen­i ambalwa ngaphambi kokuza kulo mqhudelwan­o.

“Abadlali bathi bafuna ukuyijuqa ichile. Bakholwa wukuthi bekumele bawunqobe umdlalo wamaqoqo. Okuhle nje wukuthi baneme ngokweqile ekhempini okuyinto engibona izobenza banqobe le nkomishi. Ichile inzima futhi ngiyazi ukuthi izokwenza konke okusemandl­eni ukuze isehlule. Nokho-ke nathi sihlomile yize sisebenzis­a abadlali abangenaso isipiliyon­i,” kusho lo mqeqeshi.

Imexico izodudulan­a neportugal namuhla ngesonto ngo-14h00 kowokubang­a indawo yesithathu emoscow.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa