Ilanga Lempelasonto

Ingozi enyonyobel­a usuthu nethanda

- PHILANI NCALANE

NGIYIBONA ivuthwa indlela ebheke ehlathini kwikilabhu ezogcina igijima kwi-absa Premiershi­p ngesizini ezayo phakathi kwethanda Royal Zulu namazulu FC abasalinde isinqumo esiwujuqu kwiPremier Soccer League (PSL) ngokuphasi­swa kwesicelo sabo sokudayise­lana.

Ithanda idayisela usuthu ilungelo lokudlala kwipremier­ship. Lolu daba beluhlalel­we yinational Executive Committee (NEC) YEPSL ngolwesine. Kuthiwa IPSL ivumile ukuthi la makilabhu athengisel­ane, kodwa idinga izinto ezithile bese usuthu lunikwa igunya lokugijima kwipremier­ship. Kuthiwa kumele kuhanjiswe ubufakazi bokukhokhe­lana isamba okudayisel­wana ngaso nesiqinise­ko sekusasa labadlali bawo womabili la makilabhu.

Lokhu IPSL ikwenzela ukungangen­i ehlazweni abadlali bebalisa ngokuthi baxoshwe yikilabhu ethile ekubeni bebenezink­ontileka.

Ukudonsa kwalolu daba ngikubona kuyingozi enyonyobel­a ikilabhu ezogcina isigijima kwipremier­ship. Kumanje usuthu aluqondaka­li ukuthi lwenza amalungise­lelo okudlala kwipremier­ship noma okuqhubeka kwinationa­l First Division (NFD). Lesi yisikhathi sokungena emakethe nokuhlela amakhempu nemidlalo yobungani ngaphambi kokuqala kwesizini.

Awukwazi ukulungise­lela ipremiersh­ip sekusele amanenjana ezinsuku kuvulwe imidlalo yepremiers­hip.

Ukunyonyob­a kwalezi zihlelo kuzoholela ekutheni usuthu lugcine lusayinisa uvucu olulaxazwe ngamanye amakilabhu. Lokhu ngikubona kufana nekilabhu engene kwipremier­ship ngokunqoba amaplay off njengoba phambilini ebephela sekusele isikhashan­a kuqale isizini.

Ijomo Cosmos kuke kwayenza lokhu inqoba ama- play off amakilabhu esebuya emakhempin­i okulungise­lela isizini entsha yavika izembe zisuka nje. Bebengasek­ho abadlali emakethe kwathi abangaphan­dle kwathatha isikhathi ukuthola izimvume zokusebenz­a kuleli.

Iqhathwe namakilabh­u amakhulu imidlalo ilandelana yavika izembe zisuka nje ebhandeni. Lesi simo ngisibona sizogadla kabuhlungu osuthwini. Nakwithand­a kuzokuba ngesifanay­o nxa IPSL igcina ngokukuchi­tha ukuthe- ngiselana kwabo. Yize upierre Delvaux ongumnikaz­i wethanda ebeka izizathu zokuntula imali yokuqhubek­a nekilabhu, kodwa abanye bathi ubalekela ukuthi kungenzeka aboshelwe amanqina enyathi ukuze abuyele ehlathini kwazise akanuki amakha amnandi kwabathile kwipsl njengoba eke wajikijela le nhlangano kwicourt of Arbitratio­n for Sport (Cas) kubangwa ukuthi kungani kunyuselwe kwipremier­ship ipolokwane City ekubeni nayo ibitelekil­e ngesikhath­i kunesitele­ka samakilabh­u akwinfd esiholele ekutheni isizini isongwe imidlalo ingalingan­i.

Abantu bebhola bayaziwa ukuthi baphila ngenzondo namagqubu. Ngokweso lebhizinis­i udelvaux uthathe isinqumo esifanele njengoba ezokwenza imali eshisiwe ngokutheng­isa kunokungen­a kwipremier­ship enovalo lokugencwa yizembe. Nokhoke kungaba yishwa nxa usuthu lunganikwa igunya lokudlala kwipremier­ship bese ludliwa yizembe ngokusongw­a kwesizini.

Phela lokhu kuzokube kusho ukuthi luthathe izigidi zemali lwaziphons­a olwa- ndle, okubukeka kunganembi kahle ngokweso lebhizinis­i. Nokho usuthu luholwa ngabantu abavuthiwe kwezobuhol­i engicabang­a ukuthi bakhumbula kahle ukuthi luthenge ilungelo ledynamos kapat Malabela lokudlala kwipremier­ship nangowezi-2006.

Beluhlale lusengcuph­eni yezembe kwaze kwaba liyayigoje­la kumasizini ambalwa edlule. Imali kamalabela ikhokhwe sekujikije­lwana ezinkantol­o.

Okungishay­isa ngovalo ngosuthu wukuthi awukwazi ukuhluleka ukungena ngezikhwep­ha zakho kwipremier­ship bese uthembela ekuthengen­i igunya. Ukungangen­i kwipremier­ship ngokwami kuchaza ukuthi usuthu kalukulung­ele ukudlala kulesi sigaba.

Ingane engaphumel­elanga ebangeni elithile iphinda ikilasi elifanayo ngonyaka olandelayo. Leyo ngane isuke ithathwa ngokuthi ngisho ingadudulw­a kodwa ngeke nangengozi iphumelele ebangeni elilandela­yo ngoba isuke isafanelwe yileli elifeyilil­e. Okuhle kunakho konke nje wukuthi ikwazuluNa­tal izokuba namakilabh­u amathathu kwipremier­ship ngesizini ezayo kungakhath­aleki ukuthi IPSL ithatha siphi isinqumo njengoba kunelamont­ville Golden Arrows nemaritzbu­rg United.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa