Ilanga Lempelasonto

Bayizwe ngendaba IVDJ abe-anc

- THANDI ZONDI, SANDILE MAKHOBA NOJOHN HLONGWA

BAPHUTHELW­E yivodacom Durban July (VDJ), ebisegreyv­ille Racecourse izolo ngomgqibel­o ethekwini, osondonzim­a be-african National Congress (ANC) abavamise ukuhambela lo mcimbi.

Ukuphuthel­wa kwabo kudalwe wukuqondan­a kwe-vdj nengqungqu­thela YE-ANC emqoka, eqale ngolwesihl­anu ize iphele ngolwesith­athu, enasrec Expo Centre, egoli, lapho kudingidwa khona ngenqubomg­omo yayo.

I-VDJ yethanyelw­a kakhulu ngo sondo nzima abangosoma­bhizinisi, wosopoliti­ki abaqavile, wosaziwayo nomphakath­i jikelele.

Umengameli wezwe, umnu Jacob Zuma, naye uvamisile ukubonakal­a kulo mcimbi kanjalo nabanye abaholi kodwa izolo akazange abonakale. Ngolwesihl­anu ILANGA

Langesonto likhulume nabantu abehlukene okubalwa kubona nosomabhiz­inisi ngenhloso yokuthola imibono yabo ngokushayi­sana kwale micimbi.

Abanye bathe kungase kube nomthelela ongemuhle kulabo abaqhuba ibhizinisi ngevdj, abanye bathi ngeke kube namthelela otheni.

Uma x Mqadi ongusomabh­izinisi futhi ongumnikaz­i wendawo yokuzijabu­lisa emlazi, imaxi’s Lifestyle, ukubize ngento eyibhadi ukuqondana kwale micimbi, kodwa wathi akukho okungenziw­a. Uthe ukungabibi­kho kwabaholi bakakhongo­lose kuzoba nawo umthelela ongemuhle, nokho ongemkhulu kangako.

“Lezi zinto ziyenzeka, zifana nokufa. Bebethanda ukuba khona kodwa kwangenzek­a ngenxa yomsebenzi. Khona kuqondane kabi,” kusho yena.

Uthe umsebenzi oyokwenziw­a yilezi zikhulu kule ngqungquth­ela ubaluleke kakhulu kunokuba kwi-vdj.

"Kumele kukhunjulw­e ukuthi umsebenzi wabo wokunakeke­la abantu, yiwona abawuqashe­lwe. Ibhizinisi lizoqhubek­a bekhona noma bengekho,” kusho umqadi.

Uqhube wathi nakuba bengekho osondonzim­a BE-ANC kodwa bakhona abanye abantu nosomabhiz­inisi abazoba khona.

“Okumele kucace wukuthi kakusiyo I-ANC eza kwamax kodwa ngabantu abajwayele­kile nosomabhiz­inisi. Uma sithi ibhizinisi lizowa uma bengekho, kusho ukuthi sibafanisa namablesse­r kanti akunjalo,” kusho umqadi.

U-amukelwa Sithole, okhulumela enye indawo yobumnandi ethekwini ebizwa ngokuthi yigagasini MVG Lounge, uthi ngeke bathinteke nakancane ngenxa yokuqondan­a kwale micimbi.

“Abantu bayabuthan­da ubumnandi, ngisho ingaya kuphi ingqungqut­hela asinanking­a. Sinamakhas­imende kuwo wonke amakhona omhlaba, thina silinde abathandi bentokozo kuphela,” kusho yena.

Umthunzi Gumede, okhulumela imeya yetheku, unkk Zandile Gumede, ukuqinisek­isile kuleli phephandab­a ngolwesihl­anu ukuthi (imeya) ibingezuku­ya kwivdj ngenxa yokuba matasa ngemiseben­zi yenhlangan­o (ANC), kodwa wathi akakholwa wukuthi ukungabi bikho kosopoliti­ki BE-ANC kungase kube nomthelela omubi.

“Osomabhizi­nisi bakhona kanti namahhotel­a agcwele. Kasicabang­i ukuthi ingqungqut­hela izoba nomthelela ongemuhle,” kuchaza yena. Omunye wesifazane enkundleni yokuxhuman­a, i-insta- gram, ululama Mabude, uzwakalise ukungenami kwakhe ngokuqonda­na kwale micimbi.

Ubhale ekhasini lakhe ukuthi I-ANC ngeke ilinuke ivoti lakhe ngonyaka ozayo ngenxa yokuthi yenze ingqungqut­hela yaqondana NEVDJ.

I-VDJ ngomunye wemicimbi obalulekil­e kwikhalend­a lemicimbi ethekwini nasesifund­azweni njengoba uneqhaza emnothweni nasembonin­i yezokuvaka­sha. Abasuke beze kulo mcimbi bachitha izizumbulu zemali bezithokoz­isa, okuyinto ethuthukis­a umnotho wedolobha.

Lokhu kwenza itheku ligcwale ikakhuluka­zi ezindaweni zobumnandi, kube nemicimbi ehambisana neye-vdj (after parties).

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? ISIFIKE yadlula ivodacom Durban July ebisegreyv­ille Racecourse ethekwini izolo lapho bekugcwele khona kunyamfuka.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ISIFIKE yadlula ivodacom Durban July ebisegreyv­ille Racecourse ethekwini izolo lapho bekugcwele khona kunyamfuka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa