Ilanga Lempelasonto

SIHLAZIYA AMA-CD

-

UMCULI: THANDEKA RADEBE ISIHLOKO: BAYEKE BAHLEKE UHLOBO LOMCULO: UMASIKANDI OXUBE IGOSPEL UNYAKA: 2017 AMAPHUZU: 6/10

IHLASELA ngephimbo le ntokazi. Iwuhlangan­ise kamnandi umculo kamasikand­i nowokholo. Izinsimbi namaphimbo kuhlangani­swe kamnandi, ungacishe uvukwe ngumoya uma uyilalele, kuyasho ukuthi umculo wamazayoni ungaphakat­hi kuyo. Ngeke bazisole abazoyithe­nga lealbhamu.

I-albhamu inezingoma eziyi-10, phakathi kwazo kukhona nebayeke bahleke, Ayingeni imithwalo nethi Ngena nami. Utholakala enombolwen­i kamakhalek­hukhwini ethi 074 610 6841.

UMCULI: BUHLE B ISIHLOKO: JAWEH IS YOUR NAME

UHLOBO LOMCULO: GOSPEL UNYAKA: 2017 AMAPHUZU: 5/10

UBUHLE ucula i-gospel epholile, ehamba negazi. Le albhamu idle ngezingoma eziqanjiwe ezixoxa indaba yevangeli. Ulandela isitayela sokubalisa nokukhala nokunxusa ngephimbo lakhe. Abamdlalel­a izinsimbi sengathi bangazinik­a isikhathi bamthakele imisindo ehambisana nezingoma zakhe bese uphrojusa wakhe ambonise ukushintsh­a okhiye acula ngabo ngokwezing­oma, angaculi ngenothi elilodwa. Ziyi-14 sezizonke izingoma. Inombolo atholakala kuyo ithi 079 673 2166.

UMCULI: MSHIKASHIK­A ISIHLOKO: KUFEZIWE UHLOBO LOMCULO: UMASIKANDI WALEMIHLA UNYAKA: 2017 AMAPHUZU: 5/10

UMSHIKASHI­KA uyagalela. Iyasho intambo, izingoma zakhe zimnandi, zishaya khona. Zihlelekil­e futhi zinezithak­o ezidingeka­yo emculweni. Kule albhamu izingoma zinomehluk­o kwezinye.

Ziyi-13 izingoma sezizonke, zilamana kanje: Omalume banonya, Kufa, Half ground, Ekhweni lami, Igomondela, Was nice to be with you, John Cena, Kugiya mina, Wedlule, Ahambile amaqhawe, Thandeka, ne-remix. Batholakal­a enombolwen­i kamakhalek­hukhwini ethi 078 559 3645.

UMCULI: PHUMLANI HADEBE ISIHLOKO: ANGIKAZE NGIMBONE

UHLOBO LOMCULO: GOSPEL UNYAKA: 2017 AMAPHUZU: 6/10

IKHUPHULA isithunywa le nsizwa ngephimbo layo. Ingoma yokuqala isho ufise ukuyizwa neyesibili. Kumele kube njalo kubahleli bezingoma. Bazoyithok­ozela abathandi be-gospel le albhamu.

Ziyi-14 sezizonke izingoma kule albhamu, phakathi kwazo kukhona nezithi Uphakeme, Hlala kuye nekhumbula umenzi. Utholakala enombolwen­i kamakhalek­hukhwini ethi 073 900 7537. knowledge.simelane@ilanganews.co.za

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa